Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngiyohlala Kwelinye Izwe?
“Ngangifuna ukuyohlala kwenye indawo.”—USam.
“Ngangimane nje ngifuna ukuzwa ukuthi kunjani. Ngangifuna ukubona okuthile okuhlukile.”—UMaren.
“Umngane wami omkhulu wangitshela ukuthi kungangisiza ukuhamba ekhaya isikhashana.”—U-Andreas.
“Ngangifuna ukuba yidelangozi.”—UHagen.
UKE ucabange ukuyohlala kwelinye izwe—mhlawumbe isikhashana? Unyaka nonyaka, izinkulungwane zentsha ziyakwazi ukwenza lokho kanye. U-Andreas owake wahlala kwelinye izwe uthi: “Ngingathanda ukuphinde ngikwenze.”
Enye intsha ihamba iyohlala kwelinye izwe isikhashana ngoba ifuna ukuthola imali noma ifuna ukufunda olunye ulimi. Ngokwesibonelo, emazweni amaningi ziyathandwa kakhulu izinhlelo zokuba nezisebenzi zasekhaya ezivela kwamanye amazwe. Lezi zinhlelo zivumela intsha evela kwamanye amazwe ukuba yenzele umkhaya umsebenzi wasendlini ukuze ithole indawo yokuhlala nokudla, bese iyakwazi ukufunda ulimi lwendawo ngesikhathi sayo esikhululekile. Kukhona nentsha ethuthela kwamanye amazwe ngoba iyofunda. Enye isuke iyofuna umsebenzi ukuze ikwazi ukusiza imikhaya yakubo ngemali. Kodwa, enye ihamba ngoba ingazi ukuthi ifuna ukwenzani lapho iqeda esikoleni, bese ifuna ukuchitha isikhathi ikwelinye izwe.
Ngokuthakazelisayo, enye intsha engamaKristu iye yaya kwamanye amazwe okudingeka kuwo abavangeli, ukuze yandise inkonzo yayo. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu, ukuhlala kwelinye izwe kungase kube isifundo esibalulekile esingakwenza ukwazi ukuzimela lapho usumdala. Kungase kukuvule ingqondo. Ungase ukwazi ngisho nokukhuluma olunye ulimi—into engase yandise amathuba akho okuthola umsebenzi.
Noma kunjalo, ukuhlala kwelinye izwe akukhona okuhlangenwe nakho okujabulisayo ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, uSusanne wahamba wayofunda kwelinye izwe ngokushintshana nomunye umfundi wakhona, wahlala unyaka. Uthi: “Ngangiqiniseka ukuthi ngizoba nesikhathi esimnandi kakhulu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Kanti ngangishaye phansi.” Enye intsha iye yaxhashazwa noma yangena kwezinkulu izinkinga. Ngakho-ke ngaphambi kokuba umthwalo ube sobhokweni, kungaba ukuhlakanipha ukuhlala phansi ucabangele ubuhle nobubi.
Hlaziya Izisusa Zakho
Ukucabangela ubuhle nobubi kuyohlanganisa nokuhlola izisusa zakho zokufuna ukuya kwelinye izwe. Kunomehluko ukuhamba ngoba uphishekela izithakazelo ezingokomoya noma ukuze unakekele imithwalo yemfanelo yomkhaya. Kodwa njengentsha ecashunwe ekuqaleni abaningi bafuna ukuya kwelinye izwe ngoba nje befuna ukujubalala, befuna inkululeko eyengeziwe noma ukuze babe nesikhathi esimnandi. Lokhu akukubi ngempela. Phela, umShumayeli 9:11 ukhuthaza intsha ukuba ‘ithokoze ebusheni bayo.’ Nokho, ivesi 10 liyaxwayisa: “Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho.”
Uma isisusa sakho sokuyohlala kwelinye izwe kuwukubalekela imingcele oyibekelwa ngabazali, kungenzeka ukuthi uzishelela “usizi.” Uyawukhumbula umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko? Wawuhilela insizwa eyaya kwelinye izwe ngezisusa zobugovu, ngokusobala ukuze ithole inkululeko. Nokho, kungakapholi maseko, usizi lwagadla, futhi yazithola isilambile, intula futhi igula ngokomoya.—Luka 15:11-16.
Bese kuba khona labo abaya kwelinye izwe ngoba befuna ukubalekela izinkinga ekhaya. Kodwa njengoba uHeike Berg ebhala encwadini yakhe ethi What’s Up, “uma ufuna ukuhamba ngoba ungajabule . . . futhi ukholelwa ukuthi yonke into izoba ngcono kwenye indawo—khohlwa!” Ngempela, kungcono ukubhekana ngqó nezinkinga. Awuzuzi lutho ngokubalekela izimo ongazithandi.
Ezinye izisusa eziyingozi ubugovu nokufuna izinto ezibonakalayo. Ishukunyiswa yisifiso sokuceba, intsha eningi ihlakulela imibono eyihaba, ecatshangelwayo yokuthi kunjani ukuphila emazweni anezimboni. Abanye bacabanga ukuthi bonke abantu baseNtshonalanga bacebile. Kodwa lokhu akulona neze iqiniso. Ngemva kokuhamba, intsha eningi izithola isezweni engalazi, ilwa nobumpofu.a IBhayibheli liyaxwayisa: “Uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:10.
Ingabe Usukulungele?
Kunelinye iphuzu lokucatshangelwa: Ingabe ngempela usuvuthwe ngokwanele ukuba ubhekane nobunzima, izinkinga nezinxushunxushu ezingaphakama kwelinye izwe? Ngokunokwenzeka kuyodingeka uhlale nomuntu noma nomkhaya othile futhi uzivumelanise nesimiso sawo. Bunjani ubudlelwane bakho nabanye ekhaya manje? Ingabe abazali bakho bakhononda ngokuthi awucabangeli futhi unobugovu? Ingabe uyachiza awudli noma yini? Uzimisela kangakanani ukwenza ingxenye yakho emsebenzini wasekhaya? Uma lokhu kunzima kuwe manje, cabanga ukuthi kuyoba nzima kangakanani ezweni ongalazi!
Uma ungumKristu, ingabe uyokwazi ukulondoloza ingokomoya lakho? Noma abazali bakho kudingeka bakukhumbuze njalo ukuba ungakudebeseleli ukuba nesifundo sakho seBhayibheli, ukuya emihlanganweni yobuKristu nokushumayela? Ingabe uyoqina ngokwanele ngokomoya ukuba umelane nokucindezela nezilingo oyohlangabezana nazo kwelinye izwe okungenzeka azikho ezweni lakini? Ngosuku lwakhe lokuqala esikoleni, omunye omusha ongumKristu owayeyofunda kwelinye izwe eshintshene nomunye, watshelwa ukuthi angazithola kuphi izidakamizwa ngokungemthetho. Kamuva le nsizwa yashelwa intombazane eyayifunda nayo. Ezweni lakubo, intombazane ngeke ishele insizwa ngokuqondile. Omunye oNsundu osemusha owathuthela eYurophu uyaphawula: “Ezweni lakithi ngeke ubone izithombe zokuziphatha okubi emphakathini. Kodwa lapha uzibona yonke indawo.” Ukuya kwelinye izwe kungase kuholele ekuphukeni komkhumbi ongokomoya uma umuntu ‘engaqinile okholweni.’—1 Petru 5:9.
Thola Amaqiniso!
Ngaphambi kokuba uthuthe, kudingeka uthole wonke amaqiniso. Ungathembeli ekwazisweni okuthola emoyeni. Ngokwesibonelo, uma ucabangela ukuya kwelinye izwe ushintshane nomunye umfundi, kuyoba izindleko ezingakanani? Ungase umangale ukuthola ukuthi kuvame ukubiza izinkulungwane zamaRandi. Kudingeka uthole nokuthi imfundo oyoyithola kwelinye izwe iyoqapheleka yini ezweni lakini. Okunye futhi, thola ukwaziswa okuningi ngangokunokwenzeka ngalelo zwe—imithetho, imikhuba namasiko alo. Yini ehilelekile ekuhlaleni kulelo zwe? Yiziphi izintela okuyodingeka uzikhokhe? Ingabe zikhona izingozi ezingokwempilo okufanele uzicabangele? Ungase ukuthole kuwusizo ukukhuluma nabantu abake bahlala lapho.
Bese kuba indawo yokuhlala. Abazali abahlala nezingane ezishintshene ngokuvamile abalindeli ukuba zikhokhe. Noma kunjalo, ukuhlala nabantu abangazihloniphi izimiso zeBhayibheli kungase kukucindezele kakhulu. Okunye ongakwenza kungaba ukuhlala nabangane noma nezihlobo. Kodwa qaphela ukuba ungabi umthwalo kubo—ngisho noma kuyibona abafuna uhlale nabo. Lokhu kungase kubonakalise noma kubuqede nokubuqeda ubuhlobo benu.—IzAga 25:17.
Uma uhlela ukuthola imali ngesikhathi ukwelinye izwe, ungakhohlwa izibopho zakho zobuKristu zokulalela amagunya ezwe. (Roma 13:1-7) Ingabe umthetho uyakuvumela ukuba usebenze kulelo zwe? Uma kunjalo, ngaphansi kwaziphi izimo? Uma usebenza ngokungemthetho, ungonakalisa ukuma kwakho njengomKristu othembekile futhi ungabi nazo izivikelo eziyisisekelo, njengomshuwalense wengozi. Ngisho noma kuvumelekile ngokomthetho ukuba usebenze, kuyodingeka usebenzise ukuqapha nokuhlakanipha. (IzAga 14:15) Abaqashi abangenazimiso bavame ukudlala ngezihambi.
Ukwenza Isinqumo
Khona-ke, kusobala ukuthi isinqumo sokuyohlala kwelinye izwe yisinqumo esikhulu—futhi akufanele sithathwe kalula. Hlala phansi nabazali bakho futhi nicabangele kahle izinzuzo enizilindele nezingozi ezingavela. Zama ukungavumeli ukuzimisela kwakho kusithibeze ukwahlulela okuhle. Thembeka lapho uhlaziya izisusa zakho. Balalelisise abazali bakho. Phela, basayozizwa benomthwalo wemfanelo ngawe ngisho noma ukude kakhulu nabo. Ngokunokwenzeka uyodinga bakusekele ngokwezimali.
Ngemva kokucabangela konke lokhu, kungase kucace ukuthi ukuya kwelinye izwe akukhona ukuhlakanipha—okungenani okwamanje. Lokhu kungase kudumaze, kodwa ziningi ezinye izinto ezijabulisayo ongazenza. Ngokwesibonelo, uke wazama ukuvakashela izindawo ezijabulisayo ezweni lakini? Noma kungani ungaqali manje ukufunda ulimi lwakulelo zwe? Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi liyovela ithuba lokuvakashela kwelinye izwe.
Nokho, kuthiwani uma unquma ukuhamba? Isihloko sesikhathi esizayo siyoxoxa ngokuthi ungaphumelela kanjani ukuhlala kwelinye izwe.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ukubala Izindleko Zokuthuthela Ezweni Elicebile,” kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 1991, eyanyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
[Isithombe ekhasini 13]
Enye intsha iya kwelinye izwe ukuze iqhubekisele phambili umsebenzi wokushumayela ngoMbuso
[Isithombe ekhasini 14]
Xoxa nabazali bakho ngezinzuzo nezingozi zokuya kwelinye izwe