Inyoni Ingasifundisani Isiboshwa?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
NGOKWE-SUNDAY TRIBUNE yaseThekwini, eNingizimu Afrika, izinyoni zineqhaza ekuthambiseni izinhliziyo zeziboshwa eJele LasePollsmoor. Njengamanje zingu-14 iziboshwa ezihlanganyela kulolu hlelo oluhilela ukunakekela ama-cockatiel nama-lovebird ezitokisini zazo.
Lusebenza kanjani lolu hlelo? Isiboshwa ngasinye esihlanganyela kulolu hlelo sinendawo yokufukamelisa esitokisini saso. Iphuphu elisanda kuchanyuselwa linakekelwa isiboshwa, njengoba lingakwazi ukuzidlela silifunza ngesandla njalo ngemva kwehora noma amabili, ubusuku nemini, cishe kuze kuphele amasonto amahlanu. Kamuva le nyoni ibekwa ekhejini, nalo eligcinwa esitokisini. Uma inyoni isikhulile, idayiselwa umphakathi. Ezinye iziboshwa zizithanda kakhulu izinyoni zazo kangangokuthi ziyakhala uma selufikile usuku olungaliyo lokuhlukana.
Ngisho neziboshwa ezinezinhliziyo ezilukhuni ziye zathamba futhi zaba nozwela ngokuphawulekayo ngemva kokukhuluma nezinyoni nokuzinakekela nsuku zonke. Esinye isiboshwa sathi: “Ngenza izinyoni zithambe, kodwa sezijike zathambisa mina.” Esinye sathi izinyoni zasifundisa ukubekezela nokuzithiba. Isiboshwa esasiboshelwe ukweba sithi ukunakekela inyoni kwakusenze saqaphela ukuthi ukuba umzali “kuwumthwalo wemfanelo omkhulu”—into esasingayinaki ngezingane zaso lapho singakaboshwa.
Ukunakekela lezi zinyoni kunezinye izinzuzo eziboshweni. UWikus Gresse, owasungula lolu hlelo, uthi: “Ngala makhono abawafunda lapha, bangafika ngaphandle bathole umsebenzi kubafuyi bezinyoni noma kodokotela bezilwane.”