Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/8 k. 19
  • Ube Nohambo Oluphephile!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ube Nohambo Oluphephile!
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhathalela Ukuphepha
    I-Phaphama!—2002
  • Ziphephe Kangakanani Izindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Lapho Umlilo Usongela Isixuku
    I-Phaphama!—1990
  • Yaba Khona Kanjani Indiza?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/8 k. 19

Ube Nohambo Oluphephile!

Umbiko we-USA Today uthi: “Ukukhishwa kwabantu endizeni ngaphansi kwesimo esiphuthumayo kwenzeka cishe kanye ngesonto.” Nakuba eziningi zalezi zimo zingasho lutho noma zibangelwa yizinhlabamkhosi eziyiphutha, ukukhishwa ngaleyo ndlela kungaba lula kakhulu uma ulandela ukusikisela okulandelayo:

● GQOKA NGENDLELA EFANELE. Gqoka izingubo ezinethezekile futhi ezingakumpintshi. Izingubo kufanele zemboze umzimba ngangokunokwenzeka. Kutuswa amabhulukwe nezikibha ezinemikhono emide. Gqoka izingubo ezenziwe ngezinto ezingokwemvelo, ezinjengokotini, uvolo, ubhogadi nesikhumba. Izinto zokwenziwa, ezinjenge-rayon, i-polyester nenayiloni (ikakhulukazi i-hosiery), zingancibilika uma zizwa ukushisa, okungabangela amanxeba amabi okusha emzimbeni nasemilenzeni.

● ZILUNGISELELE NGOKWENGQONDO. Cabanga ngalokho ozokwenza uma kuphakama isimo esiphuthumayo. Lapho usuhlezi phansi, funa iminyango eseduze yokuphuma uma kunesimo esiphuthumayo, ngaphambi kwezihlalo okuzo nangemva kwazo. Lalela iziyalezo zokuphepha zomnakekeli wasendizeni ngaphambi kohambo. Bukeza ikhadi lezokuphepha elinikeza imininingwane ngenqubo yokuphuma.

● UNGAXHAMAZELI. Uma kuphakama isimo esiphuthumayo, hlala uzolile futhi ulandele iziyalezo zezisebenzi zasendizeni. Uma kudingeka niphume endizeni, yiya emnyango oseduze wokuphuma ngokushesha, ushiye izimpahla zakho.

● PHUMA NGOKUCOPHELELA ENDIZENI. Gxuma imilenze ibe phambili uma wehla nge-slide kunokuba uhlale phansi ukuze ushibilike kuso. Songa izandla uzibeke esifubeni. Hlanganisa imilenze, futhi ukhumule izicathulo ezinezithende ezicijile. Uma usuwehlile, suka eduze kwendiza, futhi uqaphele izimoto zosizo oluphuthumayo.

Ingabe ukunamathela kulezi ziqondiso kungawenza umehluko? Yebo! “Akuzona zonke izingozi zendiza ezibulalayo,” kusho incwadi i-Intercom ye-Federal Aviation Administration. Iyanezela: “Cishe abantu abangamaphesenti angu-50 abafa kuzo zonke izingozi zezindiza bafa ezingozini abebengase basinde kuzo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela