Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Impicabadala KaShakespeare Isihloko esithi “Inqabakayitshelwana KaWilliam Shakespeare” (August 8, 1998) sangishukumisela ukuba ngiphenyisise. Incwadi ka-Eric Sams ethi The Real Shakespeare: Retrieving the Early Years yaveza amaphuzu athile athakazelisayo. Ngokwesibonelo, singathola izimpendulo zemibuzo eminingi ngokuqonda ukuthi uShakespeare kungenzeka wayengumKatolika ezweni laseNgilandi elalibuswa amaProthestani. Ukubalekela kwakhe ukushushiswa okungokwenkolo kungenzeka kwaba yinkathi yokuphila kwakhe ebizwa ngokuthi iminyaka eyalahleka. Futhi izincwadi okuthiwa zalotshwa uShakespeare zinokulandisa okuningi okukhuluma ngokuphila kwakhe kwasebuntwaneni. Amagama abalingiswa abaningi athathwe phakathi kwamagama amalungu omkhaya wakhe nabangane, kuhlanganise negama elithi Hamlet—igama lendodana yakhe. Imidlalo yakhe yaseshashalazini inemininingwane eminingi okungenzeka ukuthi wayeyisekela olwazini ayenalo ezintweni ezinjengokuhlinza izilwane.
J. A., United States
Kubonakala sengathi impikiswano eqhubekayo ngale mbongi ayinakuxazululwa ngokushesha. Noma kunjalo, siyawazisa la maphuzu.—ED.
Abathandi Bezinyoni Ngiyabonga ngokuyichaza kwenu kahle kangaka indalo kaJehova emangalisayo esihlokweni esithi “I-cock of the Rock—Ubuhle Basehlathini Lase-Amazon.” (September 22, 1998) Isihloko senu sangithatha ngeso lengqondo sangibeka ehlathini lase-Amazon okwesikhashana.
E. L. V., Brazil
Ngandlela-thile, lesi sihloko sangikhanga ngendlela ehlukile. Sabhalwa kahle kakhulu, futhi sagcizelela ukuthi uJehova wenza zonke lezi zidalwa ukuze sizijabulele!
L. H., Barbados
Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Ukubuka Izinyoni—Ingabe Kuwukuzilibazisa Okuthandwa Yibo Bonke Abantu?” (July 8, 1998) Kodwa i-hummingbird, enathi ivela ‘eMelika ENyakatho/Ephakathi,’ iyatholakala naseNingizimu Melika.
J. P., Argentina
Amagama achaza leso sithombe ayengaphelele, futhi siyakwazisa ukucaciswa kwale ndaba.—ED.
Ukugxilisa Ingqondo Ingqondo yami yayizula lapho uthisha ekhuluma. Kodwa isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingayigxilisa Kanjani Ingqondo Yami Ezintweni?” (September 22, 1998) singisize ukuba ngishintshe imikhuba yami ekilasini. Selokhu ngafunda isihloko senu, ngiye ngayinqoba le nkinga, futhi manje sengiyalalela.
M. A. M., Brazil
Nginenkinga yokugxilisa ingqondo. Ngangingaqapheli ukuthi okudingekayo ukuze ugxilise ingqondo ukuzimisela okuncane nokuzikhuza. Lokhu kuzoba umsebenzi omkhulu, kodwa ngicabanga ukuthi ngizophumelela!
D. R. A., United States
I-Phaphama! inokwaziswa okuningi okuthandwa yintsha, njengami nje. Ngazuza kulesi sihloko ngoba nginenkinga yokungakwazi ukugxilisa ingqondo. Ngibonga kakhulu.
M. N., Italy
Izitimela Ngakujabulela kakhulu ukufunda isihloko esithi “Ingabe Umzila Wensimbi Uyohlala Ukhona?” (October 8, 1998) Bengilokhu ngizithanda izitimela kusukela ngisengumfanyana. Ukwaziswa kwenu komlando wemizila yezitimela kusukela ekuqaleni kwawo-1800 kuze kube namuhla kwakunembile ngempela. Ngiyabonga ngalesi sihloko esimnandi.
L. M., United States
Ngisebenza kwenye yamafektri ezitimela athuthuke kakhulu emhlabeni, futhi ngiyanincoma ngokubhala isihloko esihle kangaka. Ukwaziswa kwenu kwakuyiqiniso futhi kubhalwe ngobuciko. Ngingathanda ukuphawula nje ukuthi ezinye izitimela ezinesivinini esikhulu zakhiwa nge-aluminium esikhundleni sensimbi. Njengoba kwabonakala engozini yesitimela eJalimane muva nje, kungenzeka ukuthi ukuhamba ngesivinini esiphakeme kunciphisa ukuphepha.
I. D. C., Portugal