Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 12/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Imisipha—Umklamo Wobunyoninco
    I-Phaphama!—1999
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 12/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ogogo Nomkhulu Ngiyabonga ngendlela yothando enasisingatha ngayo isihloko esithi “Izinjabulo Nezinselele Zogogo Nomkhulu.” (March 22, 1999) Ngingugogo ongayedwa okhulisa abazukulu ababili abangabafana. Unina ubelokhu ephila ngokudla izidakamizwa kuze kube nanamuhla. Njengoba lesi sihloko sabonisa, ngangibhekene nentukuthelo yalaba bafana. Ngangingazi ukuthi kunjani ukushiywa yibo bobabili abazali. Kodwa ngonyaka odlule umzukulu wami omncane wathi kimi, “Siyabonga ngokusinakekela.” Lawo mazwi angibonisa ukuthi bonke ubunzima nezinyembezi zaziwufanele umzamo.

D. B., United States

Ngenxa yothando nokwethembeka kukagogo othandekayo, mina nabafowethu sakwazi ukubhekana neminyaka eminingi yokunganakwa abazali nokuxhashazwa. Amaqiniso eBhayibheli áwagxilisa ezinhliziyweni zethu asinika amandla okuqhubeka. Namuhla, bonke abazukulu bakhe abathathu nabantwana babazukulu abangu-7 bangamaKristu azinikezele.

B. L. B., Brazil

Nginomntwana onezinyanga ezingu-17 ubudala, futhi mina nomamezala besilokhu sihilizisana uma kuziwa endabeni yokumnakekela. Nganginomhawu kangangokuthi ngangingasayijabuleli ngisho nemihlangano yobuKristu. Nokho, lesi sihloko sangisiza ngabona ukuthi ugogo akanazo izisusa ezimbi nokuthi akazami ukungiphuca umntanami. Ngiyambonga uJehova ngokuthi lokhu kwaziswa kwafika ngesikhathi.

M. Z. C., Mexico

Amadodana Amahlanu Ngasithola sithakazelisa isihloko esithi “Ngibonga UJehova Ngamadodana Ami Amahlanu” (March 22, 1999), ngoba kwakunezici eziningi uHelen Saulsbery afana ngazo nomama. Bobabili babhapathizwa ngonyaka ofanayo. NjengoHelen, umama wahlala ekhaya futhi wasinakekela ngesikhathi umkhaya wakithi udonsa kanzima ngokwezimali—inkampani kababa yawa. Naye wakhonza njengephayona, umshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi njalo wayesilandisa okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo kwasensimini. Lokhu kwangenza ngayithanda kakhulu inkonzo yobuphayona. Manje njengoba nami senginamadodakazi amabili, ngiyabona ukuthi umama wazikhandla kangakanani ngenxa yethu.

M. S., Japan

Ngibonga kakhulu ngalesi sihloko. Njengoba ngingubaba, ngiyazama ukulandela iseluleko seBhayibheli, kodwa ngokuvamile ngizizwa ngihluleka. Okuhlangenwe nakho komkhaya wakwaSaulsbery kwangiqinisa ukuba ngiqhubeke.

R. M. R., Brazil

Ukufuna Izinto Ngiyintombazane eneminyaka engu-12 ubudala. Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingazitholi Izinto Engizifunayo?” (March 22, 1999) Kunezinto engizifunayo—njengebhayisekili nesigingci. Kodwa ubaba akakwazi ukungithengela zona. Lokhu kuyangidumaza. Nokho, isihloko senu sangikhuthaza kakhulu. Ngiyabonga ngokunyathelisa lesi seluleko sobuzali.

C. U., Nigeria

Imisipha Ngemva kokuvivinya umzimba namuhla ekuseni, ngihlale phansi ngafunda isihloko esithi “Imisipha—Umklamo Wobunyoninco.” (April 8, 1999) Ngaqala ukucabanga ngokunyakaza kwemisipha yamehlo njengoba ngifunda ikhasi ngalinye, imisipha yezingalo ifinyela ibuye inwebeke njengoba ngiphunga inkomishi yekhofi, imisipha yezinyawo isebenza njengoba nginyakaza esihlalweni. Isimanga! Yeka umklamo wobunyoninco!

N. T., Belize

Imisipha yethu yembula ingxenyana nje yokuhlakanipha okukhulu koMdali wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ngiyakuthanda kakhulu ukufunda ngomzimba womuntu. Kodwa bengiqala ngqá ukufunda isihloko esinjengalesi esibhalwe kahle kangaka nokulula ukusiqonda.

P. J. O. S., Brazil

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela