Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuba Khona KukaNkulunkulu Angikwazi ukuchaza indlela engaluthola luwusizo ngayo uchungechunge oluthi “Ingabe UNkulunkulu Ukhona Ngempela?” (February 8, 1999) Lwangembulela uNkulunkulu engiye ngezwa okuningi ngaye kodwa engiye ngahluleka ukumthola. Ngibonga ngiyanconcoza ngokukhanyisa indlela yeqiniso kubantu abanjengami.
C. P., Brazil
Ukuba Usizo Naphezu Kobumpumputhe Ngiyanibonga ngendaba yokuphila kukaPolytimi Venetsianos, ethi “Ngiwusizo Futhi Ngiyajabula Nakuba Ngiyimpumputhe,” kumagazini kaFebruary 8, 1999. Isibindi sakhe nokholo oluqotho kuNkulunkulu sayithinta ngokujulile inhliziyo yami. Ngakolunye uhlangothi, ukuphila kwalona wesifazane ongavamile kuye kwagcwala ukulahlekelwa kanye nobunzima. Kodwa ngakolunye uhlangothi, kugcwele izinzuzo eziyigugu. Ngikholelwa ukuthi indaba yakhe izoba usizo kakhulu nesikhuthazo kulabo asebekhathele kulo mncintiswano onzima wokuphila.
K. R., Russia
Izingubo Ngineminyaka engu-11 ubudala, futhi ngeswele amazwi okubonga ngeseluleko esihle esisesihlokweni esithi “Ingabe Kunendaba Ngempela Ukuthi Sigqoka Hlobo Luni Lwezingubo?” (February 8, 1999) Ngaphambili ngangifuna ukugqoka njengezingane engifunda nazo. Kodwa lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone ukuthi izingubo zami kumelwe zihlanzeke—hhayi ngokungazinaki noma ngokweqisayo.
A. S., Estonia
Ngezinye izikhathi ngizizwa ngidumele lapho abanye bethi izingubo zami ziyisidala. Isihloko senu sasikhuthaza ngempela ngoba saqinisekisa ukuthi ukulandela izimiso zeBhayibheli kuyinzuzo.
R. L., Brazil
Sekuyiminyaka eminingi ngibadabukela oFakazi BakaJehova futhi bengihlekisa. Umngane wabe esenginikeza ikhophi ye-Phaphama! kaFebruary 8, 1999. Ukufunda lo magazini kwakujabulisa kakhulu futhi kwawushintsha umbono wami ngoFakazi. Okwangihlaba umxhwele kakhulu isihloko esasikhuluma ngezingubo, esachaza ukuziphatha kwami ngokuqondene nokuthenga izingubo. Esikhathini esizayo, ngeke ngigxile kakhulu ezingutsheni zomklami othile. Futhi ngizocela umngane wami ukuba angitholele abengeziwe omagazini benu ukuze ngibafunde!
U. B., Germany
Izibulala-zinambuzane Mina nomkami sajabula ngempela ngesihloko esithi “Izibulala-zinambuzane Ezingamakhemikhali Azibulali Izilokazane Nje Kuphela.” (February 22, 1999) Njengabantu abakhathalela indawo ezungezile, siye sazama ukuvimbela ubuthi kulo mhlaba. Kunikeza ithemba ukuthola ukuthi kusenabantu eBrazil, eChina nakwamanye amazwe abakhathazekile futhi abenza okuthile okuwusizo.
W. G., Canada
Inhlebo Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Kukubi Ukuhleba?” (February 22, 1999) Esikhathini esithile esidlule, lapho othile esakaza amahlebezi okuthi ngizoba umuntu olandelayo ukuba asuswe ekuhlanganyeleni nebandla, ngazizwela ngokwami ukuthi ingaba buhlungu kanjani inhlebo. Lawo manga angilimaza kakhulu! Umuntu owayenze lokhu waxolisa, kodwa ngaphelelwa ukumethemba.
R. M., Switzerland
Inhlebo idlangile esikoleni engifunda kuso, ngakho lesi sihloko sangikhuthaza kakhulu futhi sangiqinisa. Nginamahloni okusho ukuthi ngiye ngahleba ukuze ngenze abanye babonakale bebabi ngempela. Futhi lapho abangane bekhuluma kabi ngabanye, ngiye ngalalela futhi ngahlanganyela engxoxweni. Ngakho lapho ngifunda lesi sihloko, ngamangala futhi ngaba nomuzwa wokuthi yonke imisho yayeluleka mina ezintweni engangizenza. Nginamahloni kakhulu ngakho konke ukuhleba engiye ngakwenza. Ngiyazi ukuthi inhlebo iyoqhubeka ikhona esikoleni, kodwa ngizimisele ukuba ngiqine ngokwanele ukuze ngingahlanganyeli kuyo.
M. W., Japan