Ukusiza Abantu Abane-MCS
UKUSHESHA ukuzwela emikhiqizweni evamile, kungakhathaliseki ukuthi iziqholo noma amakhemikhali okuhlanza, akubangeli abagulayo inkinga yezokwelapha nje kuphela; kubangela nenkinga ebudlelwaneni nabanye. Ngokwemvelo, abantu bathanda ubudlelwane, kodwa isifo sokungezwani namakhemikhali anhlobonhlobo [multiple chemical sensitivity (MCS)] siphoqelela abaningi abanemfudumalo, abathanda injabulo ukuba baphile ukuphila okunesizungu. “Sengike ngaba nezinye izinkinga zempilo esikhathini esidlule,” kusho uShelly, ophethwe i-MCS, “kodwa le nkinga yimbi ngokwedlulele. Inkinga enzima kakhulu ukuba nesizungu.”
Ngokudabukisayo, abantu abaphethwe i-MCS ngezinye izikhathi babhekwa njengabayinqaba. Esinye isizathu salokhu ukuthi i-MCS iyisifo esiyinkimbinkimbi abantu abangakafundi ukusamukela. Kodwa ukuntula ulwazi nge-MCS akusona isizathu sokuba nezinsolo ngalabo abanaso. Iphephabhuku i-American Family Physician lithi: “Ngempela lezi ziguli ziguliswa imiphumela yalesi sifo.”
Kunokuba sibe nezinsolo ngabantu abane-MCS ngenxa yokuthi isifo abanaso siyindida futhi asiqondakali, umuntu ohlakaniphile kumelwe aqondiswe isimiso esisencwadini yezAga 18:13: “Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.” Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubonisa abagulayo uthando olunjengolukaKristu, olungathathi hlangothi! Ngeke sizisole ngokuthi siye sabonisa uthando olunjalo, kungakhathaliseki ukuthi yini eyembulwa isayensi yezokwelapha esikhathini esizayo.
Ukubonisa Uthando OlunjengolukaKristu
Uthando olunjengolukaKristu lunjengedayimane elinezinhlangothi ezinhle ezifanela isenzakalo ngasinye noma isidingo. Uma umngane ene-MCS, uthando lwethu olunjengolukaKristu kufanele lubonise uzwela, lusivumele ukuba sizibeke esimweni sakhe. Futhi, uthando “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu”—noma singase sithi, amalungelo alo. Lubeka inhlalakahle yabanye kuqala. Lusisiza ukuba ‘sibekezelele zonke izinto, sikholelwe yizo zonke izinto, sithembe zonke izinto, futhi sikhuthazelele zonke izinto.’ Uthando olunjalo “alupheli nanini.”—1 Korinte 13:4-8.
UMary akanayo i-MCS, kodwa abanye abangane bakhe banayo. “Ngingumuntu owathandayo amakha,” kubhala uMary, “kodwa ngiyaye nginqume ukungaziqholi ngawo uma ngivakashela abantu abane-MCS.” Ngandlela-thile, elingisa uJesu, uMary uthi, “Ngifuna ukukusiza.” (Marku 1:41) UTrevor yamqala esewusana i-MCS. Unina uthi: “Abantu engisebenza nabo babenza okukhulu becabangela indodana yami.” UJoy, ongomunye woFakazi BakaJehova ohlala e-Australia nophethwe i-MCS, uthi bayisikhuthazo abangane nezihlobo abamvakashela njalo futhi babonise ukuthi bayaziqonda izinkinga zakhe.
Ngakolunye uhlangothi, abantu abane-MCS kufanele bazame ukuba nesineke kulabo abaziqhola ngamakha. U-Ernest, ocashunwe esihlokweni esandulele, watshela i-Phaphama! ukuthi: “Ukugula kwethu kuwumthwalo okumelwe siwuthwale. Nabanye abantu banezinkinga zabo, ngakho sikwazisa kakhulu uma besisiza kwezethu.” Yebo, ukucela abanye ukuba babambisane nawe, hhayi ukukufuna ngenkani, kuyindlela engcono kakhulu. “Uma othile oziqhole ngamakha engibuza ukuthi kungani ngibonakala ngingaphathekile kahle,” kusho uLorraine, “ngivele ngithi, ‘Nginenkinga ngeziqholo, futhi kubonakala sengathi kubi kakhulu namuhla.’ Kubantu abanokuqonda, ngokuvamile lokho kwanele.” Ngokuqinisekile, lokho akusho ukuthi uma uphethwe i-MCS ngeke ukwazi ukukhumbuza abangane bakho ngomusa ukuthi uyaludinga usizo lwabo.
Ebheka izinto ngethemba, uPam, ocashunwe ekuqaleni, uyabhala: “Lokhu kugula okusiphethe kungokwesikhashana nje.” Kungani uPam ethi “kungokwesikhashana nje”? Ngoba unethemba elisekelwe eBhayibhelini lokuthi ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uzokuqeda konke ukuhlupheka emhlabeni. Uyoqeda ngisho nokufa—into ngisho umuntu ongumqemane okufanele abhekane nayo ekugcineni.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:3, 4.
Okwamanje, bonke okudingeka bakhuthazelele ukugula okungelapheki, bangabheka phambili ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, esikhathini lapho ‘engekho oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Njengoba sikhuthazelela noma iziphi izilingo esihlangabezana nazo kulesi simiso sezinto samanje, sonke masilwele ukuba njengoJesu futhi sigxile emgomweni obekwe phambi kwethu.—Heberu 12:2; Jakobe 1:2-4.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Ukubonisa Uthando Komunye Nomunye
Izimiso zeBhayibheli ezilandelayo zingase zikusize uma umngane noma isihlobo sinesifo sokungezwani namakhemikhali anhlobonhlobo [multiple chemical sensitivity (MCS)] noma uma wena unaso.
“Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.
“Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”—Mathewu 22:39.
“Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Sonke siyasidinga isikhuthazo esingokomoya, ikakhulukazi uma sigula. Kuyancomeka ukuthi amaKristu amaningi ane-MCS enza umzamo wokuba khona emihlanganweni yebandla; ngezinye izikhathi abanye abagula kakhulu bayilalela ngocingo. Kwezinye izimo, abantu abane-MCS babekelwa izindawo ezingenawo amakha emaHholo OMbuso. Kodwa lokhu kungase kungenzeki noma kungaphumeleli ngazo zonke izikhathi.
“Ningakukhohlwa ukwenza okuhle . . . , ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa kakhulu imihlatshelo enjalo.” (Heberu 13:16) Phawula ukuthi ngokuvamile ukwenza okuhle kudinga ukuzidela komuntu siqu. Ingabe ukulungele ukuzidela ukuze usize othile one-MCS? Ngakolunye uhlangothi, abantu abane-MCS kudingeka balinganisele kulokho abakulindele kwabanye. Ngokwesibonelo, abadala abangamaKristu abanakubeka imithetho mayelana nokusebenzisa amakha neziqholo, futhi ngeke bakwazi ukwenza izaziso ngalokho ngaso sonke isikhathi. Ngaphezu kwalokho, kunabantu abasanda kuthakazela nezivakashi eziziqhole ngamakha eziza emihlanganweni yebandla—futhi siyazamukela. Ngokuqinisekile, asifuni ukuzibangela amahloni noma zizizwe zingakhululeki ngenxa yokusebenzisa amakha.
‘Funa ukuthula futhi ukuphishekele.’ (1 Petru 3:11) Kuyacaca ukuthi izindaba zempilo akumelwe zephuce amaKristu ukuthula. UJakobe 3:17 uthi: ‘Ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala . . . kunokuthula, kunengqondo . . . kugcwele isihe.’ Abantu abanokuthula, kungakhathaliseki ukuthi bane-MCS noma cha, ngeke beqise noma bafune izinto ngenkani uma kuziwa ekutheni iyasetshenziswa noma ayisetshenziswa imikhiqizo engamakhemikhali. Ngokufanayo, abantu abanengqondo ‘abagcwele isihe’ bayogwema ukulwela ilungelo labo lokuziqhola ngamakha uma beqaphela ukuthi lokhu kuyophatha kabi impilo yomunye umuntu. Ngale ndlela babonisa ukuthi nabo bafuna ‘izimo zokuthula’ futhi ‘benza ukuthula.’—Jakobe 3:18.
Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongavumelani nezimo, olukhuni, kungakhathaliseki ukuthi uphethwe i-MCS noma ungomunye umuntu, unjengomgoqo ohlukanisa abantu. Isimo sengqondo esinjalo asisizi muntu futhi singase silimaze ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu.—1 Johane 4:20.
Yiqiniso, amaKristu anefa elikhulu—umoya kaJehova. Njengoba njalo becela umoya kaJehova, bahlakulela izithelo zawo ezimangalisayo, ikakhulukazi uthando—‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’ (Kolose 3:14) Ngesikhathi esifanayo, ngobumnene bavumela lowo moya ukuba wandise izimfanelo ezinjengezikaKristu kwabanye.—Galathiya 5:22, 23.
[Isithombe ekhasini 10]
Abantu abaphethwe i-MCS badinga abangane njengabanye abantu