Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g01 2/8 k. 3-k. 4 isig. 3
  • Ukuphila Kwaleli Zwe Okumatasa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Kwaleli Zwe Okumatasa
  • I-Phaphama!—2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngokungazelelwe, Usuku Selulude
  • Ukuphila Kuyashesha
  • Kungani Kuphuthunywa?
    I-Phaphama!—1987
  • Siyakhathala Kodwa Asipheli Amandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
  • Umonakalo Obangelwa Ukuzama Ukwenza Okuningi Kakhulu
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2001
g01 2/8 k. 3-k. 4 isig. 3

Ukuphila Kwaleli Zwe Okumatasa

Ingabe Indlela Ukuphila Okushesha Ngayo Iyakwehlula Ngezinye Izikhathi? Ingabe Usala Ukhungathekile, Ukhathele Ungakwazi Ukuhambisana Nako? Uma Kunjalo, Awuwedwa.

IZIGIDI zabantu, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu, zithola ukuthi ukuphila kushesha ngendlela ekhungathekisayo nekhathazayo. Lokhu kunjalo ikakhulukazi emazweni aseNtshonalanga. Emhlanganweni wenkolo wamuva nje e-United States, isikhulumi sacela ukuba izilaleli ezizizwa zikhathele ngaso sonke isikhathi ziphakamise izandla. Ngokushesha, kwaphakama inqwaba yezandla.

Incwadi ethi Why Am I So Tired? ithi: “Ukuphila kwanamuhla kugcwele ukukhathazeka okungakaze kuzwiwe ngaphambili—ukujaha ukuyobamba izindiza, usuku lwamanqamu lokufeza okuthile, izingane okufanele uzihambise futhi uzilande ngesikhathi enkulisa—uhlu alupheli.” Yingakho nje ukukhathala kuye kwachazwa ngokuthi isiqalekiso sesikhathi sethu.a

Eminyakeni edlule, ukuphila kwakulula futhi kungasheshi. Abantu babephila ngokuvumelana nemijikelezo yemvelo—imini kwakungeyokusebenza kanti ubusuku buyisikhathi sokuba nomkhaya nokulala. Namuhla ziningi izizathu ezenza abantu bahlale bekhathale futhi betubekile.

Ngokungazelelwe, Usuku Selulude

Esinye isici kungaba ukuthi abantu abalali ngokwanele. Enye yezinto zentuthuko ezibalulekile ezanciphisa isikhathi sokulala kwaba ukufika kukagesi. Ngokucindezela inkinobho nje, abantu bangalawula ubude “bosuku,” futhi ngokushesha abantu baqala ukwephuza ukulala. Yebo, abanye yayingekho into ababengayenza ngoba amafektri aqala ukusebenza imini nobusuku futhi izimboni zezinkonzo ezithile zandisa amahora azo omsebenzi. Omunye umlobi wathi: “Kwazalwa umphakathi wamahora angu-24.”

Ezinye izinto zentuthuko yobuchwepheshe, njengomsakazo, i-TV kanye nama-computer, kuye kwaba nengxenye ekuncisheni abantu isikhathi sokulala abasidingayo. Emazweni amaningi, izinhlelo ze-TV zidlala amahora angu-24 ngosuku. Kuyinto evamile ngabathandi bamabhayisikobho noma bemidlalo ukuba bafike emsebenzini bozela noma bekhathele ngemva kokuchitha ubusuku bonke beyibukele. Ama-computer asemakhaya, anezinto eziningi ezijabulisayo, ayenga izigidi zabantu ukuba ziphuze ukulala. Yebo, lezi zinto zona ngokwazo azilona iphutha; noma kunjalo, zenza abanye abantu abazisebenzisa kabi bazibe isidingo sokuphumula.

Ukuphila Kuyashesha

Akukhona nje kuphela ukuthi izinsuku zethu sezizinde kodwa ukuphila ngokwako kubonakala kushesha kakhulu—kusheshiswa yibo belu ubuchwepheshe. Inqola edonswa amahhashi yangeminyaka engaphansi kwekhulu edlule ihluke kakhulu ezimotweni zanamuhla ezigijimayo, izitimela ezinejubane nezindiza. Eqinisweni, usomabhizinisi wanamuhla, onomkhulu mhlawumbe owayehamba ngezinyawo ukuya emsebenzini noma agibele ihhashi noma ibhayisikili, anganqamula i-Atlantic Ocean ngendiza ngamahora nje ambalwa!

Ihhovisi nalo liye laba nenguquko ethule ukuze lenze izinto ngejubane futhi landise umkhiqizo. Imishini yokubhala nezincwadi ezihamba ngeposi kuye kwathathelwa indawo ama-computer, imishini ye-fax ne-E-mail. Ama-computer okugcina umbhalo, izingcingo eziphathwayo kanye nama-pager kuye kwenza kwangaba namehluko phakathi kokusebenzela ehhovisi nokusebenzela ekhaya.

Yebo, akekho kithi onganciphisa ijubane lezwe. Nokho, thina ngabanye, singenza izinguquko ezingasisiza ukuba siphile ukuphila okuzolile nokulinganiselayo. Kodwa ngaphambi kokuba sicabangele le ndaba, ake sihlole eminye yemiphumela ukuphila kwanamuhla okusheshayo okungaba nayo kithi ngabanye nasemphakathini wonkana.

[Umbhalo waphansi]

a Ukukhathala okungamahlalakhona kungabangelwa noma kwandiswe izinto eziningana ngaphandle kokukhathazeka kwansuku zonke. Izimbangela zingase zihlanganise izinkinga zempilo, ukudla okungenamsoco, izidakamizwa, ukungcolisa kwamakhemikhali, izinkinga ezingokwengqondo nezingokomzwelo, ukuguga noma inhlanganisela yalokhu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela