Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ogogo Nomkhulu Ngiyabonga ngendlela yothando enasisingatha ngayo isihloko esithi “Izinjabulo Nezinselele Zogogo Nomkhulu.” (March 22, 1999) Ngingugogo ongayedwa okhulisa abazukulu ababili abangabafana. Unina ubelokhu ephila ngokudla izidakamizwa kuze kube nanamuhla. Njengoba lesi sihloko sabonisa, ngangibhekene nentukuthelo yalaba bafana. Ngangingazi ukuthi kunjani ukushiywa yibo bobabili abazali. Kodwa ngonyaka odlule umzukulu wami omncane wathi kimi, “Siyabonga ngokusinakekela.” Lawo mazwi angibonisa ukuthi bonke ubunzima nezinyembezi zaziwufanele umzamo.
D. B., United States
Ngenxa yothando nokwethembeka kukagogo othandekayo, mina nabafowethu sakwazi ukubhekana neminyaka eminingi yokunganakwa abazali nokuxhashazwa. Amaqiniso eBhayibheli áwagxilisa ezinhliziyweni zethu asinika amandla okuqhubeka. Namuhla, bonke abazukulu bakhe abathathu nabantwana babazukulu abangu-7 bangamaKristu azinikezele.
B. L. B., Brazil
Nginomntwana onezinyanga ezingu-17 ubudala, futhi mina nomamezala besilokhu sihilizisana uma kuziwa endabeni yokumnakekela. Nganginomhawu kangangokuthi ngangingasayijabuleli ngisho nemihlangano yobuKristu. Nokho, lesi sihloko sangisiza ngabona ukuthi ugogo akanazo izisusa ezimbi nokuthi akazami ukungiphuca umntanami. Ngiyambonga uJehova ngokuthi lokhu kwaziswa kwafika ngesikhathi.
M. Z. C., Mexico
Amadodana Amahlanu Ngasithola sithakazelisa isihloko esithi “Ngibonga UJehova Ngamadodana Ami Amahlanu” (March 22, 1999), ngoba kwakunezici eziningi uHelen Saulsbery afana ngazo nomama. Bobabili babhapathizwa ngonyaka ofanayo. NjengoHelen, umama wahlala ekhaya futhi wasinakekela ngesikhathi umkhaya wakithi udonsa kanzima ngokwezimali—inkampani kababa yawa. Naye wakhonza njengephayona, umshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi njalo wayesilandisa okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo kwasensimini. Lokhu kwangenza ngayithanda kakhulu inkonzo yobuphayona. Manje njengoba nami senginamadodakazi amabili, ngiyabona ukuthi umama wazikhandla kangakanani ngenxa yethu.
M. S., Japan
Ngibonga kakhulu ngalesi sihloko. Njengoba ngingubaba, ngiyazama ukulandela iseluleko seBhayibheli, kodwa ngokuvamile ngizizwa ngihluleka. Okuhlangenwe nakho komkhaya wakwaSaulsbery kwangiqinisa ukuba ngiqhubeke.
R. M. R., Brazil
Ukufuna Izinto Ngiyintombazane eneminyaka engu-12 ubudala. Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingazitholi Izinto Engizifunayo?” (March 22, 1999) Kunezinto engizifunayo—njengebhayisekili nesigingci. Kodwa ubaba akakwazi ukungithengela zona. Lokhu kuyangidumaza. Nokho, isihloko senu sangikhuthaza kakhulu. Ngiyabonga ngokunyathelisa lesi seluleko sobuzali.
C. U., Nigeria
Imisipha Ngemva kokuvivinya umzimba namuhla ekuseni, ngihlale phansi ngafunda isihloko esithi “Imisipha—Umklamo Wobunyoninco.” (April 8, 1999) Ngaqala ukucabanga ngokunyakaza kwemisipha yamehlo njengoba ngifunda ikhasi ngalinye, imisipha yezingalo ifinyela ibuye inwebeke njengoba ngiphunga inkomishi yekhofi, imisipha yezinyawo isebenza njengoba nginyakaza esihlalweni. Isimanga! Yeka umklamo wobunyoninco!
N. T., Belize
Imisipha yethu yembula ingxenyana nje yokuhlakanipha okukhulu koMdali wethu Omkhulu, uJehova uNkulunkulu. Ngiyakuthanda kakhulu ukufunda ngomzimba womuntu. Kodwa bengiqala ngqá ukufunda isihloko esinjengalesi esibhalwe kahle kangaka nokulula ukusiqonda.
P. J. O. S., Brazil