Kungani Ungazami Ukuchitha Iholide Ekhaya?
UNEHOLIDE lamasonto amabili, futhi ulidinga ngempela ushintsho! Kodwa kulokhu awunakukwazi nje ukukhokhela izindleko zokuhamba. Yini ongayenza?
Nokho, khumbula, iholide liyisikhathi sokukhumuka ezintweni ozenza nsuku zonke, liyikhefu lokuphumula noma lokukhululeka. Ngakho kungani ungazami ukuchitha iholide ekhaya? Ngokuqinisekile kunezinto eziningi ongazenza khona. Ungapenda, noma uthathe izithombe, noma uphishekele ezinye izinto zokuzilibazisa ezinenzuzo ongavamile ukuba nesikhathi esiningi sazo. Kunezindawo nezinto khona kanye ekhaya lakini ongazibona futhi uzijabulele. Iholide elichithwa ekhaya linezinzuzo eziningi. Nazi nje ezimbalwa:
▪ Akudingeki ipassport noma amavisa
▪ Akudingeki ukushintshela imali kweyakwelinye izwe
▪ Azikho izinkinga ngolunye ulimi
▪ Akukho kuphazamiseka emahhovisi angaphandle
▪ Akudingeki ukupakisha
▪ Akukho zimali ezinkulu zezindiza noma inkokhelo kaphethiloli
▪ Akukho sikhathi esiyigugu esichithwayo kuyiwa lapho
Manje, awuzizwa usungcono kakade? Phela, ungalala ngisho nesikhathi eside ngokuthanda kwakho embhedeni wakho othokomele owujwayele kakhulu!
Into ebalulekile ngokuphathelene nanoma yiliphi iholide iwukulihlela. Kwabanye abantu ukulindela kuthakazelisa njengokwenzeka ngokoqobo. Iholide elichithwa ekhaya nalo liyodinga ukulungiselela okuhle ukuze wenze okuthile okufanelekile okujabulela ngempela nalokho okukwanelisayo.
Lokho Ongakwenza Ekhaya
Eholidini abantu abaningi bathatha izithombe njengezikhumbuzo zalesosenzakalo. Bahamba izinkulungwane zamakhilomitha ukuze bathathe izithombe zezinto ongase ube nazo khona kanye ekhaya. Zama ukuthatha izithombe zensimu yamadaisy, isithombe esithathelwe eduze sedandelion, noma sesilwane esincane esisegatsheni. Mhlawumbe ubulokhu ufuna izithombe zesikole owawufunda kuso, noma indlu owakhulela kuyo, noma indlu kaGogo ethandekayo endala yasemaphandleni ngaphandle nje kwedolobha, kodwa ungakwazi ukuhambahamba uzithathe. Kwenze manje!
Futhi uma kukhulunywa ngezithombe, kuthiwani ngalawomabhokisi ezithombe zomkhaya ohlose ukuzifaka kuma-albhamu ngolunye usuku? Leli ithuba lokukwenza. Wonke umkhaya ungajabulela ukubuka lezikhumbuzo zesikhathi esidlule. Uma uhlangana nezithombe ezinhle zomkhaya noma abangane, yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukubathumelela ezinye!
Izihambi ngokuvamile ziqongelela izikhumbuzo. Manje, yini ongayithola ekhaya? Mhlawumbe amatshe athile angavamile angafakwa entweni eyingilazi yokufaka okutholakala emanzini noma agcwele nje isitsha njengento okungase kuxoxwe ngakho. Iyokumangaza indlela abantwanyana abangathatheka ngayo ngamatshe nje! Ingabe ungacabanga ngezinye izinto? Izinkumba zasolwandle? Amaqabunga asekwindla? Izihlahla ezincane nezitshalo (ngisho nokhula!) ukomisele ukuhlobisa?
Kuthiwani ngalawomalungu omkhaya noma abangane obulokhu ufuna ukubamema ukuba bazovakasha? Bamemele inkomishi yekhofi noma yetiye. Cela asebekhulile ukuba balandise izindaba ngobusha babo ngokwenzuzo yabasebasha. Kungani ungaziqophi lezindaba? “UBen osegugile” angase angabi khona isikhathi eside.
Lapho beseholidini, abaningi bathumela amapostcard kwababathandayo nakubangane. Uma uzoba neholide ekhaya, funda leyonqwaba yezincwadi ezisekhabetheni. Yazisa abangane bakho ukuthi usabathanda futhi awukabakhohlwa.
Indawo Ongaya Kuyo Ekhaya
Uma ubunezivakashi ezizobona idolobha lakini, ubungazisaphi? Yini ebezingayibona? Ekuqaleni ungase ucabange ukuthi akukuningi okuthakazelisayo, kodwa lokhu ngokuvamile kungenxa yokuthi silibhekela phansi idolobha lakithi. Hlola ukuthi yini ekhona. Bheka ukuthi yini umnyango wezivakashi wendawo yakini noma ichamber of commerce eyitusela izivakashi. Ungase umangale ngenjabulo ngalokho okukhona.
Ingabe ukhona umnyuziyamu oseduze? Noma ifektri evumela ukuba izivakashi zihanjiswe ngaphakathi ziyibone? Amanye amafektri kaswidi noma ushokoledi awabonisi nje ngendawo kuphela kodwa futhi aphisana nangamasampula! Kunjalo futhi nangezindawo ezenza iwayini. Umlimi wepulazi angase azimisele ukubonisa abantwana bakho izilwane—indlela yokuqoqa amaqanda ezikhukhukazini, noma ngisho nendlela yokusenga inkomo. Kuyoba kuhle ngabo ukuba bafunde ukuthi ubisi aluveli ebhodleleni noma ekhathonini.
Ungase uphumuze uMama ekuphekeni ngokuvakashela izindlu zokudlela zezizwe ezihlukahlukene. Ngokudla kwazo okukhethekile—kwamaChina, kwamaJapane, kwamaNtaliyane, kwamaGreki—nangemihlobiso yazo, futhi mhlawumbe nangomculo, kalula nje ungacabanga ukuthi udla kwelinye izwe.
Kodwa kuthiwani uma zingekho izindlu ezinjalo zokudlela edolobheni lakini? Khona-ke kungani ungenzi lokhu okuhlangenwe nakho ekhaya? Emtatsheni wezincwadi ungathola ukwaziswa ngendlela abantu abagqoka futhi badle ngayo. Ngokwesibonelo, zicabange ukuthi useNdiya. Incwadi yokupheka enezindlela zokupheka ukudla okunokhali kwamaNdiya iyokunikeza isiqalo sokudla okungenzima kakhulu ukukupheka. Ungaze ngisho ugqoke nangendlela yabo ngalobobusuku.
‘Ah,’ usho, ‘kodwa amalungu omkhaya athanda ukuhlala ematendeni ngeke akubheke njengeholide ngaphandle kokuba aye kogxumeka itende.’ Ngalonyaka ungalisebenzisa yini itende lakho emva kwendlu? Futhi ungase ucace ngisho nezintaba ngokungajahi emaphandleni aseduze futhi ngesikhathi ulapho uqongelele izimbali zasendle futhi ubuke izilwane nezinyoni.
Njengoba isikhathi seholide ngokuvamile siyisikhathi esihle sokwakha izibopho zomkhaya nokwenza izinto ndawonye, ngeke yini mhlawumbe kuzuzise ngokwengeziwe ukwenza kanjalo ekhaya endaweni eniyijwayele? Kuzameni.
Ukuqabuleka Ngokukwazi Ukwenza Izinto Obungakwazi Ukuzenza
Khona-ke kunaleyomisebenzi endlini ongabonakali neze unesikhathi sayo. Kodwa ingabe lowomsebenzi uyoba ngoqabulayo ngempela? Nokho, ngeke yini kube ukukhululeka ukuqala umsebenzi wakho ovamile ngemva kweholide wanelisekile ngokuthi ekugcineni lolophahla oluvuzayo lunanyekiwe, zonke izibambo zibuyiselwe emadiloweni, nokuthi lawomahinge abanga umsindo athuliswe phakade? Ungase ungasebenzisi amandla amaningi wenza lomsebenzi odingekayo kunongawasebenzisa udlala imidlalo, ubhukuda, noma ucaca izintaba.
Futhi ubani ngezinye izikhathi ongakaze afune ukufunda futhi atadishe ngokwengeziwe? Ngeke kube yisicefe. Cwaninga noma yisiphi isihloko esikuthakazelisayo. Khipha eshalofini lomtapo wakho umqulu wencwadi weNqabayokulinda noma wePhaphama! ungamangali uma uzithola uthathwa futhi ufunda ezinye izihloko ezithakazelisayo. Ngokushesha sekuyisikhathi sokudla kwasemini noma kwakusihlwa. Ngeke ukholelwe indlela isikhathi esihambe ngokushesha ngayo. Kodwa phumula! Khumbula, useholidini.
Injabulo Ekwenzeni Iholide Elichithwa Ekhaya
Yiba owethula izinto ezintsha, sebenzisa ingqondo yakho, futhi mhlawumbe lapho leliholide selidlulile, uyoqaphela: ‘Ngilijabulele ngempela leli! Kufanele ngikwenze futhi!’
Ngakho manje, uthini ngakho? Mhlawumbe uzofuna ukuqoqela umkhaya ndawonye futhi nihlele ukuchithela iholide ekhaya. Thola imibono yabo. Uma uhlala wedwa, thola umngane omuhle ukuba ahlanganyele nawe ekulihleleni. Khona-ke zama ukuchithela iholide ekhaya. Kungase kusebenze njengeholide lokuba kude nekhaya ukuze likunikeze lelokhefu elifiselekayo ekuphileni kwakho okumatasa.
[Izithombe ekhasini 23]
Ukuhamba emaphandleni, ukuvakashela ipulazi noma umnyuziyamu, noma ngisho ukuzifundela nje, kungahlanganiswa eholidini elichithelwa ekhaya