Ezindabeni Ze-TV—Zingakanani Izindaba Zangempela?
Ngemva kokuhlaziya okuqukethwe yizindaba ezivela ezindaweni zasemadolobheni ezingu-52 e-United States nendlela ezifundwa ngayo eziteshini zendawo ze-TV ezingu-102, iqembu lezingqapheli lathola ukuthi kulezi zinhlelo izindaba zingamaphesenti angu-41,3 kuphela. Yini enye esezinhlelweni zokufundwa kwezindaba?
Ngokwesilinganiso, amaphesenti angu-30,4 esikhathi sokusakazwa kwezindaba zendawo kuyi-TV ayizikhangiso. Empeleni, ezinye iziteshi ezahlolwa zichitha isikhathi esiningi zikhangisa kunokuba kufundwe izindaba. Ngaphezu kwalokho, lapho ufushanisa imiphumela yalokhu kuhlola, lo mbiko wathi ngokuvamile isikhathi sokusakaza izindaba emoyeni sigcwele izinto ezingasho lutho.a Esihlokweni esithi “Izinto Ezingasho Lutho,” lo mbiko uhlanganisa “isikhathi sokusakaza esisetshenziswa abasakazi bedla nje ingevu, izimemezelo nokubukeza izindaba ezizolandela, ‘ukuntela’ noma izindaba ezingamahlaya nezindaba ezimayelana nosaziwayo.” Nazi ezinye izibonelo zezihloko zezindaba ezingasho lutho: “Umncintiswano Wabaculi Be-tenor Abangamabhimbi,” “Intatheli Ithatha Uhambo ‘Olumangalisayo’ Kuyi-roller Coaster,” nesithi “Bayanda Abantu Abathenga Amasemishi Ezitolo Zokudla.”
Iziphi ngempela izenzakalo ezisakazwa ngesikhathi sezindaba? Izindaba zobugebengu zingamaphesenti angu-26,9 esikhathi sokusakaza izindaba emoyeni, zihamba phambili ezindabeni ze-TV. “Inkulumo ethi ‘Uma ikhuluma ngobudlova, ihamba phambili,’ isewundabuzekwayo ezindabeni zendawo ze-TV . . . Kungenzeka ukuthi amazinga obugebengu kulo lonke elase-United States aye ehla kule minyaka embalwa edlule, kodwa akunjalo ezindabeni zendawo zethelevishini.” Ngani? Ngokwabasunguli balolu cwaningo, “izenzo zobugebengu zivusa amadlingozi futhi zidonsa ukunakekela kwabantu.”
Okulandela ubugebengu kuba imibiko ngezinhlekelele, ezinjengomlilo, ukushayisana kwezimoto, izikhukhula nokuqhuma kwamabhomu (okungamaphesenti angu-12,2 ezindaba), kulandelwe ezemidlalo (ezingamaphesenti angu-11,4). Khona-ke kulandela izindaba zezempilo (ezingamaphesenti angu-10,1), ezikahulumeni (ezingamaphesenti angu-8,7), nezomnotho (ezingamaphesenti angu-8,5). Izihloko ezinjengemfundo, ezendawo ezungezile, ezobuciko nezesayensi azinakwa (zisukela kumaphesenti angu-1,3 kuya kwangu-3,6). Ngakolunye uhlangothi, ngokwesilinganiso imibiko yesimo sezulu ithatha amaphesenti angu-10 aso sonke isikhathi sezindaba. Abacwaningi bathi: “Wonke umuntu uyathanda ukukhuluma ngesimo sezulu futhi izindaba ze-TV azihlukile.” Bayanezela: “Isimo sezulu, kungakhathaliseki ukuthi sihle noma sibi, siyashisa noma siyabanda, sinezimvula noma somisile, singabangela umbiko wezindaba oningiliziwe.”
Okuhle ukuthi lo mbiko ubonisa ukuthi inani elandayo lezintatheli nezibukeli liyasibona isidingo sokushintsha. Nokho, lolu cwaningo luyavuma ukuthi ushintsho olunjalo ngeke lwenzeke kalula ngoba “ezentengiselwano nobugovu kungase njalo kusongele imibiko yezindaba esezingeni eliphakeme.”
[Umbhalo waphansi]
a Umbiko okuthiwa i-Not in the Public Interest—Local TV News in America uwucwaningo lwesine lwaminyaka yonke oluhlola okusezindabeni ezweni lonke. Uhlanganiswa uDkt. Paul Klite, uDkt. Robert A. Bardwell noJason Salzman, we-Rocky Mountain Media Watch.