‘Umhlaba Wethu Ubuyohluka’
Imizamo yokubhuntshisa umhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova eMoscow ngo-August nyakenye yaba undabamlonyeni ngempela. (Bheka imininingwane emakhasini 27 no-28.) Kuyi-Moscow Times ka-August 21, 1999, u-Andrei Zolotov, Jr., wabika ukuthi “uVladimir Kozyrev, isekela lomqondisi wenkundla yezemidlalo, wathi abaphathi babengamelene nokuqhutshwa komhlangano woFakazi BakaJehova. Wathi akazi ukuthi waqhamukaphi lo myalo [owenqabela umhlangano].”
Encwadini eyashicilelwa kuyi-Moscow Times sekuphele isonto, umfundi walincoma leli phephandaba ngokushicilela isihloko “esingathathi hlangothi neze” futhi wathi “abafundi kwakufanele basifunde nakanjani.” Waphawula: “Indaba yenu ekhuluma ngobunzima obukhulu oFakazi BakaJehova ababhekana nabo lapho belungiselela umhlangano wabo wonyaka [yakuveza obala] ukuphathwa kwabo ngokungenabulungisa.”
Khona-ke umlobi wale ncwadi waphawula ukuthi oFakazi BakaJehova “baziwa kabanzi emhlabeni (futhi manje naseRussia) . . . Baziwa . . . ngokuba abantu abakahle kakhulu, abanomusa nabathobekile, okulula kakhulu ukusebenzelana nabo, abazami ukucindezela abanye abantu futhi bafuna ukuba nokuthula ebudlelwaneni babo nabanye kungakhathaliseki ukuthi ziyini izinkolelo zabo, kungaba ubuKristu Bobu-Orthodox, amaSulumane noma amaBuddha. Phakathi kwabo abekho abafumbathiswayo, izidakwa noma imilutha yezidakamizwa, futhi isizathu sisobala: Bazama ukuqondiswa yizinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini kukho konke abakushoyo noma abakwenzayo. Ukuba bonke abantu emhlabeni bebengazama okungenani ukuphila ngokuvumelana neBhayibheli ngendlela oFakazi BakaJehova abenza ngayo, umhlaba wethu ophatha abantu ngonya ubuyohluka ngokuphelele.”
Iziphathimandla eziye zacwaninga ngoFakazi BakaJehova futhi zasebenzelana nabo ngokuqondile ziyavumelana nencazelo engenhla. Ngokwesibonelo, iziphathimandla ezinjalo zanika oFakazi BakaJehova imvume yokwakha leli Hholo LoMhlangano elihle elisha eSt. Petersburg, eRussia. Lapho linikezelwa ngo-September 18 nyakenye, leli hholo laligcwele phama izethameli ezigcwele injabulo ezingu-2 257, futhi ezinye ezingu-2 228 zazilalele isimiso emaHholo OMbuso eSt. Petersburg nasehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseduze eSolnechnoye.