Izithombe Ezihambayo ZaseNamibia
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
UKWENZA kwengcweti kulokhu kushintshe njalo, kodwa umphumela usemuhle. Isebenzisa isihlabathi. Ngubani ingcweti? Umoya, obumba amagquma esihlabathi ahambayo ngemiklamo eyingqayizivele. Mhlawumbe owaziwa kakhulu umklamo we-crescent. Uhlangothi lwalesi “sithombe” olubheke emoyeni lunomthambeka owehlelayo. Umqansa ongalé kolunye uhlangothi uyakhuphuka futhi mfushane. Ingxenye ephezulu yaleli gquma icije njengensingo, nakuba kulula ukuyithuntubeza ngokuyikhahlela ngonyawo.
UGwadule lwaseNamibia eningizimu-ntshonalanga ye-Afrika luyindawo enhle yokubona lezi zithombe ezihambayo. Lunamanye amagquma aphakeme kakhulu emhlabeni, afinyelela amamitha angaphezu kuka-400 ukuphakama. Nokho, ugwadule lwaseNamibia luncane kunezingwadule ezinkulu kakhulu emhlabeni. Lusuka e-Atlantic Ocean lungene amakhilomitha angaba ngu-160 ezweni kanti lungamakhilomitha angu-1 900 ubude.
Ezinye Izingcweti Ezisebenzayo
Akuwona umoya kuphela oyingcweti ekhona kulesi ‘sikhungo sobuciko.’ Ukuhlolisisa amagquma kuveza ubufakazi bemiklamo ephawulekayo yezinye izingcweti. Ngokwesibonelo, ungase ubone okufana nomgexo omude, ocwazimulayo ovele wajikijelwa esihlabathini. Uma uthi ukulinda, ungaze ubone ngisho nalezi zingcweti zisebenza. Lo “mgexo” wenziwa imikhondo eshiywa izinkumabulongwe njengoba zihamba esihlabathini ebusuku. Buqamama nalo “mgexo” kunohide lwalokho okufana nemigodi emincane esihlabathini. Nalena yimikhondo eshiywe ungoso (elephant shrew) njengoba elibangise ekhaya. Ngokungazelelwe uyaqaphela ukuthi lesi sikhungo sobuciko esisemajukujukwini, esibonakala siwugwadule sigcwele izinto eziningi eziphilayo.
Ngasenyakatho, uma ukhuphuka nogu iSkeleton Coast, ungase ubone umsebenzi wezinye izingcweti zasogwadule. Zisebenza ngendlela ewubudlabha esihlabathini, okwenza umkhiqizo wazo ube mahlikihliki. Qaphela! Nazo ziqhamuka, zeqa amangqeshe. Yinye into eqinisekile, ziyawujabulela umsebenzi wazo wobuciko. Lezi zilwane ezinkulu zehla emagqumeni ngejubane elikhulu, zisakaza isihlabathi nxazonke. Zinganelisekile ngokugijima, ziyashwibeka futhi, zihudula imilenze yangemuva futhi zimba imisele esihlabathini. Zigijimela emthonjeni wamanzi oseduze, zingene phakathi bese zidlala kuhle kwezingane ezeneme. Lezi zingcweti, izindlovu, zinesisindo esingaba amathani ayisithupha iyinye!
Enye ingcweti eyinqaba evusa ilukuluku, nakuba ingesona isidlwangudlwangu, yinyoka i-Péringuey’s adder. Umdwebo wayo esihlabathini unjengezinti eziningi ezigobile. Le nyoka ishiya le mikhondo njengoba ihuquzela iya phambili ngokuzisontasonta. Ngokungazelelwe, le mikhondo iyaphela, futhi le nyoka isinyamalele. Ishonephi? Uma ubhekisisa, ungase ubone amehlo amabili amancane esihlabathini ekugqolozele. Wonke umzimba wale nyoka ungaphansi kwesihlabathi. Njengoba izifihle ngale ndlela, ngesineke ilinda ukudla—ngokuvamile okuyisibankwa esidlula ngendlela.
Kunomunye umklamo esihlabathini ongemuhle kangako. Kubonakala imikhondo yamasondo amakhulu, ashiywe yizithuthuthu ezinamasondo amathathu eziklanyelwe ngokukhethekile ukuhamba kule ndawo. Umuntu naye ushiye uphawu lwakhe.
Ingcweti Eyisikhwishikhwishi
Nezinye izilwane eziningi, esingenakuzibala zonke, zishiya uphawu lwazo kulezi zihlabathi. Lezi zihlanganisa obhejane, amabhubesi, izindlulamithi nezimpungushe, futhi ungase uzibone esiqiwini saseSkeleton Coast nakwezinye izindawo.
Kodwa umoya yiwona oyingcweti enkulu. Yiwona onquma ukuthi lesi sikhungo sobuciko sibukeka kanjani futhi uhlela ukwakheka kwendawo ngokuthanda kwawo. Uhlale uyishintsha. Uma ubuyela kule ndawo ngemva konyaka kusukela manje, ungase uqaphele ukuthi amanye amagquma esihlabathi aseqhele ngamamitha angu-30 njengoba ubungekho! Yilokho okwenziwa yimimoya yaseNamibia.
[Ibalazwe ekhasini 27]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
AFRICA
NAMIBIA
[Isithombe ekhasini 26]
Ungoso
[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]
Des and Jen Bartlett