Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 11/22 k. 31
  • Basigcina Isithembiso Sabo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Basigcina Isithembiso Sabo!
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Duduzwa—Ududuze Nabanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Umphumela Wama-video Anikeza Ubufakazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Umsebenzi Ongakwenza Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukusebenzisa I-video Enamandla Ngempumelelo
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 11/22 k. 31

Basigcina Isithembiso Sabo!

U-ANTONIO, owayenza unyaka wakhe wokugcina esikoleni esiphakeme, wayefuna ukufakaza ngokwethukela kwafunda nabo ekilasini. Ngakho wasikisela ukuba uthisha wakhe wezomlando abonise i-video ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault. Nakuba uthisha ayemanqikanqika, wavuma, wathi uzoyidlala ngakusasa le video.

U-Antonio uyalandisa: “Ekuqaleni, uthisha wayebuka le video ngokunganaki; kodwa lapho eqaphela ukuthi yizazi-mlando ezivelele ezazilandisa umlando woFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa, walalelisisa. Ekuphetheni wangibonga ngokusikisela ukuba sibuke le video.”

Esifundweni esilandelayo, lo thisha wazama ukuchaza umsebenzi wama-Bibelforscher, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova eJalimane ngaleso sikhathi; kodwa wabona kungcono ukuba adedele u-Antonio achaze. U-Antonio wachaza indima yoFakazi emphakathini kanye nezinye zezimfundiso zabo. Waphetha ngokuthi: “Kusobala ukuthi abantu ngeke bazuze esigijimini esiyigugu esisiphethe uma bengasilaleli, uma begaklaza izicabha lapho besibona emnyango, noma uma bengazifundi izincwadi zethu.”

Bonke abafundi ekilasini lika-Antonio bavumelana nombono wakhe, futhi uthisha wasikisela ukuba ikilasi lithathe izwi lesinqumo. Uma nje kuvela ithuba, babezobalalela oFakazi bese bethatha izincwadi zabo. Ikilasi laqhubeka lixoxa nge-video isikhathi esithile. Ungacabanga ngokwaneliseka kuka-Antonio ezinsukwini ezimbalwa ezalandela lapho ebona abanye abafundi abaningana befika ekilasini nezincwadi ze-Watchtower futhi ezwa ngamunye wabo esho ngokumomotheka, ethi: “Uyabona, ngisigcinile isithembiso sami!”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela