Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izingane Zisenkingeni Ngifisa ukubonga ngochungechunge olukumagazini ka-April 8, 1999 onesihloko esithi “Izingane Zisenkingeni—Ubani Oyozivikela?” Ngicabanga ukuthi indaba ebucayi yokuxhashazwa kwezingane kufanele ikhulunywe njalo ukuze kuqwashiswe umphakathi. Kuwumthwalo wethu ukuvikela izingane zethu. Kwangathi ningaqhubeka nenza umsebenzi wenu omuhle.
P. P., Councillor’s Office for Children, City of Rome, Italy
Kuyashaqisa ukucabanga ukuthi nakuba sekuzoqala ikhulu lama-21, izingane eziningi zisasebenza njengezigqila futhi zisetshenziselwa ukubulala abanye. Okudabukisa nakakhulu yiqiniso lokuthi eziningi azinalo ithemba lokuphila okungcono. Nalapha futhi, i-Phaphama! iluveze kahle usizi lwezingane emhlabeni.
S. R. B., Brazil
Ngemva kweminyaka engu-36 ngishadile, sengihlukanisile. Ngathola ukuthi kwase kuphele iminyaka umyeni wami enukubeza amadodakazi ami. (Wayengeyena umKristu.) Ngacindezeleka kakhulu lapho ngizwa ngalokhu. Kubonakala sengathi akekho owayeqonda ukuthi kubi kangakanani ukuxhashazwa ngokobulili noma ubuhlungu obukhulu izisulu ezingenacala ezibuzwayo. Ngakho ngibonga uJehova ngokuthi niye nabhala ngalolu hlupho.
N. M., United States
Ukunakekela Asebekhulile Ngasijabulela ngempela isihloko esithi “Bonisa Ukuthi Uyabakhathalela.” (April 8, 1999) Ogogo nomkhulu abahlala emakhaya okunakekela asebekhulile bayalibaleka kwabemikhaya yabo. Kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, idlanzana lethu lakhetha ukuxoxa ngeBhayibheli nabathile ekhaya lasebekhulile eliseduze. Kamuva, sabadlalela umculo ngopiyano futhi sadla ingevu. Manje sesihlela ukubavakashela njalo.
C. V., United States
Isiphepho Sase-Afrika Ngineminyaka engu-12 ubudala, futhi ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Ngemva Kwesiphepho, UbuKristu Bachuma.” (March 8, 1999) Ngicabanga ukuthi bayatuseka kakhulu abazalwane abasiza labo ababesenkingeni! Kwangikhumbuza indlela abafowethu abasiza ngayo abanye ngemva kokuzamazama komhlaba okukhulu eHanshin, eJapane. Lesi sihloko sangikhuthaza ukuba ngibe nesibindi futhi ngenzele abanye izinto ezinhle.
R. K., Japan
Ukulala Kwezinsana Ngiyabonga ngesihloko esithi “Usana Kufanele Lulale Kanjani?” (March 22, 1999) Umntwana wami oyizibulo wabulawa yisifo sokufa kwezinsana ngokuzumayo (SIDS) enezinyanga ezimbili nesigamu ubudala. Ukube nje ngangithole lokhu kwaziswa! Nakuba senginezinye izingane ezimbili ezithandekayo, inhliziyo yami isebuhlungu kakhulu.
A. D., Italy
Kunezici eziningi eziyingozi ezingabangela i-SIDS. (Bheka esithi “Ukubuka Okwezwe” kuyi-“Phaphama!” ka-January 22, 1997.) Nokho, i-SIDS iseyimpicabadala yezokwelapha ngezindlela eziningi. Ngakho-ke, abazali abaye bashonelwa umntwana ngenxa ye-SIDS akufanele bazibeke icala ngaleyo nhlekelele. Ukudingidwa kabanzi kwe-SIDS kumagazini wethu (wesiNgisi) ka-January 22, 1988, kwaba yinduduzo kubazali abaningi abashonelwa.—ED.
I-celiac Disease Sathola isihloko esithi “Ukubhekana Ne-celiac Disease” (March 22, 1999) ngemva kwezinyanga ezintathu sizwé ukuthi ingane yethu eneminyaka eyisithupha inalesi sifo. ERussia, ngisho nodokotela abasazi lesi sifo. Yeka indlela okududuza ngayo ukuthi abafowethu nodadewethu abangamaKristu sebezoqonda ukuthi kungani indodakazi yethu idla ukudla okukhethekile! Lesi sihloko siye sasinikeza isibindi futhi sasiqinisekisa ukuthi njalo uJehova uyazinakekela izidingo zabantu bakhe.
V. P. noL. P., Russia
Ukufisa Izinto Ongenazo Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingazitholi Izinto Engizifunayo?” (March 22, 1999) Ngithanda ukunibonga ngalesi sihloko ngoba sangisiza ngabona ukuthi anginakukwazi ukuba nazo zonke izinto engizifunayo. Kodwa njengoba lesi sihloko sasho, uJehova uyazazi izidingo zethu, futhi ngiyajabula kakhulu ngokuthi ngiphila ukuphila okulula.
C. K., Canada