Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ingadi Yembulunga Yonke Kumelwe nginibonge ngochungechunge lwezihloko ezinhle ezithi “Ingadi Yembulunga Yonke—Iphupho Noma Into Engokoqobo Yesikhathi Esizayo?” (April 8, 1997) Yebo, izingadi nemibala kungayithinta impilo yethu futhi kusijabulise. Ngayithanda ingxenye eyayinesihloko esithi “Indlela Eya Epharadesi.” Lawo mazwi ambalwa ayekhuthaza ngempela—enjengesimemo esithi, “Nansi indlela.” Yeka injabulo okuyoba yiyo ngelinye ilanga ukusebenza kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona usiza ekuguquleni umhlaba ube ipharadesi! Njengoba ngikujabulela ukudweba imifanekiso, nomsebenzi wobuciko, ngiyayijabulela nemifanekiso ekomagazini.
V. R., Australia
Ngifisa ukunitusa ngalezi zihloko. Ngazijabulela ngempela. Ngineminyaka ecishe ibe ngu-80 ubudala futhi ngisakuthanda ukusebenza egcekeni lami. Izimbali zami nezilimo ngeke kuphume phambili, kodwa ngiyakujabulela ukusebenza ngaphandle nokusebenza ngazo. Kusukela ngifunde lezi zihloko, sengiyiqonda kangcono imbangela yokuba abantu bathande ukusebenza ezingadini.
R. R., United States
Kulondolozwe Umshado? Lapho ngifunda isihloko esithi “Ingabe Umshado Ungalondolozwa Ngemva Kokungathembeki?” (April 8, 1997), ngaba nomuzwa wokuthi uJehova ungithumelele incwadi. Sachaza lokho kanye engadlula kukho nendlela engazizwa ngayo. Umyeni wami akathembekanga, kodwa waphenduka ngobuqotho. Njengoba lesi sihloko sasho, ngazizwa sengathi ngithathwe isiphepho. Ngakhetha ukumxolela, kodwa ngezinye izikhathi ngangiba namahloni ngemicabango yami. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqonde ukuthi ukusabela kwami kwakungokuvamile futhi kufanele. UJehova uye wayibusisa kakhulu imizamo yethu, futhi umshado wethu uye walondolozwa.
L. P., France
Nakuba umshado wami wawungenakulondolozeka, lesi sihloko sasiyisibusiso ngempela ngoba sachaza yona kanye indlela engangizizwa ngayo. Konke okukulesi sihloko ungathi kuchaza isimo sami. Kunabanye engibaziyo esiye sabazuzisa ngokufanayo. Abaningi bakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kunjani ukuba kulesi simo, ngakho lesi sihloko siyoba usizo kakhulu, sibanikeze ukuqonda.
M. C., Ireland
Sengineminyaka engu-9 ngishade nomuntu ongakholwa obelokhu engathembekile. Kodwa lapho ngifunda izigaba ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ingabe Umshado Usengalondolozwa?” ngazizwa kangcono kakhulu. Umyeni wami ubengathanda ukuwulondoloza umshado kodwa nalobu obunye ubuhlobo bube busaqhubeka. Ngakho, ngiyajabula ngokuthi ngiyawuqeda. Manje sekumelwe ngiqale phansi ngibe umama ongashadile.
M. S. B., Trinidad
Ngiyanibonga ngesihloko esihle nesicabangelayo. Iseluleko sasisihle kakhulu ekunqumeni ukuthi ukubuyisana kungaphumelela yini noma cha. Ngangilokhu ngicabanga ukuthi uma umyeni wami engathembekile, ngeke ngimxolele. Manje sengiyabona ukuthi leso simo sengqondo asisihle ngaso sonke isikhathi. Kuyadabukisa ukuthi lokhu kuyinkinga eyandayo, kodwa ngiyanibonga ngokusiqondisa ngokomBhalo ngendlela esingazisiza ngayo. Ukuthembela kwami kuJehova kwangisiza ekucindezelekeni okukhulu futhi kwangisiza ukuba ngithole amandla okuthethelela, njengoba umyeni wami ayephenduke (futhi namanje esazisola) ngokujulile.
S. N., United States
Izithulu Zidumisa UJehova Lapho ngifunda isihloko esithi “Izithulu Zidumisa UJehova” (April 8, 1997), ngama ngabheka isithombe sabo bonke ababekhona. Yeka ukuthi kwakuqinisa ukholo kanjani ukubona abafowethu nodadewethu abaningi kangaka besebenzisa ulimi lwezandla ekudumiseni uJehova! Ngakhala izinyembezi izikhathi eziningana, njengoba ngiyazisa ngempela intshiseko yabo, ukuzimisela, nokuzinikezela. Ngiyanibonga ngezihloko ezinje.
R. H., United States