Intsha Iyabuza . . .
Ngingahlala Kanjani Ngokuphumelelayo Kwelinye Izwe?
“Lapho ngifika esikhumulweni sezindiza, ngangingasafuni lutho ngaphandle kokuya ekhaya! . . . Kwase kuphele nya ukulangazelela ukuba idelangozi nenjabulo yokufunda izinto ezintsha. Ngamafuphi nje, ngangikhumbule ekhaya ngendlela ongakaze uyibone.”—U-Uta.
KUYESABISA ukuba wedwa ezweni ongalazi. Kodwa njengoba isihloko esandulele kulolu chungechunge sibonisile, intsha eningi ikhetha ukuchitha isikhathi esithile kwelinye izwe. Enye iya ngoba iyofunda noma ukuze iqeqeshwe ngokukhethekile. Enye isuke ifuna ukufunda olunye ulimi. Enye isuke nje ifuna ukuthola imali. Nokho, enye iye yahamba yayokhonza kwamanye amazwe lapho kunesidingo sabashumayeli boMbuso.
Sithatha ngokuthi uyohlala kwelinye izwe ngezizathu eziwukuhlakanipha—izizathu ezicabangela izidingo nemigomo yakho engokomoyaa—yini ongayenza ukuze uqinisekise ukuthi ukuhlala kwakho kuyophumelela?
Zimisele Ukuvumelana Nezimo
Okokuqala, kufanele uzimisele ukuvumelana nezimo. Lokho akusho ukuthi kufanele ulahle izimiso zobuKristu noma isimiso sakho sezinto ezingokomoya. Kodwa kungase kusho ukufunda ukuthanda uhlobo olusha lokudla, ukufunda izindlela ezintsha zemikhuba emihle, noma ukuzama izindlela ezintsha zokwenza izinto. Lezi zindlela ezintsha zingase zihluke kakhulu endleleni owawenza ngayo izinto ekhaya. Kodwa umyalo kaJesu wokuba ‘siyeke ukwahlulela’ ungase usetshenziswe kahle lapha. (Mathewu 7:1) Empeleni, alukho uhlanga noma isizwe esinelungelo lokuziphakamisa kunesinye. (IzEnzo 17:26) Njengoba nje abantu abadala kufanele bagweme ukuqhathanisa ngokugxeka intsha yakuqala neyamanje, ngakho nentsha ekwamanye amazwe kufanele igweme ukuqhathanisa ngokugxeka izwe ekulo nezwe lakubo. (UmShumayeli 7:10) Gxila ezintweni ezinhle zaleli zwe nesizwe okuso. Futhi, lapho ushesha ukufunda ulimi lwaleli zwe, kulapho uzosheshe uzizwe ukhululekile.
Umphostoli uPawulu wavumelana ngokuphumelelayo namasiko ahlukahlukene emsebenzini wakhe njengesithunywa sevangeli ngoba wayezimisele ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Korinte 9:22) Isimo sengqondo esifanayo singase sikusize ukuba uvumelane nezimo. U-Adrianne ungowakwelinye izwe uhlala eJalimane, usebenzela umkhaya othile ukuze athole indawo yokuhlala nokudla. Uyachaza: “Kufanele ngivumelane nezimo ngoba ngeke ngilindele abanye ukuba bavumelane nami.”
‘Ngikhumbule Ekhaya!’
Phakathi namasonto ambalwa okuqala, akukhona okungavamile ukuzizwa udangele futhi ukhumbule ekhaya. IBhayibheli libonisa ukuthi uJakobe ‘wayelangazelela nokulangazelela indlu kayise,’ ngisho nakuba ayesehlale iminyaka engu-20 kwelinye izwe! (Genesise 31:30) Ngakho-ke ungamangali uma ngezinye izikhathi uzwa kuthi khala. Kodwa, uma njalo uhlale ucabanga ngalokho okushiye emuva, uyophatheka kabuhlungu nakakhulu. (Numeri 11:4, 5) Indlela engcono kakhulu yokulwa nomzwangedwa ukulwela ukujwayela indlela yokuphila entsha nendawo entsha. Nakuba kukuhle ukuhlale uxhumana nabasekhaya ngokubabhalela noma ngokushaya ucingo, ukuhlale ushayela abasekhaya ucingo kungase kukuphazamise ekuzivumelaniseni nekhaya lakho elisha.
Intsha eningi engamaKristu ithola ukuthi ukubuyela esimisweni sayo esingokomoya kuyikhambi elingcono lokunqoba isizungu. (Filipi 3:16) U-Amber ukhumbula amasonto akhe okuqala ekwelinye izwe: “Kwakuba nzima ebusuku lapho kungekho lutho engizolwenza, ngakho ngangizama ukutadisha kakhulu noma ukufunda incwadi.” URachel, osemusha odabuka eBrithani owayesebenzela omunye umkhaya eJalimane ukuze athole ukudla nendawo yokuhlala, ukhuluma ngalokho abhekana nakho yena siqu, uyayala: “Hlanganyela zisuka nje amadaka. Vele uye emihlanganweni.” Ekuqaleni ungase udinge usizo lapho uya emihlanganweni. Kodwa ebandleni lobuKristu ungathola abangane abakhayo abangaba ‘njengabafowenu nodadewenu nonyoko.’—Marku 10:29, 30.
Ukuhlanganyela emsebenzini wobuvangeli bobuKristu nakho kuyingxenye ebalulekile yesimiso esihle esingokomoya. Ukushumayela ngeke nje kukuzuzise ngokomoya kuphela kodwa futhi kuyokusiza ukuba ujwayelane namasiko nolimi olusha.
Okokugcina, londoloza isimiso sokuthandaza nesifundo somuntu siqu. Kubalulekile ukuze uhlale uphila ngokomoya. (Roma 12:12; 1 Thimothewu 4:15) Ngenxa yalokho, u-Adrianne, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqiniseka ukuthi uhamba nezincwadi zeBhayibheli zolimi lwakhe.
Ukuhlala Nomkhaya
Enye intsha engamaKristu iye yahlela ukuhlala nemikhaya ekholwayo lapho ikwelinye izwe. Nakuba umkhaya ohlala nawo ungeke ulindeleke ukuba wenze umsebenzi wabazali, ungaba abantu abangcono ongajwayelana nabo futhi ube umthombo wesikhuthazo esingokomoya.—IzAga 27:17.
Noma kunjalo, ukukhulumisana okukhululekile nomkhaya ohlala nawo kubalulekile ukuze nihlale nizwana. (IzAga 15:22; 20:5; 25:11) U-Amber uyaphawula: “Kufanele wazi ukuthi yini okudingeka uyenze. Kufanele wazi ukuthi lo mkhaya ohlala nawo ulindeleni kuwe. Futhi nawo kufanele wazi ukuthi wena yini oyilindele.” Thola ukuthi iyini imithetho yasendlini nokuthi ulindeleke ukuba uhlanganyele imisebenzi yasendlini ngezinga elingakanani. Kufanele kuxoxwe kahle ngezinto ezinjalo.
Uyoba sesimweni esiyinselele kakhulu uma, ngokwesibonelo, usebenzela umkhaya ongenazo izinkolelo ezifana nezakho. Njengoba lo mkhaya ungase ungakuqondi ukuma kwakho ezimisweni zeBhayibheli, ungase uzithole ususezimweni eziyekelelayo. (IzAga 13:20) Kungase kwenzeke ukuthi imisebenzi yasendlini okudingeka uyenze ishayisana nezibopho zakho ezingokomoya, njengokuya emihlanganweni yobuKristu. Ngakho uma izimo ezingenakugwenywa zikuphoqelela ukuba uhlale nomkhaya onezinkolelo ezingafani nezakho, kufanele uqaphe kakhulu.
URachel utusa lokhu: “Qiniseka ukuthi bayazi ukuthi ungumKristu. Kungcono ukuba ubatshele kahle zisuka nje.” Ukuchaza izindinganiso zakho zenkolo nezokuziphatha kungakuvikela. Futhi kufanele ukwenze kucace kumqashi wakho ukuthi ibaluleke kangakanani kuwe imihlangano yobuKristu kanye nokushumayela. Okokugcina, kuwukuhlakanipha ukuqiniseka ukuthi izinto ezibalulekile njengamahora ozowasebenza, isikhathi sokuphumula neholo kubhalwa phansi ngaphambi kokuba uqale. Lokhu kungavimbela ukukhungatheka kamuva.
Ukuxazulula Izinkinga
Naphezu kwayo yonke imizamo yakho, kusengaphakama inkinga. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma umkhaya ohlala nawo ukuxosha? Lokhu kungakukhungathekisa kakhulu. Uma kuba khona ukungezwani okuthile, ungase uzame ukuxoxa kahle nomkhaya ohlala nawo ngendlela enokuthula nenengqondo. (IzAga 15:1) Zimisele ukuvuma noma yimaphi amaphutha okungenzeka uwenzile. Mhlawumbe bayoshintsha umqondo. Uma kungenjalo, kuyodingeka uthole enye indawo yokuhlala.
Ezinye izinkinga zingase zidinge ukuba ucele usizo kothile. Ngokwesibonelo, ungase udinge imali noma ugule. Wesaba ukuthi abazali bakho bazokuza bazokulanda bakubuyisele ekhaya, ungase unqikaze ukubatshela ngokwenzekayo. Ngaphandle kwalokho, balé kude futhi bangase bangazi ukuthi kubhekanwa kanjani nesimo esinjalo kwelinye izwe. Nokho, abadala bebandla lendawo kungenzeka bake bahlangabezana nezinkinga ezinjalo futhi bangase bakwazi ukukunika iseluleko esiwusizo. Futhi bangase bakusize ukuba unqume ukuthi ubatshele yini abazali bakho ngalokhu.
Ukuphindela Ekhaya
Naphezu kobunzima nezinselele, ukuchitha isikhathi ukwelinye izwe kungase kube okuhlangenwe nakho okuzuzisayo, ikakhulukazi uma uye lapho ngezizathu ezingokomoya. Nokho, siyofika isikhathi lapho kuyodingeka uphindele ekhaya. U-Andreas uthi: “Njengoba nganginezinkumbulo eziningi kangaka ezimnandi—ezimbi ngasheshe ngazikhohlwa—kwakunzima kakhulu ukuba ngihambe.” Noma kunjalo, ungalindeli abangane bakho noma umkhaya wakini ukuba ushintshe indlela yokwenza izinto ngoba nakhu wena sewubuye nemibono emisha oyifunde kwelinye izwe. Ngaphezu kwalokho, ungabacasuli ngokulokhu ubakhumbuza ukuthi izinto zenziwa kanjani kwenye indawo. Kungokwemvelo ukufuna ukuxoxela wonke umuntu ngendaba yakho, kodwa ungaphatheki kabi uma kungebona bonke abajabulayo njengoba wena ujabule.
Kusobala ukuthi isinqumo sokuhamba uye kwelinye izwe isikhashana kufanele sibhekwe njengesingathi sína. Uma ngemva kokuxoxa ngale ndaba nabazali bakho unquma ukuthi kunezizathu ezinengqondo zokuhamba, kulungele ukubhekana nezinselele oyohlangabezana nazo. Njenganoma yisiphi esinye isinqumo esikhulu ongabhekana naso ekuphileni, kuwukuhlakanipha ukubala izindleko kuqala.—Luka 14:28-30.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngiyohlala Kwelinye Izwe?” kumagazini ka-June 22, 2000.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]
Izixwayiso Zokuphepha
● Igcine endaweni ephephile incwadi yakho yokungena kwelinye izwe, imali nethikithi lokubuya.
● Yenza amakhophi encwadi yakho yokungena kwelinye izwe kanye nencwadi yemvume yokungena noma ivisa, ithikithi lokubuya namanye amaphepha abalulekile. Wagcine wena amanye alawo makhophi, bese amanye uwathumela kubazali noma kubangane ekhaya.
● Hlala unezinombolo zocingo zabazali bakho noma abangane ekhaya nezomkhaya ohlala nawo.
● Londoloza ukuziphatha okuhlanzekile lapho unamalungu obulili obuhlukile, omkhaya ohlala nawo, asesikoleni, emsebenzini nakwezinye izindawo.
● Funda okungenani amagama ayinhloko nemisho ngolimi lwalelo zwe okulo.
● Hlolwa impilo ngaphambi kokuba uhambe. Qiniseka ukuthi unemithi eyanele ozoyidinga.
[Isithombe ekhasini 26]
Uma kuba khona ukungezwani nomkhaya ohlala nawo, xoxani ngakho ngomoya ophansi