Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngimncane Kangaka?
UJUSTIN mncane futhi uyingqabavu kodwa akawuthandi neze umzimba wakhe. Uyavuma: “Ngizama ukuba mkhulu.” Ngakho-ke njengamanje udla kahlanu ngosuku, ukudla okunama-kilojoule afinyelela ku-16 800. Nokho, uthanda ukuthi lapho eba mkhulu abe nemisipha eqinile. Ngakho uyanezela: “Ngezinye izinsuku mina nomngane wami sivuka ekuseni siyophakamisa izinsimbi ngaphambi kokuba siye emsebenzini.”
UVanessa naye mncane. Kodwa wanelisekile ngesisindo sakhe. UVanessa uyakhumbula: “Ngesikhathi ngiseyingane, izingane zazingigcona zingibiza ngothi lokuvungula. Kodwa angisenandaba nalokho. Ngizithanda nginje.”
‘Zithande unjengoba unjalo.’ Kuzwakala kuyiseluleko esihle. Kodwa kungase kube iseluleko okuthola kunzima ukusisebenzisa. Njengosemusha kungenzeka ‘usekuqhumeni kobusha.’ (1 Korinte 7:36) Isikhathi esibucayi kakhulu esokushintsha komzimba ngokushesha esaziwa ngokuthi ukuthomba. Phakathi nokuthomba izingxenye zomzimba wakho zingase zikhule ngokushiyana; izingalo, imilenze nezici zobuso bakho kungase kubonakale kungamile neze kahle.a Lokhu kungase kukwenze uzizwe ungathandeki futhi ungakhangi. Bese kuba khona neqiniso lokuthi akuyona yonke intsha ekhula ngezinga elifanayo. Ngakho nakuba kungase kwenzeke ukuthi abanye ontanga yakho banezikhwepha noma banemizimba emihle, ungase uzibone uzacile uma uziqhathanisa nabo.
Nakuba kukuningi okuye kwashiwo ngentsha ecabanga ukuthi ikhuluphele kakhulu, ivame ukunganakwa intsha ecabanga ukuthi izacile. Lokhu kungase kube njalo ikakhulukazi kwezinye izinhlanga nakwamanye amazwe lapho ukuba mncane kungabhekwa njengophawu lobuhle. Ezindaweni ezinjalo intombazane enomzimba omncane ingase igconwe ngokuthi “izacile.”
Kuthiwani ngabafana? Ngokomcwaningi uSusan Bordo, “ukuhlola okwenziwa mayelana nokubukeka komzimba emashumini eminyaka angaphambi kwawo-1980 kuye kwasikisela ukuthi lapho abesifazane [ba]bezibuka esibukweni, babebona izici ezingathandeki kuphela.” Kuthiwani ngamadoda? UBordo uyaqhubeka: “Amadoda ayezibuka esibukweni azibone emahle futhi empeleni engcono nakakhulu kunalokho ayekulindele.” Kodwa eminyakeni yamuva, lokho sekuye kwashintsha. Ephawula ukuthi amadoda akha ingxenye engaphezu kweyesine yabantu abahlinzelwa ubuhle, uBordo uthi igagasi lokuthanda kwabantu besilisa ukuba nezikhwepha libangelwa yimizimba yabantu besilisa “ephelele” evezwa ezikhangisweni zezinto zokugqoka zangaphansi e-United States nakwamanye amazwe aseNtshonalanga. Njengoba kulindelekile, lokhu kuyabathonya abafana abasakhula. Bangase bazizwe bengebahle uma bengenayo imizimba enemisipha eqinile njengeyabakhangisi besilisa.
Ngakho-ke uma unomzimba omncane, ungase uzithole uzibuza imibuzo enjengokuthi, ‘Konakelephi kimi?’ Izindaba ezinhle ziwukuthi kungenzeka akonakele ndawo.
Okwenza Ube Mncane
Entsheni eningi, ukuba mncane kuyinto evamile. Ngokuvamile kumane nje kuwumphumela wokukhula ngokushesha nokugayeka kokudla okudlayo ngokushesha okuhambisana nokuthomba. Ngokuvamile isimiso somzimba wakho sokugaya ukudla sizozinza lapho usumdala. Nokho, uma umncane kakhulu naphezu kokudla ukudla okunempilo, kungaba kuhle ukubonana nodokotela wakho ukuze ahlole ukuthi awunazo yini izinkinga zempilo, njengesifo sikashukela, esingabangela ukuba uzace.
USteven Levenkron, uchwepheshe owaziwayo kwezokuphazamiseka kwemikhuba yokudla, watshela i-Phaphama!: “Ngikhumbula owesifazane owayezacíle owalethwa kimi kwathiwa unesifo sokuzincisha ukudla, futhi ngempela wayebukeka njengomuntu ongadli kahle. Kodwa ngasheshe ngathola ukuthi inkinga yakhe yayisemzimbeni, yayingabangelwa yingqondo. Udokotela womkhaya wakubo wayehlulekile ukuthola ukuthi une-Crohn, isifo samathumbu esibi. Lelo phutha lalingayibulala le ntombazane.” Uma unesifo sikashukela noma esinye isifo esibangela ukuba uzace, kuwukuhlakanipha ukulandela iseluleko sikadokotela wakho ngokucophelela.
Yebo, ngezinye izikhathi ukuba mncane kungaba uphawu lokucindezeleka ngokomzwelo. Encwadini yakhe ethi Anatomy of Anorexia, uDkt. Levenkron uphawula okwashiwo abanye abacwaningi ukuthi inani eliphawulekayo “labantu abaphethwe isifo sikashukela abaphila ngomjovo abadli kahle, banezinkinga kusuka ekufobeleni ukudla kuya kuyi-bulimia nokuzincisha ukudla.” Udokotela onguchwepheshe angakwazi ukubona ukuthi unayo yini inkinga enjalo yokungadli kahle.b
Ukusikisela Okuwusizo
Ake sithi usumbonile udokotela futhi umncane kodwa uwumqemane. Manje kufanele wenzeni? KuJobe 8:11, iBhayibheli lithi: “Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na? Incema ingamila kungekho manzi na?” Njengoba nesitshalo sichuma uma sisendaweni ekahle futhi sondlekile, nawe kudingeka udle ukudla okunempilo ukuze ukhule ube umuntu omdala onempilo. Lokhu kubalulekile kungakhathaliseki ukuthi uzama ukuba mkhulu noma ukuncipha.
Nokho, ungalingeki ukuba uqale ukudla ukudla okuningi okunamafutha ukuze ukhuluphale ngokushesha. Lapho sihlola ukudla kosozinyama, isazi sokudla okunomsoco uSusan Kleiner saphawula ukuthi badla ukudla okunama-kilojoule angu-25 000 ngosuku! Kodwa ngokukaKleiner, “into ekhathazayo eyatholwa yilolu cwaningo ukuthi babedla amagremu angaphezu kwangu-200 amafutha ngosuku. Lawo mafutha acishe alingane nalawo ongawathola emaqhezwini amabili ebhotela! Ngesikhathi esincane nje, lokho kwanele ukwenza abantu abaningi bagule. Uma edliwa njalo isikhathi eside, amafutha amaningi kangako angabangela isifo senhliziyo.”
Ngokwe-U.S. Department of Agriculture (USDA), isisekelo sokudla okunomsoco okunama-carbohydrate njengesinkwa, okusanhlamvu, ilayisi ne-pasta. Okunye okubalulekile imifino nezithelo. I-USDA itusa ukuba kudliwe inyama nemikhiqizo yobisi elinganiselwe.
Ukuze ubone ukuthi yini oyidlayo nokuthi uyidla kangakanani, ungase uzame ukugcina umbhalo wokudla kwansuku zonke. Yiba nebhuku elincane ozobhala kulo isonto lonke, futhi ubhale phansi yonke into oyidlayo nokuthi uyidla nini. Ungase umangale ukuthola ukuthi lokho okudlayo akusondeli nokusondela kulokho obukucabanga, ikakhulu uma uhlale ujahile. Njengosemusha oyingqabavu, kalula nje ungase usebenzise ama-kilojoule angu-12 600 noma ngaphezulu ngosuku! Ungase uthole nokuthi ukudla okudlayo akunamsoco njengoba kufanele—uma udla ukudla okuphekwa ngokushesha njengama-burger ne-pizza futhi ungadli izithelo nemifino ngokwanele.
Kuthiwani ngezithasiselo zokudla ezibizayo? Ungase ungazidingi. Ochwepheshe abaningi bakholelwa ukuthi ungathola zonke izakhi ezidingwa umzimba wakho ngokudla ukudla okunomsoco. Ngaphezu kwakho konke, gwema amakhambi anqamulelayo njengokusebenzisa ama-anabolic steroid. Ngokudabukisayo, ukusetshenziswa kabi kwama-steroid akuyona nje inkinga yabafana abasakhula kuphela. I-New York Times iyabika: “Ukwanda kwamantombazane asebenzisa [ama-steroid], abanye abacwaningi abathi ngokwezinga elithile kuyisifo esiphikisana nokuzincisha ukudla, sekufinyelele amazinga aqala ukufinyelelwa abafana ngawo-1980.” Inani elethusayo lamantombazane angu-175 000 e-United States liyavuma ukuthi lisebenzisa ama-anabolic steroid. Lezi zidakamizwa ziye zahlotshaniswa nemiphumela eminingi eyinhlekelele, ehlanganisa uboya obungathandeki ebusweni, ukuphazamiseka kokuya esikhathini nomdlavuza wamabele kwabesifazane, umdlavuza wesinye kwabesilisa nokuvaleka kwemithambo yegazi nomdlavuza wesibindi kwabesilisa nabesifazane. Ama-steroid akufanele asetshenziswe ngaphandle kokugunyazwa nokuqondiswa udokotela.
Ukuthobeka Nokubhekana Namaqiniso
IBhayibheli lisitshela ukuba ‘sihambe noNkulunkulu wethu ngokuthobeka.’ (Mika 6:8) Ukuthobeka kuhilela ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu. Ukuthobeka kuyokusiza ukuba ubhekane namaqiniso ngokubukeka kwakho. Cha, akukho okungalungile ngokufuna ukuba muhle. Kodwa ukuzikhathaza kakhulu ngobuhle akuzuzisi muntu—mhlawumbe ngaphandle kwezimboni zezimfashini nezokudla. Ochwepheshe bokondleka bayavuma ukuthi umuntu wesilisa ovamile akanazo izakhi zofuzo ezifanele ukuba abe usozinyama ophambili emhlabeni, kungakhathaliseki ukuthi udla kahle kangakanani noma ukuthi uziqeqesha kangakanani. Futhi uma uyintombazane, umzimba wakho ungase ungabi mkhulu, kungakhathaliseki ukuthi udla kangakanani.
Ngokuthakazelisayo, ukunaka izingubo zakho kungase kufeze lukhulu ekuqedeni lokho ongase ucabange ukuthi kungamaphutha emzimbeni. Gwema izingubo eziziveza ngokungadingekile izici ezinjalo zomzimba wakho. Abanye basikisela ukugqoka imibala ekhanyayo, ngoba imibala ensundu yenza abantu abancane babukeke bebancane nakakhulu.
Khumbula futhi ukuthi okubaluleke kakhulu kunokubukeka kwakho ubuntu bakho. Ngokuhamba kwesikhathi uyothola ukuthi ukumomotheka ngenjabulo nesimilo esihle kuyofeza lukhulu ekukwenzeni ukhange kwabanye kunezikhwepha noma osayizi abathile bezingubo. Uma abangane bakho bekugcona njalo ngenxa yendlela obukeka ngayo, funa abantu abakwazisa ngenxa yalokho oyikho ngaphakathi—lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Petru 3:4) Okokugcina, ungakhohlwa ukuthi “umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:7.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngikhula Ngendlela Efanele?” kuyi-Phaphama! ka-September 22, 1993.
b Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngihlale Ngicabanga Ngesisindo Sami?” nesithi “Ngingakunqoba Kanjani Ukuhlale Ngicabanga Ngokwehlisa Umzimba Wami?,” kumagazini wethu ka-April 22 noka-May 22, 1999.
[Isithombe ekhasini 14]
Enye intsha izibeka icala ngokuba nomzimba omncane