Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 3/8 kk. 22-25
  • Indlela Eyenziwa Ngayo I-video Ethi Noah—He Walked With God

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Eyenziwa Ngayo I-video Ethi Noah—He Walked With God
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yenziwa Kanjani I-video KaNowa?
  • Ubuciko Nekhamera Ekhethekile
  • Umphumela Wama-video Anikeza Ubufakazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • OFakazi BakaJehova—INhlangano Efeza Okushiwo Yigama Layo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • “Kuyindlela Entsha!”
    I-Phaphama!—2016
  • I-video Entsha Yokuqala Izifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 3/8 kk. 22-25

Indlela Eyenziwa Ngayo I-video Ethi Noah—He Walked With God

“UVUKA ekuseni akhulume ngayo. Uyibuka kathathu noma kane phakathi nosuku futhi ayiphinde ngaphambi kokuba ayolala ebusuku.” Lo mama waseCalifornia ukhuluma ngani? Ngendodana yakhe eneminyaka emibili ubudala nendlela eyithanda ngayo i-video ethi Noah—He Walked With God.a Uyanezela: “Lapho edlala egcekeni, ukhuluma ngokwakha umkhumbi osindisa ukuphila, ephethe isando sakhe.”

Omunye umama wabhala: “Kumelwe nginibonge kakhulu ngayo yonke imizamo, isikhathi, nothando enalubonisa kuyi-video kaNowa. Nginomntwana oneminyaka emithathu ubudala oseyazi yonke i-video ngekhanda, ngisho nemisindo yayo! Leli ikhasethi alithanda kakhulu, futhi uyaye acele ukulibuka nsuku zonke, kabili noma kathathu ngosuku.”

Intombazanyana okuthiwa uDanielle yabhala: “Ngiyithanda kabi, futhi ngifuna ukwenza izinto ezenziwa uNowa. Ngithemba ukuthi niyozenzela ama-video amaningi izingane.”

Kuyavunywa, kuthatha isikhathi eside ukwenza ama-video eBhayibheli. Kungani kunjalo?

Yenziwa Kanjani I-video KaNowa?

Esikhathini eside kungakenziwa uchungechunge lwezithombe noma kudwetshwe imifanekiso, umlobi wohlaka wabhala indaba esekelwe ekulandiseni kweBhayibheli. Ekugcineni lokhu kwakuyoba indaba edwetshwe eshadini bese kwenziwa umbhalo ophelele. Indaba edwetshwe eshadini iwuchungechunge lwemifanekiso emincane esiza abadwebi ukuba babone ukuthi izenzakalo zizolandelana kanjani futhi indaba ihlelwe kanjani. Abathile, abahlanganisa nabadwebi, báxoxa ngokuthi iyiphi indlela ongalandiswa ngayo umlando kaNowa—iziphi izingxenye ezazizosebenzisa abadlali futhi iziphi ezazingamelelwa kahle yimidwebo. Izenzakalo ezidlalwa zilandelaniswe zenza ukulandisa kube ngokoqobo engqondweni yomntwana. Zibonisa ukuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abangokoqobo ababekhonza uJehova eminyakeni eyizinkulungwane edlule. Yini eyayizolandela kulo mkhiqizo?

Kwakhethwa abadlali ababezomelela uNowa nomkhaya wakhe. Kwathungwa izingubo zabo, kwase kunqunywa ukuthi imiphi imibala eyayizosetshenziswa esigcawini ngasinye. Konke lokhu kwakudingekile ngoba abadwebi babengeke bakwazi ukudweba imifanekiso kaNowa, umkakhe, amadodana nomalokazana, kuze kube yilapho sebazi ukuthi abadlali babukeka kanjani lapho sebegqoke izingubo zabo. Le mifanekiso kwakufanele ihambisane nezigcawu ezingokoqobo. Kodwa lezi zigcawu zazizothwetshulelwa kuphi?

Kwakhethwa iDenmark, njengoba ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society lakulelo zwe linabakhi bempahla yesiteji abanekhono futhi linefektri enkulu ngokwanele edingekayo lapho kwenziwa izigcawu zasendlini. Kwathunyelwa iqembu labathwebuli le-Audio/Video Services Department yaseWatchtower Education Center ePatterson, eNew York, ukuba liyothwebula umdlalo, owawuhlanganisa nezisebenzi zaseDenmark. Le ndaba iyalandiswa. Lokhu kukwenza kube lula ukukhiqiza lolu hlelo ngezinye izilimi ngoba asikho isidingo sokuqopha amazwi, okusho ukuthi, ukufaka inkulumo ehunyushiwe ehambisanayo. Kodwa wenziwa kanjani umsebenzi onzima wokudweba imifanekiso?

Ubuciko Nekhamera Ekhethekile

Abadwebi benza amakhulu emifanekiso kapende esekelwe endabeni edwetshwe eshadini elalenziwe iqembu labasunguli. Le mifanekiso yayingezona nje izikwele noma onxande. Ngezinye izikhathi yayigobile noma iyisiyingi, kuye ngokuthi ikhamera izomiswa ngayiphi indlela. Ayikho imidwebo eyayimikhulu ngaphezu kwamasentimitha angu-56 ububanzi nangu-76 ukuphakama, futhi eminingi yayingamasentimitha angu-28 ububanzi nangu-38 ukuphakama.

Kwakudingeka ikhamera ekhethekile yemifanekiso ukuze kuthwetshulwe le mifanekiso. Ukuze kubonakale zonke izinhlangothi zale mifanekiso, yahlelwa yaba izingxenye ezintathu—ephambili, ephakathi nendawo nengemuva. Ngale ndlela kwakungathwetshulwa ezinhlangothini ezihlukene phakathi kwezihlahla, phakathi kwemilenze yendlovu, noma kunoma ikuphi okunye okudingekayo ukuveza ububanzi bendawo. Ikhamera yayiqondiswa i-computer futhi yayingathwebula ingaphezu kwalenkundla yomdlalo noma kusondezwe isithombe ukuze kuvezwe izinhlangothi ezikhethekile. Lokhu kungakwenza ucabange ukuthi le mifanekiso iyanyakaza , kanti empeleni ikhamera kuphela enyakazayo.

Njengoba i-Watch Tower Society ingenabo abantu abanamakhono nezinto zokwenza opopayi bangempela, le ndlela yokusebenzisa izigcawu zabadlali abangokoqobo nemifanekiso ibonakala iphumelela. Izingane eziphakathi kweminyaka emithathu kuya kwengu-12 ubudala, le video eklanyelwe zona, zayijabulela le ndlela. Futhi le video izibeka obala izifundo eziningi esingazithola esibonelweni sikaNowa. Ngaphezu kwalokho, imibuzo esesembozweni se-video isiza abazali ukuba babukeze amaphuzu ayinhloko ale ndaba nabantwana babo.

Ezinye izithombe ezenziwe ngokukhethekile, njengemvula eyayilokhu ine njalo ngeSikhukhula, zenziwa ngobuchwepheshe bama-computer. Kulula ukubona ukuthi kwachithwa isikhathi esiningi nemizamo lapho kwenziwa i-video kaNowa.

Njengoba ukulandisa kweBhayibheli kungaguquki, le video ethi Noah—He Walked With God iyohlale ingundabuzekwayo futhi ingasiza ekufundiseni isizukulwane ngasinye esisha sentsha. Izingane nabazali baye babhala amakhulu ezincwadi ezibonisa ukwazisa becela ama-video engeziwe. Othile wabhala: “Ngineminyaka engu-50 ubudala futhi sengazikhulisa kudala izingane zami. Kodwa ngicabanga ukuthi ukuba nomtapo wama-video ezindaba zeBhayibheli kungaba ithuluzi eliyigugu kakhulu kubazali namuhla.”

[Umbhalo waphansi]

a Le video yakhululwa ngo-1997 futhi isihunyushwe ngesi-Albania, isiCroatia, isiCzech, isiDanishi, isiDashi, isiFinnish, isiFulentshi, isiGreki, isiHungary, isiJapane, isiKorea, isiLatvia, isiNorway, isiNtaliyane, isiPutukezi, isiSerbia, isiShayina, isiSlovak, iSpanishi, isiSweden nesiThai. Kuhlelwa ukuba ihunyushelwe kwezinye izilimi ezengeziwe.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 25]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ikhamera eyi-“motion-control” ithwebula ihamba, ukuze imifanekiso iphile

[Izithombe ekhasini 22, 23]

Ukwenziwa kwayo kwaqala ngendaba edwetshwe eshadini

[Izithombe ekhasini 23]

Izigcawu eziningi ezinabadlali zathwetshulwa eDenmark

[Izithombe ekhasini 24, 25]

Abadwebi badweba izigcawu ezihlukahlukene ezingu-230

[Izithombe ekhasini 25]

Ukuhlela nge-computer, izithombe ezikhethekile, ukulandisa, umculo nomsindo kwayiphelelisa le video

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela