Usilika—“Ukotini Wekhethelo”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJAPANE
EZINYE zezimvunulo ezinhle kunazo zonke emhlabeni jikelele—kuhlanganise ne-kimono yaseJapane, i-sari yaseNdiya, kanye ne-hanbok yaseKorea—zinokuthile ezifana ngakho. Ngokuvamile, zenziwa ngosilika, indwangu ecwebezelayo okuthiwa eyekhethelo. Kusukela kwabasebukhosini esikhathini esidlule kuya kubantukazana banamuhla, abantu emhlabeni wonke baye bakhangwa ubuhle bukasilika. Kodwa wawuyivelakancane.
Ezikhathini zamandulo usilika wawukhiqizwa eChina nje kuphela. Akekho omunye umuntu owayazi ukuthi ukhiqizwa kanjani, futhi noma ubani owayengase adalule imfihlo yamacimbi kasilika wayengase abulawe njengembuka. Akumangalisi-ke ukuthi usilika wawumba eqolo, njengoba wawukhiqizwa eChina kuphela. Ngokwesibonelo, kuwo wonke uMbuso WaseRoma usilika wawuyigugu kakhulu.
Ngokuhamba kwesikhathi, izwe lasePheresiya laqala ukulawula wonke usilika ovela eChina. Nokho, wawusemba eqolo futhi imizamo yokuwuthola ngaphandle kwabahwebi basePheresiya yaba yize. Khona-ke, uMbusi WaseByzantium uJustinian waphuma nesu. Cishe ngo-550 C.E., wathumela izindela ezimbili eChina ohambweni oluyimfihlo. Eminyakeni emibili kamuva zabuya. Ezindondolweni zazo zoqalo kwakuthukuswe umcebo owawulindelwe ngabomvu—amaqanda amacimbi kasilika. Yembuleka kanjalo-ke imfihlo, futhi kwaphela ngaleso sikhathi ukuba usilika ukhiqizwe eChina kuphela.
Imfihlo Kasilika
Usilika ukhiqizwa amacimbi kasilika okuthi lapho esekhulile abe amabhu. Kunamakhulukhulu ezinhlobo zala macimbi kasilika, kodwa igama elingokwesayensi lalolo olukhiqiza usilika ophambili kuthiwa i-Bombyx mori. Kudingeka amacimbi amaningi ukuze kukhiqizwe izindwangu zikasilika, okuye kwaholela ekubeni kuqalwe ibhizinisi lokuwafuya. Umkhaya kaShoichi Kawaharada, ohlala eSifundeni saseGumma, eJapane, ungomunye wemikhaya engaba ngu-2 000 kuleli zwe esahileleke kulo msebenzi okhandlayo. Umuzi wakhe onezitezi ezimbili, futhi owufanelekele kahle lo msebenzi, wakhiwe egqumeni elengame izihlahla zikamalibhele (1).
Amabhu ezinsikazi abekela amaqanda angaba ngu-500, ngalinye elingangokhanjana (2). Ngemva kwezinsuku ezingaba ngu-20 ayachanyuselwa. Amacimbi amancanyana angosisu kasigcwali. Ubusuku nemini, adla amaqabunga kamalibhele—umalibhele kuphela (3, 4). Ngezinsuku ezingu-18 nje kuphela, la macimbi ayobe esekhule ngokuphindwe izikhathi ezingu-70 kunalapho esanda kuchanyuselwa futhi ayobe esebuze kane.
UMnu. Kawaharada ufuye amacimbi angaba ngu-120 000 epulazini lakhe. Uma edla enza umsindo ofana nowemvula enkulu ena phezu kwamaqabunga. Athi eqambe efinyelela ezingeni lokukhula ngokwanele, abe esebuphinde izikhathi ezingu-10 000 ubukhulu bawo basekuqaleni! Manje asuke esekulungele ukuphotha imifece (cocoons).
Abaphothi Abathule
Uma amacimbi esekhule ngokwanele, umzimba wawo uyaguquka ukhanye ngalé, okuwuphawu lokuthi sekuyisikhathi sokuqala ukuphotha. Uma eseqala ukwehla enyuka futhi esefuna indawo angaphothela kuyo imifece, asuke esekulungele ukufakwa ebhokisini elinezimbobo eziningi eziyisikwele. Lapho, akhipha intambo enhle emhlophe ewusilika (5), azimboze ngayo.
Lesi isikhathi esimatasa kakhulu kuMnu. Kawaharada, njengoba amacimbi angu-120 000 eqala ukuphotha wonke ngasikhathi sinye. Amabhokisi amaningi aklelile alengiswa endaweni epholile, engenisa umoya egumbini elisesitezi emzini wakhe (6).
Phakathi naleso sikhathi, kwenzeka ushintsho olukhexisayo ngaphakathi ecimbini. Amaqabunga kamalibhele agayekile esiswini manje asephenduke i-fibroin, uhlobo lweprotheni egcinwa ezindlaleni ezimbili ezihlangene, enobubanzi obungangomzimba wecimbi ngokwalo. Njengoba le fibroin iphuma ngamandla kulezi zindlala, imbozwa ingcina okuthiwa i-sericin. Ngaphambi kokuba iphume emlonyeni wecimbi, i-sericin inamathelisa le micu emibili ye-fibroin ndawonye. Lapho uthola umoya, lo silika osemanzi uyaqina ube intambo eyodwa.
Uma nje icimbi seliwuqalile umsebenzi walo, liphotha liphothile. Liphotha umucu ongamasentimitha angu-30 kuya kwangu-40 ngomzuzu, lilokhu ligenqezisa ikhanda. Enye incwadi ilinganisela ukuthi lithi liqambe liqeda ukuphotha umfece, libe seligenqezise ikhanda izikhathi ezingu-150 000. Ngemva kokuphotha izinsuku ezimbili nobusuku obubili, liyobe selenze intambo engaba amamitha angu-1 500 ubude. Lobu ubude obuphindwe cishe kane kunobebhilidi elikhotha amafu!
Ngesonto elilodwa nje, uMnu. Kawaharada uyobe esethole imifece engu-120 000, eyobe isithunyelwa embonini ukuze kuyokwenziwa indwangu. Kudingeka imifece engaba ngu-9 000 ukuze kwenziwe i-kimono nengaba ngu-140 ukuze kwenziwe uthayi, kuyilapho isikhafu sikasilika singase sidinge engaphezu kwekhulu.
Indlela Okwenziwa Ngayo Indwangu Kasilika
Inqubo yokuthombulula imicu kasilika emifeceni bese ithandelwa emasondweni kuthiwa ukuthandela. Yaqala kanjani le nqubo? Kunezinganekwane eziningi maqondana nale ndaba. Enye ithi inkosazana yamaShayina uHsi Ling-Shi yaphawula ukuthi enkomishini yayo yetiye kwangena umfece owe esihlahleni sikamalibhele. Njengoba izama ukuwukhipha, yabona ukuthi uphuma uyintambo enhle kasilika. Yaqala kanjalo-ke le nqubo, futhi manje seyenziwa ngemishini.
Ukuze imifece ikwazi ukudayiswa, kumelwe kubulawe iziphungumangathi ezingaphakathi ngaphambi kokuba zibe amabhu. Kusetshenziswa ukushisa ukuze kufezwe lo msebenzi onzima. Kube sekukhishwa imifece eyonakele, futhi leyo esalayo isuke isilungele inqubo elandelayo. Okokuqala, imifece ifakwa emanzini ashisayo noma esisini ukuze kuhlukaniswe intambo ephothene. Ngemva kwalokho, kuxhunywa isihloko sale ntambo emabhulashini ajikelezayo (7). Kungase kuhlanganiswe izintambo zemifece emibili noma ngaphezulu kwenziwe intambo eyodwa kuye ngobukhulu obufunekayo. Le ntambo iyoma njengoba ithandelwa esondweni. Lo silika ongakahlungwa ubuye uthandelwe esondweni elikhudlwana ukuze uphothwe wenziwe izigaxa, kuye ngobude nesisindo esifunekayo (8, 9).
Cishe uke wabuzwa ubuntofontofo nokushelela kwendwangu kasilika futhi kungenzeka waze wafuna ukuzithinta ngayo ezihlathini. Yini eyenza ibe ntofontofo ngaleyo ndlela ekhethekile? Esinye isici ukukhishwa kwe-sericin, emboza i-fibroin. Usilika ongakhishwanga i-sericin uyahaya lapho uwuthinta futhi kunzima ukuwudaya. Indwangu eyishifoni iyahaya, njengoba inezinsalela ezithile ze-sericin.
Isici sesibili siwukuthi umucu uphothwé, noma wasontwa kangakanani. Indwangu yaseJapane okuthiwa i-habutai intofontofo. Lokhu kungenxa yokuthi ayiphothwa kakhulu noma ayiphothwa nhlobo. Kanti leyo ebizwa ngokuthi i-crepe izwakala imaholo. Lokhu kungenxa yokuthi iphothwa kakhulu.
Ukudaya kungenye inqubo ebalulekile. Kulula ukudaya usilika. Indlela i-fibroin eyakheke ngayo yenza udayi umunceke kalula, okwenza indwangu ingaphuphi. Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nezindwangu zokwenziwa, usilika unakho kokubili ama-electron kanye nama-proton, okusho ukuthi udayi uyoba nomphumela omuhle. Usilika ungadaywa usewukotini ngaphambi kokuba kwenziwe indwangu (10) noma ngemva kokuba usuyindwangu. Lapho kudaywa indwangu ethandwayo ye-yuzen yokwenza ama-kimono, kuye kudwetshwe imifanekiso emihle bese idaywa ngesandla ngemva kokwalukwa kukakotini.
Nakuba usilika omningi ukhiqizwa emazweni anjengeChina neNdiya, abaklami bezingubo baseFrance nase-Italy basahamba phambili ekwenzeni izingubo zikasilika. Yiqiniso, namuhla izimboni zezingubo zokugqoka zisebenzisa ukotini wokwenziwa ukuze zenze izindwangu ezingabizi kakhulu njenge-rayon nenayiloni. Kodwa usilika awunakuqhathaniswa nalutho. Umphathi weSilk Museum eseYokohama, eJapane, uthi: “Ngisho noma isayensi isithuthuke kangaka namuhla, ngeke iwuveze umkhiqizo onjengosilika. Sazi konke ngawo, kusuka ezakhini zawo kuya endleleni owakheke ngayo. Kodwa asikwazi ukwenza into efana nawo. Yilokho-ke engikubiza ngokuthi imfihlo kasilika.”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26]
UBUHLE BUKASILIKA
Uqinile: Usilika uqine njengocingo olulingana nawo ngobukhulu.
Uyacwebezela: Usilika ucwebezela ngendlela ekhangayo njengeparele. Lokhu kubangelwa ungqimba lwe-fibroin emise okwekristalu, ekhipha ukukhanya.
Uthambile esikhunjeni: Ama-amino acid akha usilika athambile esikhunjeni. Kuthiwa usilika uyisivikelo ezifweni ezihlukahlukene zesikhumba. Izimonyo ezithile zenziwe ngophawuda wawo.
Ubamba umswakama: Ama-amino acid kanye nezimbotshana ezisemicwini kasilika kubamba futhi kukhiphe isilinganiso esithile somjuluko, okwenza umuntu ahlale epholile lapho kushisa.
Umelana nokushisa: Usilika awushi kalula futhi awukhiphi igesi enobuthi lapho kuqubuka umlilo.
Uyisivikelo: Usilika ubamba imisebe e-ultraviolet kanjalo uvikele isikhumba.
Awuvamile ukwenza izinhlansi zikagesi: Njengoba usilika unako kokubili ama-proton nama-electron futhi ubamba umswakama, awuzenzi kalula izinhlansi zikagesi njengezinye izindwangu.
INDLELA YOKUNAKEKELA USILIKA
Ukuwasha: Kungcono kakhulu uziyise elondolo izingubo zikasilika. Uma uziwashela zona ekhaya, sebenzisa insipho engenayo i-asidi emanzini afudumele (angaba ngu-30° C.). Ungayishuki ngamandla noma uyikhame kakhulu indwangu kasilika. Yineke yomiswe umoya.
Uku-ayina: Beka indwangu phakathi kwe-ayina nosilika. Uma u-ayina, zama ukulandela indlela emi ngayo imicu yendwangu, futhi izinga lokushisa kwe-ayina kufanele libe ngu-130° C. Sebenzisa isisi esincane kakhulu, uma kudingeka.
Ukususa amabala: Ngaphansi kwezimo eziphuthumayo, phendukezela indwangu kasilika bese uyibeka phezu kwendwangu eyomile. Yibe usuyibhambatha ngendwangu emanzi, ungayihlikihli. Ngemva kwalokho iyise elondolo.
Indawo yokubeka: Gwema indawo eswakeme, qapha inundu, futhi ugweme indawo engenisa ukukhanya. Sebenzisa iziphanyeko ezinezipanji, noma uyibeke emashalofini, kodwa ungayisongi kakhulu.
[Isithombe ekhasini 25]
Imifece kasilika
[Imithombo Yesithombe ekhasini 26]
Photos 7-9: Matsuida Machi, Annaka City, Gunma Prefecture, Japan; 10 and close-up pattern: Kiryu City, Gunma Prefecture, Japan