Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 10/8 k. 3-k. 4 isig. 4
  • Amandla Omculo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amandla Omculo
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokukhathazeka
  • Gwema Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Umculo Ungangilimaza Ngempela?
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ingabe Uyokhetha Ngokuhlakanipha?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 10/8 k. 3-k. 4 isig. 4

Amandla Omculo

“Umculo omnandi uwodwa ungabuyisa ingqondo ezulayo, uyenze izole.”

WABHALA kanjalo uWilliam Congreve encwadini yakhe ethi Hymn to Harmony eminyakeni engaba ngu-300 edlule. Emakhulwini eminyaka ngaphambi kwalokho, imibhalo yamaGreki asendulo yathi “ukwazi umculo kuyithuluzi elinamandla kunawo wonke, ngoba isigqi nemvunge emnandi kufinyelela ekujuleni komphefumulo.”

Ukuthi lawo mazwi ayiqiniso kuye kwabonwa abazali abaningi abaye baqaphela ukuthi izingane zabo ziyanyukubala futhi zingalaleli uma zilokhu zilalele umculo onesigqi esinamandla. Kwabonakala naseJalimane ngawo-1930 nawo-1940 lapho amaNazi esebenzisa umculo wokumasha oshukumisayo ukuze alungiselele izixuku ezinkulu ukuba zilalele izinkulumo zikaHitler ezazithinta imizwelo.

Akungabazeki ukuthi umculo ungathonya izingqondo nezinhliziyo futhi ungase usetshenziselwe ukuzishukumisela ebuhleni noma ebubini. Ngokwesibonelo, kucatshangwa ukuthi uma izingane zilalela ezinye izinhlobo zomculo ziyathuthuka ngokwengqondo nangokomzwelo. Ngisho nabantu abanamalimi bahlabelela imisho abahlulekayo ukuyikhuluma.

Ngokuka-Anthony Storr encwadini yakhe ethi Music and the Mind, ngezinye izikhathi ithonya lomculo kubantu abakunyakaza kwemizimba yabo kuphazamisekile ngenxa yokufa kwezinzwa liyamangalisa. UStorr unikeza isibonelo sowesifazane othile ogulayo: “Njengoba engakwazi ngisho nokunyakaza ngenxa yesifo [i-Parkinson], wayehlala engakwazi ngisho nokunyakaza kwaze kwaba yilapho esekwazi ukukhumbula izingoma ayezazi lapho esakhula. Lezi zingoma zazimenza akwazi ukuhamba futhi.”

Isizathu Sokukhathazeka

Ngakho kubonakala sengathi kunezinzuzo ezilethwa amandla omculo. Nokho, kunengozi yokuthi abantu abonakele noma abahahayo bangase basebenzise amandla omculo njengethuluzi elibulalayo. Okunye ukucwaninga kuye kwabonisa ukuhlobana okuqondile phakathi konya nezinhlobo ezithile zomculo.

Isekela lokho, i-Psychology of Women Quarterly iyabika: “Kunobufakazi obubonisa ukuthi ukubukela ama-video e-rock kunethonya elifanayo nokubukela izithombe zobulili ezingcolile ngoba amadoda abukela ama-video e-rock anobudlova ayephatha abesifazane ngonya futhi enobutha kunamadoda abukela ama-video e-rock angenabo ubudlova.”

Leli thonya aligcini kwabesilisa kuphela. Nabesifazane bangathinteka. Wona lo mbiko ofanayo uyanezela: “Amadoda nabesifazane ngokufanayo bangase baqale ukwamukela imiyalezo engemihle yalezi zingoma ebonisa ukuthi abesifazane abanto yalutho.”

Iphephabhuku elithi Sex Roles livumelana nalesi siphetho, lithi: “Ukucwaninga kwamuva nje . . . kuthole ukuthi ukukhulela ekhaya elingajabulisi nokubuka kakhulu ama-video omculo amabi kuhlobene kakhulu nesimo sengqondo esiyekelelayo sokuziphatha ngokobulili kwabesifazane abasebasha.” Ubudlova obusobala nezosha ezikhuthaza ubulili komunye umculo we-rap kwashukumisela elinye ijaji lase-United States ukuba liphethe ngokuthi irekhodi elithile le-rap “linenhlamba ngokweqile ngokwezindinganiso zomphakathi.”

Ingabe leli jaji laleqisa? Lutho neze! Iphephabhuku i-Adolescence lafinyelela isiphetho sokuthi “kokubili intsha nabazali bayo babika ukuthi ukuphila kwentsha elalela umculo onesigqi esinamandla ne-rap kunezinkathazo kakhulu.” Lezi zinkathazo zihambisana “nokuziphatha okunesihluku nonya” kanye nokwehluleka ezifundweni zesikole.

Yebo, kwaziwa kahle ukuhlobana kwezinhlobo ezithile zomculo nobulili, ukuzibulala nokuba nonya. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi wonke umculo unemiphumela emibi kangako? Funda ukuthi izihloko ezilandelayo zithini ngalokhu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Umculo ungashukumisela izinhliziyo nezingqondo ebuhleni noma ebubini

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela