Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 12/8 k. 9-k. 12 isig. 2
  • Ukukhathalela Ukuphepha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhathalela Ukuphepha
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nokwesaba
  • Zenzele Izinto Zibe Lula
  • Uhambe Kahle!
  • Ziphephe Kangakanani Izindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Kusaphephile Yini Ukuhamba Ngendiza?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukufuna Izindlela Eziphephe Kangcono Zokuhamba Ngendiza
    I-Phaphama!—2002
  • Ungakwenza Ukuhamba Ngendiza Kulondeke Ngokwengeziwe
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 12/8 k. 9-k. 12 isig. 2

Ukukhathalela Ukuphepha

UKUHAMBA ngendiza ebangeni eliphakeme ngamakhilomitha angu-11 kungase kubesabise abanye. Kungase kubonakale sengathi kungqubuzana nemithetho yemvelo. Njengoba izindinganiso zokuphepha seziphakeme futhi sekuthembeke kakhulu nokuhamba ngendiza, asenciphile amathuba okuba kwenzeke ingozi njengoba uthi shwi emoyeni. Kodwa ngezikhathi ezithile siyalikhumbula iqiniso elibuhlungu lokuthi izingozi zingenzeka.

Ukubhekana Nokwesaba

Naphezu kwalelo qiniso, selokhu kwathi nhlo umuntu ubelokhu ekuthanda ukundiza. Eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kukaKristu, iNkosi uDavide yabhala: “Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba; ngabe ngindizela ekudeni.” (IHubo 55:6) Njengoba sekubonisiwe, ezobuchwepheshe zanamuhla zenze ukuhamba ngendiza kwaba ngenye yezindlela eziphephe kakhulu zokuhamba. Cha, akukona ukuthi akunaphutha. Kuleli zwe ayikho into ephephe ngokuphelele noma engabonakala kusengaphambili ukuthi izoyidala yini ingozi noma cha.

Kubalulekile ukukhumbula lokho uma sikuthola kunzima ukuzola lapho kungomunye umuntu ophethe izintambo. Abanye abantu bangase bacabange kanje, ‘Uma kuyimi engiphethe izintambo lapha, isimo ngeke sethuse kakhulu.’ Uma kunjalo, labo bantu bangase babe senkingeni uma besezimweni abangeke bakwazi ukuzibambela mathupha kuzo. Ukuhamba ngendiza kungesinye salezo zimo.

Nakuba yenziwa imizamo yokuqinisa ukuphepha endizeni, akusho ukuthi umuntu sekufanele azithele ngabandayo. Bonke abahamba ngendiza bangabambisana ekunciphiseni izingozi ezingase zenzeke. Noma kunjalo, izikhulu zixwayisa ngosongo oluqhubekayo. Isaga seBhayibheli esihlakaniphile sithi: “Umuntu ohlakaniphile uyibona kusengaphambili ingozi bese ethatha izinyathelo zokuphepha.” (IzAga 22:3, New Living Translation) Kuwukuhlakanipha ukuqaphela ukuthi cishe kukho konke umuntu akwenzayo, ingaba khona ingozi. Uma sikhuluma iqiniso, uma uhamba ngendiza udinga ukuhluzeka kwengqondo okufanayo nalokho ongakusebenzisa kwezinye izimo ukuze uphephe.

Abantu abajwayele ukuhamba ngezindiza bangase bakuhlomele kangcono ukuzinakekela ezikhathini ezinzima. Isizathu siwukuthi abantu abavame ukuhamba ngendiza bajwayelene nezikhumulo zezindiza nezindiza kunabanye abagibeli. Nawe ungazijwayela lezi zinto futhi uzole njengabo ngokulandela lezi zinyathelo ezilula ezichazwe emabhokisini ahambisana nalesi sihloko.

Zenzele Izinto Zibe Lula

Nakuba izindawo okuseshwa kuzo ziwusizo, abanye abagibeli—ikakhulu labo abasuke bejahile—bazibheka njengeziyisicefe. Uma ukhumbula ukuthi ezokuphepha seziqinisiwe ezikhumulweni zezindiza eziningi, nakhu ukusikisela ongase ukusebenzise ukuze izinto zibe lula:

◼ Sheshe ufike. Uma uhlela ukufika kusenesikhathi esikhumulweni sezindiza, ngeke utatazele, ungathola isikhathi sokuphumula, futhi ungabi nexhala uma kwenzeka izinto zingahambi njengoba ubulindele noma ubambezeleka.

◼ Lapho ukhetha indiza, funa esetshenziswa kakhulu abantu abahamba ngomsebenzi. Bangomakad’ ebona, abathwali kakhulu, futhi abafuni ukubambezeleka.

◼ Ngaphambi kokuba ungene emnyango onomshini wokusesha izinto eziyinsimbi, khipha izinto ocabanga ukuthi zingase zikhalise inhlabamkhosi. Lezo zinto kungaba izihluthulelo, imali ewuhlweza, izinto zokuhloba, nomakhalekhukhwini. Zinikeze unogada njengoba usuzongena emnyango.

◼ Beka izikhwama neminye imithwalo uyilalise ebhandeni elihambayo; uma umuntu obheke izithombe ze-X-ray ebona isithombe esingacacile, angase afune uthulule isikhwama sakho noma uphinde usifake.

◼ Tshela unogada nganoma yini engavamile ocabanga ukuthi izodonsa amehlo, njengesiginci sesiliva sakudala sohlobo lwe-mandolin owasiphiwa ugogo wakho. Uma unogada aneliswa incazelo ezwakalayo yalento eyinqaba ayibonayo, cishe ngeke alokhu ethi yivule. Uma ujahile ngempela, yikhiphe ungakafiki kuye bese ucela ukuba ayibheke.

◼ Uma kukhala inhlabamkhosi, bambisana naye umchazele ngokushesha ukuthi ikhaliswa yini. Uma unogada eseyazi into eyikhalisile futhi kukhona uzakwabo ophethe insimbi yokusesha, uyokuthumela kuye.

◼ Uma ufuna indiza ikushiye, ntela ngokuthi uzobathumba noma ngokuthi uphethe ibhomu. Ngaphandle kokuthi izikhulu zokuphepha zesikhumulo sezindiza ziyopequlula zonke izinto zakho, ungase ubekwe icala.

Uhambe Kahle!

Ungakwazi yini ukukhetha indiza ephephile? Yebo. Noma ngabe ukhetha yiphi indiza, makhulu kakhulu amathuba okuthi uyofika uphephile lapho uya khona. Uma ungabaza, hlola irekhodi lokuphepha lenkampani ofuna ukuhamba ngendiza yayo. Khumbula ukuthi yize zikhona izingozi zezindiza, ukuhamba ngendiza kusabhekwa njengenye yezindlela eziphephe kakhulu zokuhamba.

Okwamanje, sonke singabheka phambili esikhathini izinto eziyobe ziphephe ngaso, zilondekile futhi zithembekile—lapho sekubusa uNkulunkulu emhlabeni. Emkhayeni wabantu oyobe unokuthula futhi wesaba uNkulunkulu, ngeke kube nabantu ababeka ukuphila kwabanye engozini. Abantu “bayophepha futhi balondeke bangesabi zinhlekelele.”—IzAga 1:33, Holy Bible—Contemporary English Version.a

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze ufunde izihloko ezifuze lezi bheka esithi “Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana,” kuyi-Phaphama! ka-September 22, 2000; “Ube Nohambo Oluphephile!” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 2000; “Yini Edingekayo Ukuze Ziqhubeke Zindiza?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1999; “Ziphephe Kangakanani Izindiza?” kuyi-Phaphama! ka-March 8, 1999; nesithi “Ukwesaba Ukuhamba Ngendiza—Ingabe Kukwenza Ungayigibeli?” kuyi-Phaphama! (yesiNgisi) ka-September 22, 1988.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

AMACEBISO OKUPHEPHA

Gibela indiza eya ngqo lapho uyakhona. Izingozi eziningi zenzeka ngesikhathi indiza isuka, iphakama, yehla, noma isiyothi cababa phansi. Ukugibela indiza eya ngqo lapho uya khona kuyonciphisa amathuba okuba ube kulezi zimo ezingabangela ingozi.

Khetha indiza enkudlwana. Indiza ethwala abagibeli abangaphezu kwabangu-30 ivame ukuba nemithetho eqine kakhudlwana kunendiza encane. Kanti futhi uma kwenzeka ingozi embi, maningana amathuba okuba abagibeli basinde endizeni enkudlwana.

Lalelisisa okushiwo ngaphambi kokuba indiza isuke. Nakuba kuzwakala sengathi kuphindaphindwa into eyodwa njalo, izindawo zokuphuma eziseduzane uma kuphakama isimo esiphuthumayo kungenzeka ukuthi azifani kuye ngohlobo lwendiza nangokuthi uhlezi kuphi.

Musa ukubeka izinto ezisindayo endaweni yezimpahla engenhla kwakho. Izindawo zokubeka izimpahla ezingenhla kwakho zingase zingakwazi ukubamba izinto ezisinda kakhulu lapho kuba nobuhixihixi endizeni, ngakho uma uphethe impahla ongeke ukwazi ukuyifukula uyibeke phezulu, yihambise kuqala yona.

Bopha ibhande lokuzivikela lapho uhleli. Ukuhlala ubophe ibhande kungakuvikela kakhudlwana uma kuba nobuhixihixi obungalindelekile endizeni.

Lalela izisebenzi zasendizeni. Isizathu esiyinhloko sokuba kube nezisebenzi endizeni siwukuba uvikeleke, ngakho uma esinye sikucela ukuba wenze okuthile, vele ukwenze bese ubuza imibuzo kamuva.

Ungangeni nezinto eziyingozi. Ziningi izinto eziyingozi ezingavumelekile, kodwa kufanele uzicabangele nawe ukuthi akufanele ungene endizeni nophethiloli, izinto ezibangela ukugqwala, amagesi anobuthi, nezinye izinto ezinjalo ngaphandle uma zivumelekile kuleyo ndiza futhi zifakwe ezitsheni ezifanele.

Ungaphuzi weqise. Utshwala obuphuzayo buyokudaka nakakhulu uma usemoyeni kunalapho uphansi. Kuhle ukulinganisela noma ngabe uphansi noma uphezulu.

Hlala uphapheme. Uma kwenzeka kuphakama isimo esiphuthumayo, njengalapho kuthiwa phumani ngoba kusoleka ukuthi kungaba nengozi, kufanele ulandele iziqondiso zezisebenzi zasendizeni futhi uphume ngokushesha ungapholisi maseko.

[Umthombo]

Source: AirSafe.com

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]

UKUSIZA UMKHAYA WAKHO UNGAKHATHAZEKI

Uma uzohamba, nazi izindlela ongasiza ngazo umkhaya wakho ukuba ungabi nexhala.

Xoxa nomkhaya wakho. Ngaphambi kokuba uhambe, chitha isikhathi nabantu obathandayo uxoxe nabo ngezindlela ongavikeleka ngazo wena kanye nabo. Chaza izindlela ezintsha esezikhona zokuqinisekisa ukuphepha nokuthi ziyokuvikela kanjani njengoba uzobe usendleleni.

Bayeke basho izinto ezibakhathazayo. Uyeke umkhaya wakho usho izinto eziwubangela ixhala. Uyakuthanda futhi ufuna uphephe. Balalelisise futhi ungabagxeki, ungacabangi ukuthi bayadlala uma bethi bayesaba futhi bakhathazekile.

Bamise idolo ngezinto eziyiqiniso. Batshele ngemizamo yezinkampani zezindiza ezihlukahlukene yokuvimbela ukuhlasela kwabashokobezi. Le mizamo ihlanganisa izindlela ezinqala zokuqinisa ukuvikeleka ezikhumulweni zezindiza nangaphakathi ezindizeni. Mancane amathuba okuba kwenzeke into embi lapho usendizeni.

Bathinte njalo. Bathembise ukuthi uzobashayela ucingo uma ufika lapho uya khona. Qhubeka ubashayela ucingo. Kubalulekile nokuba umkhaya wakho wazi ukuthi uzokuthinta kanjani uma kuphakama isimo esiphuthumayo.

[Umthombo]

Zithathwe engosini ye-Internet ye-United Behavioral Health

[Izithombe ekhasini 10]

Zimisele ukubambisana nonogada ezindaweni okuseshwa kuzo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela