Izigidi Ziyaya—Wena?
ABANTU abangaphezu kwezigidi ezingu-8 emhlabeni wonke baya emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova minyaka yonke. Kuleli hlobo, kuhlelwe iMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ ezothatha izinsuku ezintathu engu-31 eningizimu ye-Afrika. Cishe owodwa uyoba seduze nalapho uhlala khona. Sikukhuthaza ukuba ube khona lapho isimiso siqala ngomculo ngoLwesihlanu ekuseni ngo–9:30.
Isimiso sasekuseni siyohlanganisa inkulumo yokwamukela nenkulumo eyisihluthulelo ethi “Lalelisisani Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho.” Ntambama kuyoba nochungechunge oluthi, “Ukuthola Injabulo Ekufundeni IZwi LikaNkulunkulu” oluyosikisela indlela esebenzisekayo yokuthi singakwenza kanjani ukufunda iBhayibheli kube nenzuzo futhi kujabulise. Inkulumo yokuphetha usuku ethi “Abalwa NoNkulunkulu Ngeke Banqobe” iyobukeza indlela abantu abaye balwa ngayo nabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu osukwini lwanamuhla.
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyoba nenkulumo yobhapathizo bese abafanelekayo benikezwa ithuba lokuba babhapathizwe. Ntambama kuyonikezwa imibiko ekhuthazayo ngokuphathelene nokusabela kwabantu okuyisimanga eqinisweni leBhayibheli emazweni athile aseLatin America, e-Afrika naseMpumalanga Yurophu kanye nasezweni elikhulu lase-Asia iKazakhstan. Le nkulumo inesihloko esithi “‘Okunxanelekayo’ Kugcwalisa Indlu KaJehova.” Isimiso sangoMgqibelo siyophetha ngezinkulumo ezimbili ezithi “ImiBhalo Engokwesiprofetho Isiqaphelisa Ukuba Siphaphame” nesithi “Izwi Lesiprofetho Esikhathini Sokugcina.” Eyokugcina iyogxila encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli futhi iyonikeza izizathu zokuqaphelisisa isiprofetho sayo.
NgeSonto ekuseni inkulumo ewuchungechunge enezingxenye ezintathu enesihloko esithi “Amazwi Angokwesiprofetho Esikhathi Esimisiwe” iyoxoxa ngesiprofetho sikaHabakuki. Uyobona indlela le ncwadi emfushane yeBhayibheli engaba yisikhuthazo ngayo kumaKristu osuku lwanamuhla. Ngemva kwalokho kuyoba nedrama egqokelwe ezasendulo ebonisa ukulandisa kweBhayibheli ngoJakobe no-Esawu enesihloko esithi “Ukwazisa Ifa Lethu Elingokomoya.” Isimiso sangeSonto ekuseni siyophetha ngenkulumo eshukumisayo ethi “Lisho Ukuthini Ifa Lethu Eliyigugu Kuwe?” Khona-ke, ntambama uyojabulela inkulumo yeningi ethi “Ukwenza Zonke Izinto Zibe Zintsha—Njengoba Kwabikezelwa.”
Hlela manje ukuba ube khona. Ukuze uthole indawo yomhlangano oseduze nalapho uhlala khona, thintana noFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso langakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.