Lapho Izinkomo Ziya Eholidini!
Ngumlobeli we-Phaphama! eSwitzerland
BEWAZI ukuthi izinkulungwane zezinkomo eSwitzerland ziya eholidini minyaka yonke? Ungabona ukuthi zikujabulela kanjani!
Phakathi nezinyanga ezibandayo nezikhithikayo eSwitzerland, izinkomo zobisi zihlala ezibayeni ezinompheme. Yeka inkululeko emnandi lapho kufika intwasahlobo futhi izinkomo ziphuma ziyoklaba ezimfundeni eziluhlaza okuthe gqwa kuzo izihlahlana ezinezimbali eziphuzi. Ukutshakadula kwazo kubonakala sengathi kubonisa ukujabulela kwazo ukushintsha kwesimo nenkathi.
Ngo-May noma ngasekuqaleni kuka-June, ayanda amadlelo lapho iqhwa selincibilika kuvela izimfunda ezisezindaweni eziphezulu. Sekuyisikhathi sokuba izinkomo ziye emadlelweni asezintabeni.
Izwe Lamadlelo Aluhlaza
ESwitzerland cishe kunamadlelo angu-10 000 asezindaweni eziphezulu, athatha indawo engaba ngamakhilomitha-skwele angu-10 000. Lokhu kulingana nengxenye eyodwa kwezine yendawo yaleli zwe. Ngakho-ke, kwenziwa imizamo emikhulu ukuze kuvikelwe le ndawo eyigugu.
Abantu nezilwane basebenza ndawonye ukuze bagcine izimfunda eziphezulu zingenalo ihlozi. Ukuze kwenziwe lokhu, abalimi baphathisa abelusi abaqeqeshiwe izinkomo ezingaba ngu-500 000. Izinkomo zobisi, kanye nezithole zihanjiswa ngeloli noma ngesitimela lapho ziya eholidini lasehlobo ziyoklaba ezintabeni.
Njengoba imigwaqo nojantshi kungafiki phezulu, uma seziphezulu ziyazihambela. Imihlambi iyaqhubeka iya phezulu njengoba ihlobo liqhubeka. Lapho, ngezinye izikhathi emadlelweni aphakeme ngamamitha angu-2 000 kuya kwangu-2 200 ukusuka ogwini lolwandle, izinkomo zithola utshani be-alpine obumnandi kanye nezimbali ezinhle ezimibalabala. Imithombo yasezintabeni miningi, ngakho amanzi okuphuza yikubo kwawo.
Ubisi olumnandi olukhiqizwa yilezi zinkomo ngezinye izikhathi luyiswa phansi nezintaba luyothengiswa noma kwenziwe ngalo eminye imikhiqizo. Kodwa ezimweni eziningi kwenziwa ngalo ibhotela noma ushizi khona lapho ezindlini zasezintabeni. Njengoba ihlobo liya ngasekupheleni, imihlambi yehliselwa mangezansi. Ekugcineni luyafika olungaliyo—kuye ngokuthi isimo sezulu sinjani, ngokuvamile kuba ngasekupheleni kuka-September—lokuba imihlambi iphindele ezibayeni zayo zasebusika. Yebo, iholide lazo lasehlobo selizophela! Kodwa kufanele kwenziwe umbukiso okhethekile kuqala.
Usuku Olukhulu!
Kuye kwagcinwa umlando wemikhiqizo, futhi izinkomo eziphuma phambili ziyahlotshiswa kuye ngokuthi zikhiqize ubisi olungakanani. Inkomo ekhiqize ubisi oluningi kunazo zonke ihola umhlambi lapho usuhamba ubuyela ekhaya. Izinhloko zezinkomo zihlotshiswa ngezimbali zamaphepha ezimibalabala, ama-ribbon namahlamvu ezihlahla ze-fir ezincane. Eziningi ziboshelwa insimbi entanyeni, ememezela ukufika kwazo zisekude.
Abelusi baphawula lesi senzakalo esikhethekile ngokugqoka amahembe amhlophe namabhantshi evelivethi amnyama afekethisiwe. Kanti lé emakhaya, umphakathi wabalimi awuhlezi belu, uhlangana emgwaqweni ukuze uzokwamukela lolu dwendwe ngehlombe.
Lapho zifika phansi, lezi zinkomo ziyiswa kubaninizo ukuze zihlale obunye ubusika. Nokho, akuthathi sikhathi esingakanani ngaphambi kokuba kuphinde kube esinye isikhathi seholide ezintabeni! Yeka ukuphila okumnandi!
[Isithombe esigcwele ikhasi 18]