Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukungathembeki Emshadweni Ngiyabonga ngo-chungechunge lwe-Phaphama! ka-April 22, 1999, oluthi, “Lapho Umngane Womshado Engathembekile.” Ngangiyisisulu sokungathembeki komngane womshado. Nakuba sengineminyaka emithathu manje ngihlukanisile, ubuhlungu busenamandla. Lezi zihloko zangisiza ukuba ngibone ukuthi kudingeka ngikhohlwe okudlule, ngibuyele esimisweni esivamile, futhi ngiqhubeke nokuphila kwami.
V. B., Trinidad
Ngiye ngacwaninga ngale ndaba ngaphambili, kodwa ayikaze ichazwe kahle kangaka. Kusukela ngizwa okokuqala ngesigijimi seBhayibheli, ngaqonda ukuthi siyiqiniso. Manje uJehova usenginike esinye isizathu sokukholelwa kulo.
G. B., Italy
Ukuhlukanisa kwami kwabangela ukuba ngibe nokucindezeleka okukhulu, ukungazethembi nezinkinga zempilo ezingapheli. Nakuba lezi zinkinga ziqhubeka, ngiduduzwa kakhulu ukholo ezithembisweni zikaJehova nokusekelwa ibandla engikulo ngothando nangokomzwelo!
A. B., Canada
Ngemva kwezinyanga ezingu-9 ngahlukana nomyeni wami, ngisabhekana nobuhlungu bokuhlala ngedwa. Ngizohamba kanjani emgwaqweni kungekho muntu ongibambe ngesandla? Ubani ozohlala eceleni kwami emihlanganweni yobuKristu? Ubani ozongiphelezela uma ngiya kadokotela? Ngiyabonga ngokungikhumbuza ukuthi uJehova akabashiyi abangane bomshado abathembekile.
E. S., Brazil
Ibhokisi elithi “Ubani Odala Lezi Zinkinga?” langiduduza kakhulu. Ngakhetha ukuhlukanisa ngemva kokungathembeki komyeni wami. Ngezinye izikhathi ngangifuna ukufa, njengoJobe. (Jobe 17:11-13) Kodwa ukusekela kwamalungu omkhaya nabafowethu nodade abangamaKristu kuye kwangiqinisa.
M. O., Argentina
Angizange ngizifunde lezi zihloko—ngazishwabadela! Ngiye ngabhekana nokuhlukanisa futhi lezi zihloko zikhuluma ngayo yonke imibuzo nezinkathazo okuzibangelayo. Ngiyabonga ngokusinakekela.
E. L., France
Ngangineminyaka eyisikhombisa ubudala lapho ubaba eshiya umkhaya wakithi. Kwakuyigalelo elinzima. Eminyakeni ethile kamuva, ubaba wasicela ukuba simamukele futhi. Mina nabafowethu samelana ngokuqinile nalowo mqondo, kodwa umama wavuma. Ngemva kokufunda izihloko zenu, sengiqala ukubona isizathu esenza enze leso sinqumo esinzima.
A. A., Brazil
Ngiyabonga, ngiyabonga, ngiyabonga ngalolu chungechunge! Kuyaduduza ukwazi ukuthi imizwa nemizwelo yami iyefana neyabanye ababhekana nalesi simo esifanayo. Nokho, nithe: “Mhlawumbe awuzange ubonise uthando, ukusondelana ngokomzwelo, ukuncoma nokudumisa ngendlela umngane wakho womshado abengathanda ngayo.” La mazwi azwisa ubuhlungu kithina esiye sazama ukuphumelelisa umshado onezinkinga. Uma umuntu eceba ukuphinga, unyanyeka kakhulu, futhi kunzima ukusondelana ngokomzwelo nomuntu onjalo.
L. W., United States
Siyadabuka uma la mazwi abangela ubuhlungu kunoma yimuphi umfundi walo magazini. Kodwa injongo yethu kwakungekhona ukusikisela ukuthi isiphingi singasola umngane waso womshado ngokuziphatha kwaso okubi. Ebhokisini elithi “Ubani Odale Lezi Zinkinga?” sagcizelela ukuthi isiphingi sinecala ngokona kwaso, kungakhathaliseki “ukungapheleli komngane womshado ongenacala.” La mazwi okukhulunywa ngawo ayeyingxenye yengxoxo emayelana nokubuyisana. Sasimane nje sigcizelela isidingo sokukhulumisana okuhle, sikhuthaza imibhangqwana ebuyisanayo ukuba ibone izici eziyinkinga ezingase zidinge ukuxazululwa ngokushesha emishadweni yayo. Kungase kube nentukuthelo ecashile okudingeka ivezwe obala. Ngokuvamile, ingxoxo enjalo ibangela ukuba bobabili abangane bomshado bavume amaphutha abo. Kakade, “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Nakuba izingxoxo ezinjalo ngokuvamile zizwisa ubuhlungu obukhulu, njengoba isihloko sethu sasho, “ziyingxenye ebalulekile yenqubo yokuvuselela ukwethembana.”—ED.