Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuphatha Izilwane Ngonya Ngibhala ukuze nginincome ngomsebenzi omuhle eniwenzile ngesihloko senu esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuphatha Izilwane Ngonya—Ingabe Akulungile?” (November 8, 1998) Ngicabanga ukuthi nenza kahle ngokuveza ukuthi uNkulunkulu akakuvumeli ukuphathwa kwezilwane ngonya, ikakhulukazi uma kwenziwa yilabo abathi bangamaKristu.
J. L. C., United States
Intsha Engenabazali Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingenabo Abazali?” (November 22, 1998) Manje sengineminyaka engu-39 ubudala. Kodwa lapho ngiseneminyaka engu-11, umama washona, ubaba wasishiya. Kuze kube namuhla abantu abakuqondi ukuphila okulusizi esiye sakuphila mina nabafowethu. Kodwa manje nginomuzwa wokuthi bakhona abasiqondayo. Ngiyabonga.
K. Y., Japan
Ubaba washona lapho ngisenezinyanga ezingu-9 kuphela ubudala, kanti umama washona ngingakayihlanganisi neminyaka engu-12. Isihloko senu sasiduduza ngempela futhi saveza indlela izintandane ezizizwa ngayo ngempela. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyobavusa abathandekayo bethu abafile!
M. S. S., Brazil
Ngineminyaka engu-40 ubudala futhi ngasifunda ngiphindelela lesi sihloko. Ngangihlengezela izinyembezi kusukela ngiqala ukusifunda ngaze ngayosiqeda, ngoba ngaba yintandane lapho ngineminyaka emibili. Kuze kube manje, ngivele ngikhale uma ngibheka isithombe sikamama nobaba. Ngiyabonga ngokubhala izihloko ezinjena!
J. C. V., France
Abazali bami basaphila, kodwa nginemizwa eguquguqukayo (bipolar) futhi nginesithakazelo kuzo zonke izihloko ezikhuluma ngendlela yokubhekana nezikhathi ezinzima. Ngifisa nje ukunazisa ukuthi ngiyazithanda izindaba ezingokoqobo neseluleko esisekelwe eBhayibhelini esitholakala ezihlokweni ezithi “Intsha Iyabuza . . . ”
S. H., Canada
Ukubaza Sekuphele amashumi eminyaka ngifunda lo magazini, futhi kubonakala sengathi kuyathuthuka njalo lokho okuqukethe, indlela obhalwa ngayo nezihloko ozikhulumelayo. Kodwa-ke, ngithanda ukuphawula okuthile ngesihloko esithi “Ukuhlola Ubuhle Obungapheli Bokhuni.” (November 8, 1998) Ngicela nixwayise abafundi abangase bafise ukwenza lo msebenzi ukuthi i-adz iyithuluzi eliyingozi kakhulu. Ngesikhathi ngisakhula ngawo-1920, yayisasetshenziswa kakhulu futhi yayaziwa ngokuthi i-foot adz. Njengoba isithombe senu sibonisa, ukhuni lubekwa phakathi kwezinyawo, kanti leli thuluzi libukhali. Nokho, yayibizwa nangokuthi i-foot evil ngenxa yokuthi abayisebenzisayo babelimala izinyawo njalo. Ngicabanga ukuthi kuyingozi kakhulu ukuba isetshenziswe umuntu ongaqeqeshiwe.
W. G., United States
Siyabonga ngalesi sikhumbuzo esiyisixwayiso.—ED.
Indlovukazi Enobuhlakani Isihloko sethu esithakazelisayo esiphathelene noCatherine Parr (“Indlovukazi Enobuhlakani Eyanqoba UMbhishobhi Onobuqili,” November 8, 1998) sangikhumbuza ukulandisa kweBhayibheli kweNdlovukazi u-Esteri. Yeka ukuhlakanipha laba besifazane abakubonisa! Nakuba ngingeyena omunye woFakazi BakaJehova, awukho nowodwa umagazini i-Phaphama! ongiphuthelayo. Ngivame ukuzibuza ukuthi kungani abanye bengazazisi njengami izincwadi zenu.
M. D. S. F., Brazil
Ngakuthola kuthakazelisa kakhulu ukulandisa okungokomlando kukaHenry VIII nomkakhe uCatherine Parr. Ngiyanihalalisela. Lesi sihloko sasicwaningwe kahle, sishaya emhloleni futhi sicacile.
C. G., Italy
Indlela lesi sihloko esalandiswa ngayo sasenza sazizwa sengathi siphila neNdlovukazi uCatherine. Siyabonga ngokunyathelisa izihloko ezinjengalesi ukuze thina esihlala kule ngxenye yomhlaba sazi ngemiphakathi ekude.
L. G. noL. G., Venezuela