Ubuthi Bemisebe—Imbangela Yokukhathazeka
IPHEPHANDABA laseCanada i-Globe and Mail libika ukuthi ngemva kokuhlolwa kwezikhali zenuzi ngawo-1950, kwatholakala i-strontium 90 (Sr90), imfucumfucu yamakhemikhali enuzi, emazinyweni ezinsana. Ngaleso sikhathi, kwathiwa iyimbangela yokwanda komdlavuza ezinganeni.
Manje, ngemva kwamashumi eminyaka, ososayensi be-U.S. Radiation and Public Health Project bakhathazekile futhi. UDkt. Janet Sherman, uchwepheshe wezifo osebenza kulo mkhankaso, uchaza ukuthi “amazinga e-Sr90 emazinyweni ezingane ezazalwa kusukela ngo-1990 asefinyelela amazinga atholakala phakathi neminyaka yokuhlolwa kwalezi zikhali.”
Ivelaphi i-Sr90? Abanye ososayensi bacabanga ukuthi imithombo yayo kungenzeka yizingozi zenuzi zesikhathi esidlule, ukukhishwa kwemisebe ezikhungweni zenuzi ezisebenza kahle, noma amabhomu ahlolwa eminyakeni eminingi edlule.a Kungakhathaliseki ukuthi ivelaphi, abantu bathola i-Sr90 ngokudla ukudla kwezilimo ezinobuthi nangokuphuza ubisi lwezinkomo eziklaba emadlelweni anobuthi. Ngenxa yokuthi i-Sr90 inamakhemikhali afana nawe-calcium, imizimba yabantu igcina lesi sithako esinemisebe, okwandisa ingozi yomdlavuza wamathambo nowegazi.
I-Globe izwakalisa nokukhathazeka ngokuchayeka kwezizukulwane ezizayo ekukhishweni kwemisebe. Leli phephandaba liyachaza: “Lapho isikhishiwe kuhhavini esikhungweni, [imfucumfucu yenuzi] ikhipha imisebe ngokuphindwe izikhathi eziyisigidi kunangesikhathi ifakwa ngaphakathi. Kuthiwa isigaxa sebhetri likahhavini elisanda kusebenza sinobuthi obunamandla kangangokuthi umuntu omi ebangeni eliyimitha nje kuphela ukusuka kulo angabulawa ubuthi bemisebe phakathi nesikhathi esingangehora.”
Njengoba isintu sisongelwa ubuthi bemisebe, ingabe kunengqondo ukulindela ikusasa elilondekile? Lapho umhlaba nezinto eziphila kuwo kudalwa ekuqaleni, iBhayibheli lisitshela ukuthi konke “kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Singathembela esithembisweni seBhayibheli sokuthi maduze iplanethi yethu izoba yipharadesi. Kuyobe kungasekho ukudla namanzi okungcoliswe ubuthi obunemisebe.—IHubo 65:9-13; IsAmbulo 21:1-4.
[Umbhalo waphansi]
a Ngemva kwengozi yango-1986 esikhungweni samandla enuzi eChernobyl, e-Ukraine, amazinga e-Sr90 emazinyweni ezingane zaseJalimane enyuka ngokuphindwe kayishumi.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Photo: U. S. Department of Energy photograph