Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukungezwani Namakhemikhali Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngithanda ukunibonga ngochungechunge oluthi “Amakhemikhali Owasebenzisa Nsuku Zonke—Ingabe Ayakugulisa?” (August 8, 2000) Kusanda kutholakala ukuthi ngine-multiple chemical sensitivity (MCS), futhi kwangikhulula kakhulu ukwazi ukuthi akumina ngedwa onalezi zimpawu ezidumazayo.
S. C., Italy
Izihloko enazinyathelisa ngaphambili ezithi “Ingabe Ukungcola Okukugulisayo?” (December 8, 1983) zazinokwaziswa okusindisa ukuphila. Lokhu kugula okubi kusihlukanisa nomkhaya wethu ongokomoya obalulekile nobudlelwane nabanye. Kodwa abantu abasiqondi lesi sifo futhi abanazwela uma unaso. Izihloko zenu zamuva zichaza lokho abakuzwayo ngempela labo abaphethwe yiso.
M. J., France
Ngagula isikhathi esingaphezu konyaka ngaphambi kokuba ngithole udokotela owangisiza. Phakathi nalesi sikhathi, abangane bami babenomusa futhi bengangigxeki, kodwa ngangibona ukuthi abaqondi ngempela. Ngakho ngiyanibonga ngalezi zihloko. Kuyajabulisa kakhulu ukuba yingxenye yenhlangano enolwazi ngezinto eziningi kangaka.
S. B., United States
Ngiphethwe yi-MCS futhi ngiyaqala ukufunda isihloko esiningilizayo nesilinganiselayo esikhuluma ngalesi sifo nemiphumela yaso. Ngawujabulela “umuthi” wothando nokuhleka ukuze usizakale ekubhekaneni naso. Okunye okuwusizo yizikhumbuzo zokuba ngilinganisele kulokho engikulindele kwabanye.
D. G., United States
Njengomunye woFakazi BakaJehova, sengineminyaka eyishumi ngikhonza njengombonisi ojikelezayo futhi ngiye ngahlangana nabaningi ababephethwe i-MCS. Kusobala kakhulu ukuthi lesi sifo sikhona ngempela futhi asiyona into ecatshangelwayo. Njengenjwayelo, i-Phaphama! ayichazanga nje lesi sifo kuphela kodwa iye yanikeza nokusikisela okuwusizo kokuthi labo abaphethwe yiso bangawuboniswa kanjani umusa, uthando nozwela.
T. M., United States
Ukuhlobisa Umzimba Ngibhala mayelana nesihloko senu esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela.” (August 8, 2000) Ukuhlobisa umzimba okufanele kuhle—kuwumsebenzi wobuciko ngempela. Umphakathi ungase ungahlulele futhi ungicwase ngenxa yokuzilungisa kwami, kodwa ngiyazi ukuthi emehlweni kaNkulunkulu ngiyathandeka. Ngithemba futhi ngithandazela ukuba abanye bangagxili emidwebeni yami esemzimbeni kodwa babheke lokho engiyikho ngaphakathi.
K. M., United States
Lesi sihloko savuma ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unquma ukuhlobisa umzimba wakhe noma cha, lokho kuyisinqumo sakhe. Noma kunjalo, enye indlela umuntu anikeza ngayo ubufakazi bokuthi muhle ngaphakathi iwukuba ‘azihlobise ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.’ (1 Thimothewu 2:9) IBhayibheli futhi likwenza kucace ukuthi umKristu ubophekile ukuba angacabangeli unembeza wakhe kuphela kodwa nalowo “womunye umuntu.” (1 Korinte 10:29)—ED.
Ulimi Ngiyabonga ngesihloko esithi “Izilimi—Ziwumzila Nomgoqo Wokuxhumana.” (August 8, 2000) Bengilokhu nginesithakazelo ezilimini, futhi sengifunde izilimi ezinhlanu zaseYurophu. Manje sengifunda isiSinhala. Kodwa okungihlaba umxhwele nakakhulu ukuthi ukufunda olunye ulimi kwenza kube lula ukuxhumana nabantu bamanye amasiko futhi udlulisele kubo “ulimi oluhlanzekile” lwemfundiso yeBhayibheli!—Zefaniya 3:9.
C. B., Italy
Ukudabuka Siyabonga ngesihloko esithi “Ingabe Ukudabuka Kumelwe Sikuveze?” (August 8, 2000) Lesi sihloko siyasithinta ngoba sashonelwa yindodana eminyakeni emithathu edlule. Nakuba sisakhala futhi sidabuke, izihloko ezinjengalesi zisinika amandla okuqhubeka.
J. A. noL. A., United States