Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/22 kk. 24-27
  • Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingozi Emoyeni!
  • Imishini Yokulingisa Eyenzelwe Ukuphepha
  • Ukuvakashela Umshini Wokulingisa Indiza
  • Kungani Kusetshenziswa Imishini?
  • Ukufunda Ezinhlekeleleni Esezadlula
  • Ziphephe Kangakanani Izindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Ukulawulwa Kwezindiza Emoyeni—Kukuvikela Kanjani?
    I-Phaphama!—2008
  • Yini Edingekayo Ukuze Ziqhubeke Zindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Okwenza Ngishayele Izindiza Nakuba Yaphahlazeka Nami
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/22 kk. 24-27

Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana

UKAPUTENI uphusha amagiya, bese umsizi wakhe esho ukuthi abalawula izindiza bavumile ukuthi isingasuka. Njengoba ngihlezi ngemva kwabashayeli ngiyisibukeli egumbini labo, ngizwa inhliziyo yami ishaya ngamandla lapho izinjini ziqala ukuduma. Ngihlala ngincike esihlalweni njengoba i-Boeing 747—“inyoni enkulu” ngokusho kwabashayeli bezindiza—iqala ukugijima. Khona-ke, ngokushelela okukhulu, sesisemoyeni, futhi uMzila No. 34 waseNew Tokyo International Airport siwushiya ngemuva.

Ingozi Emoyeni!

Ngemva nje kwethutshana, sizwa umsindo omkhulu, futhi indiza iqala ukudlikizeka ngamandla. Igumbi labashayeli ligcwala umsindo ovala izindlebe. Yinhlabamkhosi! Imishini ikhanya izibani eziningi zesixwayiso ezibomvu neziphuzi njengoba umshayeli oyinhloko ezama ukuzinzisa indiza.

“Kunomlilo enjinini yesithathu!” kumemeza ukaputeni njengoba ecindezela inkinobho ecima inhlabamkhosi. “Ayisebenzi, ayinawo uwoyela, injini yesithathu ayisebenzi,” kusho umshayeli oyinhloko. “Cima injini yesithathu. Vala uphethiloli kuyo. Injini yesithathu isithulile.” Ngemva kokukhishwa kwesiyalezo ngasinye, umshayeli oyedwa uthatha isinyathelo bese omunye eqinisekisa ukuthi lokho sekwenziwe. Njengokungathi izenzo zabo ziyahambisana, bayabambisana ekusingatheni isimo. Iyangimangaza indlela abahlala bezole ngayo kodwa futhi bathathe izinyathelo eziqinisekile zokunakekela isimo.

Ngokulandelayo, umshayeli oyinhloko uthinta abalawula izindiza esikhumulweni acele ukuba indiza ivunyelwe ukuthi cababa ngokushesha, ecela nokuba izimoto zosizo oluphuthumayo zime ngomumo. Khona-ke utshela abanakekeli abasendizeni ukuba balungiselele abagibeli ukuhlala kwendiza ngokuphuthumayo.

Njengoba izisebenzi zihlola uhlu lwezinto okufanele zenziwe esimweni esiphuthumayo, ngizama ukusula umjuluko kuyilapho ngisibambe ngasixhakathisa isihlalo sami! Indiza ihlala phansi kahle, okuyimpumuzo enkulu kimina. Ngizizwa nginamahloni ngokuba novalo ngale ndlela. Phela, konke lokhu akwenzeki ngokoqobo. Ngangingekho endizeni eJapane. Ngangihlezi emshinini ophambili wokulingisa indiza (ofana nalona oboniswe ngenhla) e-United Airlines Flight Center, eDenver, eColorado, e-U.S.A. Abashayeli bendiza bebemane bezivivinya. Kimina—njengomakadebona wama-computer alingisa indiza—lesi kwakuyisenzakalo esivusa amadlingozi.

Imishini Yokulingisa Eyenzelwe Ukuphepha

Izivivinyo ezinjengalesi zenziwa abashayeli bezindiza kaningi ngosuku emishinini yokulingisa enjengalona. Ngani? Kwenzelwa ukuba baqeqeshwe, futhi kwenzelwa ukuphepha komphakathi—ukuphepha kwakho. Kodwa kungani ukuqeqeshwa okunjalo kwenziwa ngemishini yokulingisa hhayi ngezindiza zangempela? Kunezizathu eziningi, kodwa ngaphambi kokuba sizicabangele, ake siqale sibheke indlela imishini yokulingisa indiza eye yathuthukiswa ngayo.

Phakathi nempi yezwe yokuqala neyesibili, kwasungulwa izikole ezazisebenzisa imishini yakudala yokulingisa indiza ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esikhulu sabashayeli bezindiza abachwepheshile. Ngasekupheleni kwawo-1960, ukwenziwa kwemishini elingisa izindiza kwathuthuka kakhulu, njengoba kwase kwenziwa imishini efuze indiza. Baqala ngisho nokufanisa imininingwane emincane, njengendlela indiza ehamba ngayo kuye ngesisindo sayo nokuthi inophethiloli ongakanani. Izici ezinjalo zithonya ukuhamba kwayo. Khona-ke, njengoba indiza ihamba, uphethiloli uyancipha futhi izimpawu zendiza ziqale ukushintsha. Intuthuko ekuklanyweni kwemishini nama-computer iye yavula ithuba lokulingisa lezi zimo nezinye eziningi.

Umgomo uwukuba kwenziwe imishini yokulingisa ecishe ifane nsé nezindiza zangempela. Ukuze kufinyelelwe lokhu, imishini yesimanje inezisekelo ezinkulu zemishini enamandla ephendula indiza ngezindlela eziyisithupha. Lesi simiso sinamaphampu amakhulu anyakazayo angenza ukuba noma nini abashayeli babhekane nezimo ezihlukahlukene ezinamandla adonsela phansi asuka esilinganisweni esithi +1 kuya -1 g.a

Njengoba abashayeli belungisa izinkinobho zabo, bezwa imiphumela ngendlela engokoqobo—njengokungathi basendizeni yangempela. Akuzona nje izindlebe kuphela ezizwa ukukhuphuka nokwehla kwesivinini, ukwehla nokuphakama kwendiza, ukuthi cababa phansi nokudlikizela kwayo kanye nesimo sezulu, kodwa nomzimba wonke.

Kuye kwenziwa intuthuko ekusetshenzisweni kwama-computer abonisa izikhumulo ezithile zezindiza emhlabeni kanye nendawo ezizungezile. Lezi zithombe ezingokoqobo zivela kuma-computer angaphambili egumbini labashayeli kulo mshini. Isithombe singaba ama-degree angu-180 ububanzi nama-degree angu-40 ukuphakama. Imishini yokulingisa indiza ivumela abashayeli ukuba “bandize” kuzo zonke izimo zezulu—lapho likhithikile, lina, libaneka, kunesichotho kanye nenkungu—phakathi nosuku, lapho seliqala ukuhwalala noma ebusuku.

Ukuvakashela Umshini Wokulingisa Indiza

Indlela eya emshinini engawuvakashela yayinebhuloho eliwela igebe elingamamitha ayisithupha phakathi “kwezwe” nebhokisi elikhulu elingenamafasitela eliphezu kwesisekelo esikhulu esinyakazayo. Lo mshini unjengomkhumbi-mkhathi noma isicabucabu esikhulu.

Lapho usungaphakathi, uzwa sengathi usanda kungena egumbini lokushayela lendiza yangempela. Ubona wonke amawashi, izibani, amageji, izimpawu namagiya ahlelwe afana ncamashí nendlela angayo endizeni elingiswayo. UTerry Bansept, umqondisi wami futhi onguchwepheshe wemishini yokulingisa izindiza, ungitshela ukuthi izingxenye eziningi zale mishini namathuluzi kuyizinsimbi zendiza yangempela.

UTerry uyachaza ukuthi imishini yokulingisa izindiza isilingana nezindiza zoqobo, inazo zonke izinto ezisendizeni, ifana nsé namagumbi ezindiza ezihlukahlukene. Njengoba ukusetshenziswa kwale mishini sekwandile, abaphathi bezindiza baye baqaphela ukuthi iqeqesha abashayeli ngezinga eliphakeme. Ngaphandle kokufundisa abashayeli ukushayela indiza, izifundo zihlanganisa nokuqeqeshelwa izimo eziphuthumayo.

Uma umshini wokulingisa indiza usebenza ngokwethembeka, abashayeli bangasibika nesikhathi abasichithe kuwo, njengokungathi bebeshayela indiza yangempela. Ngaphansi kwezimo ezithile, ukuqeqeshwa nokuvivinywa komshayeli kungase kwenzelwe kulo mshini ngokuphelele.

Kungani Kusetshenziswa Imishini?

Imishini ifeza izinjongo ezihlukahlukene eziwusizo. Ukusetshenziswa kwayo esikhundleni sendiza yangempela konga uphethiloli nowoyela. Futhi kunciphisa isiyaluyalu sezindiza emoyeni, umsindo nokungcoliswa komoya, kanye nezindleko zokuqeqesha nokusebenza. “Ukuphahlazeka” komshini wokulingisa indiza akubizi lutho, futhi akulimazi muntu.

UTerry uthi: “Imishini ingase inciphise izingozi ezivela lapho abantu beqeqeshwa. Isivumela ukuba sibaqeqeshele ukusingatha izimo eziphuthumayo, njengokusha kwenjini, ukungavuleki kwamasondo, ukuqhuma kwamathayi, ukuphelelwa kwendiza amandla, isimo sezulu esibi, ukushintsha komoya, iqhwa nokungabonakali kahle kwendawo.” Futhi, abantu bangaqeqeshelwa ukusingatha imishini kangcono, kanti ukuphazamiseka kwemishini nokucima kwayo kungasingathwa ngaphandle kokufaka indiza noma ukuphila kwabantu engozini.

Ekhuluma ngalokhu, umshayeli ongumakadebona uJ. D. Whitlatch waphawula: “Izimo esizisebenzisayo emishinini yokuqeqesha zinenhlanganisela yezenzakalo nezimo ezihlukahlukene ezingaba yizigidi eziyisithupha. Besingeke sikwazi ukuqeqesha abashayeli ngaphansi kwezimo eziningi kangako ukube besisebenzisa indiza yangempela.”

E-United States, imishini ngokwayo ihlolwa ngokucophelela futhi igunyazwe yi-Federal Aviation Administration (FAA), abashayeli abahlola izindiza kanye nochwepheshe. Ngaphambi kokuba kuqale usuku ngalunye lokuqeqeshwa, ochwepheshe bayalungisa, bahlole bese “bendiza” ngemishini yabo ukuze baqiniseke ukuthi ikwenza kahle lokho okwenziwa yindiza yangempela. Uma kwenziwa ushintsho endizeni yangempela, lolo shintsho kufanele lwenziwe nakule mishini. Njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha, abameleli be-FAA “bandiza” ngale mishini ukuze baqiniseke ukuthi ihamba kahle.

Ukufunda Ezinhlekeleleni Esezadlula

Besebenzisa ukwaziswa okusemishinini eqopha ukwaziswa kohambo lwendiza namazwi egumbini labashayeli etholakala endaweni okwenzeke kuyo ingozi, onjiniyela bangahlela imishini yokulingisa indiza ukuze iphinde zona kanye izimo neziphazamiso ezenzekile ezingozini ezithile zezindiza. Lokhu kwaziswa nemishini kungasetshenziswa njengethuluzi lokusiza abaphenyi bathole imbangela yengozi ngayinye. Ngaphezu kwalokho, ukwaziswa okunjalo kungafundisa abashayeli bezindiza besikhathi esizayo indlela yokusabela lapho kuphakama izinkinga ezingalindelekile. Futhi kusetshenziswa abaklami bezindiza nezinsimbi zazo ukuze kunqunywe indlela yokuklama nokukhiqiza izindiza nezinsimbi ezingcono esikhathini esizayo.

Uma uphenyo lwembula ukuthi iphutha lomshayeli libangelé noma licishe labangela ingozi, khona-ke kungaqalwa inqubo yokuqeqesha ukuze amaphutha anjalo agwenywe esikhathini esizayo. ULew Kosich, umshayeli wezindiza osegogodile, uthi: “Izimo esizisebenzisayo azikona nje ukucabangela; zénzeka ngempela ndawana-thile.” Bezama ukuthuthukisa ukusabela kwabashayeli, izinhlelo zokubaqeqesha, kanye nokuphepha komphakathi ekugcineni, ochwepheshe bale mboni bayaqhubeka behlaziya futhi besungula izimo ezingokoqobo bese befunda kuzo indlela abashayeli bezindiza abasabela ngayo.

Njengoba manje ngizama “ukuhlalisa” le “Boeing 747” lapho sifika “eCharles de Gaulle Airport”—ngaphansi kweso elibukhali lomshayeli enginaye uTerry—ngilindele ukuzwa umsindo wamasondo ethi cababa emgwaqweni. Babeshane, isenzo esisodwa esiyiphutha sicima i-computer yomshini! Ngiphahlazé le “nyoni enkulu” embhoshongweni wabalawuli bezindiza!

Yeka indlela sonke esingabonga ngayo ngokuthi abashayeli bezindiza ezithwala abagibeli bangochwepheshe ngempela—ngokwengxenye ngenxa yemishini yokulingisa indiza. Ngokuzayo lapho uhamba ngendiza, ungaqiniseka ukuthi wena nabanye abagibeli onabo nisezandleni eziqeqeshwe ngobuciko.—Inikelwe.

[Umbhalo waphansi]

a Uphawu u-g lusetshenziselwa ukukala amandla omfutho abantu ababhekana nawo kunoma yiluphi uhlobo lwento ehambayo. Amandla omhlaba adonsela phansi anomfutho wesivinini esingu-1 g. Uma umshayeli ezama ukuzinzisa indiza, uzwa umfutho onamandla omcindezela esihlalweni sakhe. Uma lowo mfutho uwaphinda kabili amandla adonsela phansi, ulinganiselwa ku-2 g.

[Izithombe ekhasini 26]

Ukuhamba ngomshini sisuka eSan Francisco

nokundiza sidlula eNew York City

[Isithombe ekhasini 26]

Umshini wokulingisa indiza, eDenver, eColorado

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela