Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/8 kk. 8-9
  • Umhlaba Ongenawo Amabhomu Agqitshwayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhlaba Ongenawo Amabhomu Agqitshwayo
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwakha Umphakathi Onokuthula
  • Izindleko Zamabhomu Agqitshwayo
    I-Phaphama!—2000
  • Amabhomu Agqitshwayo—Usongo Lwembulunga Yonke
    I-Phaphama!—1994
  • Ukuphela Kwempi
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/8 kk. 8-9

Umhlaba Ongenawo Amabhomu Agqitshwayo

UBANI ongaxazulula inkinga yamabhomu agqitshwayo? Njengoba sesibonile, imizamo yabantu ayinakuyiqeda inzondo, ukuba ntamo lukhuni nobugovu. Nokho, abafundi beBhayibheli bayaqaphela ukuthi uMdali angaliletha ikhambi elihlala njalo. Kodwa uyokwenza kanjani lokho?

Ukwakha Umphakathi Onokuthula

Abantu abalwayo, hhayi izikhali. Ngakho, uma sifuna ukuthula, kumelwe kuqedwe inzondo ehlukanisa isintu ngokohlanga nangokobuzwe. UNkulunkulu uthembisa ukwenza lokho ngoMbuso wakhe, izigidi zabantu emhlabeni wonke eziye zafundiswa ukuba ziwuthandazele.—Mathewu 6:9, 10.

IBhayibheli libhekisela kuJehova ‘njengoNkulunkulu onikeza ukuthula.’ (Roma 15:33) Ukuthula okunikezwa uNkulunkulu akusekelwe emithethweni eyenqabelayo nasezivumelwaneni, futhi akusekelwe ekwesabeni impindiselo yesizwe esiyisitha esihlomile. Ngokuphambene, ukuthula okuyolethwa uNkulunkulu kuhilela ushintsho endleleni yabantu yokucabanga nesimo sengqondo abanaso ngabanye abantu.

UJehova uNkulunkulu uyofundisa abathobekile izindlela zakhe zokuthula. (IHubo 25:9) IZwi lakhe, iBhayibheli, lithembisa isikhathi lapho bonke abaphilayo ‘beyobe bengabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.’ (Isaya 54:13) Ngokwezinga elithile, kakade lokhu sekuyenzeka. Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova baziwa ngokukhuthaza ukuthula ngisho naphakathi kwabantu abanezizinda ezihluke kakhulu. Abantu abafundiswa izimiso eziphakeme zeBhayibheli balwela ukuphila ngobunye naphezu kwezinto ebezingase zibahlukanise. Imfundo yeBhayibheli isishintsha ngokuphelele isimo sabo kusuka kwesenzondo kuya kwesothando.—Johane 13:34, 35; 1 Korinte 13:4-8.

Ngaphandle kwemfundo, sekuphele isikhathi eside isidingo sobumbano lwembulunga yonke sibhekwa njengesici esiyinhloko ekuqedweni kwezikhali. Ngokwesibonelo, iKomiti Yomhlaba Wonke YeSiphambano Esibomvu itusa ukuba umphakathi womhlaba wonke ngobunye ukhuthaze izindlela ezivimbelayo nezilungisayo zokubhekana nosongo lwamabhomu agqitshwayo.

UJehova uthembisa ukwenza okungaphezulu kakhulu kwalokho. Umprofethi uDaniyeli wabikezela: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . Uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso [ekhona], wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.

UMbuso kaNkulunkulu uyofeza lokho abantu abahlulekayo ukukwenza. Ngokwesibonelo, amazwi angokwesiprofetho eHubo 46:9 athi: “[UJehova] uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” UMbuso kaNkulunkulu uyoletha isimo lapho umuntu engakujabulela khona ngempela ukuthula noMdali wakhe nabantu aphila nabo.—Isaya 2:4; Zefaniya 3:9; IsAmbulo 21:3, 4; 22:2.

Lo mlayezo weBhayibheli umnika induduzo u-Augusto, okukhulunywe ngaye esethulweni sesihloko esandulele. Abazali bakhe, abangoFakazi BakaJehova, bayamsiza ukuba akholelwe ezithembisweni ezimangalisayo zeBhayibheli. (Marku 3:1-5) Yiqiniso, okwamanje kumelwe akhuthazelele imiphumela ebuhlungu yokuqhuma kwebhomu elamkhubaza. Noma kunjalo, u-Augusto ubheke phambili osukwini lapho isithembiso sikaNkulunkulu somhlaba oyipharadesi siyoba ngokoqobo. Umprofethi u-Isaya wabikezela: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, . . . unyonga luyakutshekula njengendluzele.”—Isaya 35:5, 6.

Kulelo Pharadesi elizayo, amabhomu agqitshwayo ngeke esaba usongo ekuphileni nasezithweni zomzimba. Kunalokho, abantu abahlala kuwo wonke amagumbi omhlaba bayohlala ngokulondeka. Umprofethi uMika wakuchaza ngale ndlela: “Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.”—Mika 4:4.

Ungathanda ukufunda okwengeziwe ngezithembiso zikaNkulunkulu ezichazwe eZwini lakhe, iBhayibheli? Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini, noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

EMbusweni kaNkulunkulu, amabhomu agqitshwayo ngeke esaba usongo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela