Ukusebenzisa I-video Enamandla Ngempumelelo
LAPHO eseneminyaka engu-12 nje kuphela ubudala, uTillie wasebenzisa ithuba ukuze afakaze esikoleni. Ekilasini babefunda ngeMpi Yezwe II, kwabe sekuphakama indaba yokuQothulwa Kwesizwe. UTillie watshela uthisha ukuthi kwakungewona amaJuda kuphela, kodwa noFakazi BakaJehova bahlukunyezwa futhi babulawa phakathi nale nkathi ehlasimulisa umzimba. Uthisha wavuma ukuba uTillie eze ekilasini ne-video ethi Purple Triangles. Ngaphambi kokuba babuke le video, uthisha watshela abafundi ekilasini: “Ngenxa yenani elikhulu lamaJuda abulawa phakathi nokuQothulwa Kwesizwe, abashaywa mkhuba abanye abaningi abashushiswa. OFakazi BakaJehova baphakathi kwamaqembu anjalo.”
Uthisha wahlatshwa umxhwele yile video kangangokuba wayiboleka omunye uthisha ukuba ayibukise ikilasi lakhe. UTillie wakhumbula ukuthi umfowabo kathisha wakhe webanga lesibili wayebulawe amaNazi phakathi nokuQothulwa Kwesizwe. Wanika nalo thisha i-video, futhi wayibukela ngalolo suku kusihlwa.
Sebebonke, bangaphezu kuka-60 abantu ababona i-Purple Triangles, futhi kwavuswa isithakazelo esikhulu. Konke lokhu kwenzeka ngoba intombazanyana yaba nesibindi sokukhuluma ngenkolo yayo.—IHubo 8:2.