Umqongeleli Owayefisa Ukudumisa UMdali
LAPHO umqophi wemifanekiso nomqongeleli wezivemvane waseMelika, uHerman Strecker, eshona eminyakeni eyikhulu edlule, washiya iqoqo lezivemvane namabhu okwakuyilo elikhulu nelibaluleké kunawo wonke ngaleso sikhathi emazweni aseMelika. Okuningi okwakuseqoqweni lakhe, elalinezinhlobo ezingaba ngu-50 000, manje sekungokweField Museum eChicago, e-Illinois, e-U.S.A. Olunye uhlobo lwebhu i-giant silk laseNingizimu Melika lwaba oluvelele kuleli qoqo ngenxa yegama lalo. Encwadini yakhe ethi Lepidoptera, uMnu. Strecker wachaza ukuthi lolu hlobo akalwethanga ngomuntu othile owayengase amvuze ngokummemela edilini noma amboleke imali.a Kunalokho, waliqamba ngoMdali. Ngaleyo ndlela, lolu hlobo lwebhu “oliyisimangaliso kangaka” lwaluyokwenza labo abalubonayo bacabange ngoNkulunkulu. Ngakho, ngenxa yesifiso sikaMnu. Strecker sokudumisa uMdali, namuhla lelo bhu linegama elingokwesayensi elithi Copiopteryx jehovah.
Nokho, abanye bangesikhathi sikaMnu. Strecker baphikisana nokusebenzisa kwakhe igama likaNkulunkulu ngoba, njengoba omunye umgxeki abhala, “leli gama lenza abantu abanezingqondo eziqotho nezigxilayo entweni bacabange zonke izinto ezingcwele.” Kulokho, uMnu. Strecker waphendula: “Uma kunjalo-ke, ngiyajabula ngempela ngokukhetha kwami, ngoba kimi kubonakala sengathi noma yini engasiholela ekutheni sicabange ngoMdali, . . . kufanele ibe yinhle; futhi yini enye engcono kunokucabanga ngezinto ezingcwele,—ubufakazi bobukhulu namandla oMuntu Ophakeme?” Ngakho-ke, umqongeleli uStrecker waphetha: “Ukuthi kunengqondo ukwenqaba ukuba omunye wemisebenzi ethakazelisayo yoMdali uqanjwe ngegama laKhe, ngikuthola kunzima ukukukholelwa.”
Ukukholelwa kukaStrecker kuMdali nokumhlonipha kwakhe kuyaphawuleka. AmaKristu namuhla akuphaphamele ukusebenzisa igama eliphakeme likaJehova ngezindlela ezilidumisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Isihloko esiphelele sencwadi kaMnu. Strecker sithi Lepidoptera, Rhopaloceres and Heteroceres, Indigenous and Exotic; With Descriptions and Colored Illustrations (1872).
[Isithombe ekhasini 31]
UHerman Strecker
[Umthombo]
Herman Strecker: From the book The Passing Scene, Vol. 8/The Historical Society of Berks County
[Isithombe ekhasini 31]
(Ubukhulu balo bangempela)