Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 12/22 k. 15-k. 18 isig. 2
  • Indlela Umsebenzi Onconywa Ngayo EMoscow

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Umsebenzi Onconywa Ngayo EMoscow
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OFakazi EMoscow
  • Kuhilela Indawo Entsha Yokuhlangana
  • Ukufeza Umsebenzi
  • IMoscow Igubha Unyaka Wayo Wama-850
    I-Phaphama!—1997
  • Impi Engokomthetho Yesikhathi Eside Iphela Ngokunqoba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ubunye Obumangalisa Izwe
    I-Phaphama!—1993
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 12/22 k. 15-k. 18 isig. 2

Indlela Umsebenzi Onconywa Ngayo EMoscow

NGO-1998 icala elalihlongoza ukuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova lalethwa phambi kwenkantolo kamasipala wesifundazwe saseGolovinsky, eMoscow. Ngakho-ke, ungase ukuthole kuyindida ukuthi oFakazi BakaJehova baye banconywa muva nje yizikhulu zendawo zeGolovinsky District Administration.

Kungani oFakazi banconywa yiziphathi-mandla zaseMoscow kuyilapho ngesikhathi esifanayo abanye abantu babenza imizamo yokubavimbela edolobheni? Ukubukeza kafushane umsebenzi woFakazi lapho kuzosinika izimpendulo.

OFakazi EMoscow

Phakathi nawo-1950, iMoscow yayingenye yezinhloko-dolobha zomhlaba lapho kwakungahlali khona ngisho noFakazi KaJehova oyedwa. Sasiyini isizathu? Ngoba oFakazi baseMoscow babedingisiwe, njengoba kwakunjalo nangabanye abayizinkulungwane eSoviet Union. Babedingiselwephi? Abaningi bayiswa emakamu okufukuza aseSiberia.

Njengoba iminyaka yayihamba, abantu abambalwa baseMoscow baqala ukutadisha iBhayibheli ngosizo lwezincwadi zoFakazi, ezazinqatshelwe eRussia ngaleso sikhathi. Maphakathi nawo-1970, abambalwa ababengoFakazi ngaleso sikhathi babehlangana bazofunda iBhayibheli endlini kaMurat Shakirov, eMoscow. Ngawo-1980, amalungu aleli qembu elincane akwazi ukuvusa isithakazelo sabanye abaningi ekutadisheni iBhayibheli.

Lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvunyelwa ngokomthetho eSoviet Union ngo-March 1991, ibandla elikhulu loFakazi eMoscow laqala ukusebenza obala. Izinkulungwane zabantu zazimagange ukwazi ukuthi kungani oFakazi babekade beshushiswa. Babefuna nokwazi ukuthi lifundisani ngempela iBhayibheli. Ngakho lapho kuba nomhlangano wesigodi eKiev, e-Ukraine, ngo-August 1991, abangaphezu kuka-2 000 abavela eMoscow bahamba amakhilomitha angaba ngu-890 beya khona. Abaningi balaba babephakathi kwabangu-1 843 ababhapathizwa lapho.

Ngo-1993, lapho kuqhutshwa umhlangano omkhulu woFakazi BakaJehova eLocomotive Stadium eMoscow, kwaba khona abantu abangu-23 743 ababevela emazweni angaphezu kwangu-30. Ekupheleni kwalowo nyaka, inani lamabandla edolobheni laseMoscow lase linyuke laba ngu-21. Namuhla, eminyakeni engaba ngu-8 kamuva, kunamabandla angu-104 kuyo le ndawo.

Phakathi no-June no-July nonyaka, abantu abangu-18 292 baba khona emihlanganweni yesigodi emine yoFakazi BakaJehova eMoscow, futhi kwabhapathizwa abangu-546. Ukwanda okukhulu kwenani lalabo abazihlanganisa noFakazi ekutadisheni iBhayibheli labangela abaholi beSonto Lobu-Orthodox LaseRussia ukuba bashoshozele iziphathi-mandla zaseMoscow ukuba zivimbele umsebenzi woFakazi.

Ekuqaleni kuka-1998, icala elalihlongoza ukuvinjelwa koFakazi laqulwa enkantolo yaseGolovinsky. Ekugcineni, ngo-February 23, 2001, ijaji lakhipha isinqumo sokuthi oFakazi babemsulwa emacaleni ababethweswe wona. Nokho, lapho umshushisi edlulisela icala enkantolo ephakeme yaseMoscow, labuyiselwa enkantolo yokuqala ukuba liyoqulwa kabusha.

Kodwa-ke, kungani iziphathimandla zedolobha laseMoscow zeGolovinsky District Administration zancoma oFakazi, naphezu kwemizamo yabanye abantu yokuba bavinjelwe?

Kuhilela Indawo Entsha Yokuhlangana

Ngo-December 1998, oFakazi bathenga isakhiwo esikhulu esinezitezi ezimbili eduze kweMikhalkovsky Park. Ngaphambili sasiyisikhungo sezobuciko. Esikhathini esithile esidlule, izisebenzi ezingoFakazi zaqala ukuvuselela lesi sakhiwo esikhulu. SinamaHholo OMbuso, noma izindawo zokuhlangana ezinhlanu, ezizosetshenziswa amabandla oFakazi BakaJehova angu-22.

Ngo-April 15 kuwo lo nyaka ophezulu, omunye umqondisi wesifundazwe saseGolovinsky wacela ukuba oFakazi bahlanze iMikhalkovsky Park ngo-April 21. Kuyinto evamile eRussia ukuba izakhamuzi namaqembu omphakathi ahlanganyele ekuhlanzeni amapaki nemigwaqo emikhulu. Ngo-April 17, oFakazi bahlangana ukuzohlela lo msebenzi. Kulo mhlangano kwanqunywa ukuthi kwakuzodingeka izisebenzi ezingaba ngu-700.

Ukufeza Umsebenzi

Ngo-April 18, lapho oFakazi betshela izikhulu zesifundazwe saseGolovinsky ngenani lamahhala namanye amathuluzi ayezodingeka, iziphathimandla zazingakholelwa ukuthi kwakuzosabela izisebenzi ezingaba ngu-700. Kodwa-ke, ngo-9:30 ekuseni ngo-April 21, lapho izisebenzi zikamasipala zifika epaki, kwase kunamakhulu oFakazi, kodwa kwakunamathuluzi engadi angu-200 kuphela ababengawasebenzisa. Ngokuhamba kwesikhathi, batholelwa amanye amahhala angu-200. Labo ababengenamathuluzi basebenza ngezandla beqoqa udoti bewufaka emapulasitikini. OFakazi beza ngisho namawudlu okudoba nesikebhe ukuze bahlanze ichibi elikhulu.

Abameleli bakamasipala bamangala ngomsebenzi owawenziwa. Baphawula ukuthi abantu babesebenza njengokungathi bahlanza awabo amagceke, besebenza ngenjabulo nangokuzimisela. Sebebonke, bangaba inkulungwane oFakazi BakaJehova abahlanganyela ekusebenzeni eMikhalkovsky Park, futhi baqoqa imfucumfucu engaphezu kwamathani angu-250. Abakhelene naleli paki bathi kwase kukade bagcina ukulibona lihlanzeke ngale ndlela.

Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, iziphathimandla zahlatshwa umxhwele ngalokho okwenziwa futhi zabonga kakhulu. Isikhulu esithile sesifundazwe saseGolovinsky sabhala: “IGolovinsky District Administration yoMkhandlu-sifundazwe Wasenyakatho yeMoscow ibonga ibandla loFakazi BakaJehova ngokuhlanganyela kwalo ekuhlanzeni iMikhalkovsky Park.” Esinye isikhulu naso sazwakalisa ukwazisa kwaso, saphetha ngokuthi: “Lo msebenzi omuhle nobalulekile uzuzisa futhi ujabulise bonke abavakashela leli paki.”

Nakuba oFakazi BakaJehova bekujabulela ukuhlanza izindawo ezibazungezile—nokuhlanganyela emisebenzini enjengalowo ochazwe lapha—umsebenzi wabo oyinhloko namuhla ukuhlanganyela nabantu izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni oyoletha izimo zePharadesi emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Njengoba babehlanza iMikhalkovsky Park, abanye bezwakala bethi lokho ababekwenza kwakuwukuziqeqeshela umsebenzi wangemva kwe-Armagedoni wokuhlanza wonke umhlaba.—IsAmbulo 16:14, 16.

Ngempela, bonke abathandi beBhayibheli babheke phambili esikhathini lapho wonke umhlaba uyoba yindawo enhle enjengepaki, njengoba uNkulunkulu ayehlose ukuba kube njalo lapho edala umbhangqwana wokuqala ongabantu.—Genesise 1:28; 2:8, 9, 15; IsAmbulo 21:3, 4.

[Isithombe ekhasini 15]

Ukuhlangana futhi kwalabo ababehlangana endlini kaMurat Shakirov maphakathi nawo-1970

[Izithombe ekhasini 16]

Imihlangano emine eqhutshwe eMoscow nonyaka yayinengqikithi yabangu-18 292 yababe khona

[Izithombe ekhasini 17]

Lesi sikhungo okwakungesemisebenzi yezobuciko savuselelwa ukuze kwakhiwe amaHholo OMbuso amahlanu

[Isithombe ekhasini 18]

Kwasuswa udoti ongaphezu kwamathani angu-250

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela