Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuhlinza Mina nomyeni wami sibonga uJehova kakhulu ngesihloko esithi “Ukuhlinza Ngaphandle Kommese.” (February 22, 1998) Umyeni wami kwakumelwe ayohlinzwa ubuchopho ngenxa yokukhubazeka kwemithambo yegazi. Lesi sihloko saphendula imithandazo yethu. Umyeni wami wahlinzwa ngendlela okukhulunywe ngayo kulesi sihloko, futhi manje ungumqemane.
L. J., United States
Amaphephandaba AseRussia Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Amaphephandaba AseRussia Adumisa OFakazi BakaJehova.” (February 22, 1998) Ngifisa ukunazisa ukuthi akuqali ukuthi lapho ngifunda isihloko senu ngifikelwe izinyembezi. Kuhle ukwazi ukuthi ngolunye usuku wonke umhlaba uyoba muhle njengamahhovisi egatsha amasha oFakazi BakaJehova eSolnechnoye.
I. C. S. A., Brazil
Ubaba Ongakholwa Uyashintsha Isihloko esithi “Inhliziyo Yakhe Yathinteka” (February 22, 1998) sangenza ngacabanga ngomkhaya wami. Umyeni wami naye akakholwa. Lesi sihloko sanginika ithemba lokuthi ngolunye usuku inhliziyo yakhe ingase ithinteke.
S. M., United States
Umkhaya Umelana NamaNazi Ngangiqala ukufunda okuhlangenwe nakho okuhle kangaka kukaHorst Henschel, esihlokweni esithi “Ngashukunyiswa Ukwethembeka Komkhaya Wakithi KuNkulunkulu.” (February 22, 1998) Kwadingeka ngihlabe ikhefu kaningi phakathi nezigaba ukuze ngisule izinyembezi. Ngokuqinisekile uyise kaHorst wayengumuntu obekezelayo ngaphansi kokucindezela, futhi isibonelo sakhe ngiyohlala ngisazisa.
A. K., United States
Kwangithinta ngempela okuhlangenwe nakho kukaHorst Henschel. Isibindi nothando lwakhe ngoJehova kwangishukumisa. Angisoze ngawakhohlwa amazwi amkhuthaza lapho esejele: “Ningabesabi ababulala umzimba.”
J. V. S., Brazil
Ngineminyaka eyishumi ubudala, futhi ngifisa ukunitshela ukuthi kukhuthaza kakhulu kangakanani ukwazi indlela oFakazi BakaJehova ababephila ngayo ngaleso sikhathi—ukuthi uma babengasho ukuthi “Heil Hitler!” babengase babulawe. Kodwa oFakazi bama beqinile futhi abazange bakusho lokho.
R. B., United States
Ukuziqhenya Ngohlanga Ngakujabulela ukufunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Yini Engalungile Ngokuziqhenya Ngohlanga?” (February 22, 1998) Ngiye ngabuzwa izikhathi eziningi ukuthi, “Ungowaluphi uhlanga?” Njengoba ngingalwazi uhlu lozalo lwakithi, bengivele ngiphendule sakudlala ngithi, “Ngiyi-mongrel!” Isikhonzi esijikelezayo sathi, “Uma othile ekubuza ukuthi ungumhlobomuni, ubomane nje uthi, ‘Ngingomunye woFakazi BakaJehova.’” Ngiyaziqhenya ngokuba senhlanganweni ebheka zonke izinhlanga njengezilinganayo.
D. H., United States
Ngineminyaka engu-14 ubudala futhi ngifisa ukunibonga ngalesi sihloko. Ukuziqhenya kwami ngohlanga kwase kuphenduke kwaba ubuzwe. Lesi sihloko sangenza ngaqonda ukuthi sonke siyalingana emehlweni kaJehova.
I. P., Italy
Lapho ngisemncane, izingane eziningi engangifunda nazo zaziziqhenya ngohlanga nebala lazo, zithi zidabuka kubantu baseSpain, kanti mina ngingowesizwe nje esincane. Ngaqala ukuzinyeza futhi ngaphelelwa ukuzihlonipha. Ngezinye izikhathi ngiyaye ngibe nomuzwa wokuthi, ‘Ngiyalizonda ibala lami!’ Iseluleko esikulesi sihloko sangisiza ukuba ngivuselele ukuzihlonipha futhi ngizizwe nganelisekile ngalokho uJehova anginike kona.
A. G., Philippines
Benginombono ophambene ngempela, ngicabanga ukuthi abantu abazalelwe emazweni acebile baphakeme. Isihloko senu sangisiza ngabona ukuthi empeleni kunohlanga olulodwa kuphela—uhlanga lwesintu.
L. G., Brazil