Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 9/15 kk. 8-9
  • “Umcebo Omningi Wezilwandle”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umcebo Omningi Wezilwandle”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Izilwandle
    I-Phaphama!—2023
  • Uketshezi Lokuphila
    I-Phaphama!—2009
  • Izithombe Ezihambayo ZaseNamibia
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 9/15 kk. 8-9

Ubuhle Bendalo KaJehova

“Umcebo Omningi Wezilwandle”

EKUSHONENI kwelanga, umoyana unyakazisa ulwandle, amagagasi aziphonse ogwini. Umsindo ololozelayo wamagagasi udonsa abaningi abathuthelekela ogwini ukuze bathole ukuphumula nokuthula.a

Emhlabeni wonke kunamakhilomitha ngamakhilomitha ezindawo ezinjalo ezisogwini. Lo mugqa oshintshashintsha njalo phakathi kwesihlabathi namanzi uphawula imingcele yolwandle. UMdali wakudala kanjalo. Ekhuluma ngaye siqu, uNkulunkulu uthi ‘umise isihlabathi njengomngcele wolwandle.’ Uyanezela: “Nakuba amagagasi alo ezijikijela ngapha nangapha, awakwazi ukunqoba; nakuba ehlokoma, awakwazi ukudlulela ngalé kwaso.”—Jeremiya 5:22; Jobe 38:8; IHubo 33:7.

Iplanethi yethu iyiplanethi yamanzi ngempela, ngokungafani nanoma iyiphi enye. Ingxenye yomhlaba engamaphesenti angaphezu kwangu-70 imbozwe amanzi. Lapho uJehova elungisa umhlaba ukuze uhlalwe abantu, wathi: “Amanzi angaphansi kwamazulu mawaqoqane endaweni eyodwa kuvele umhlabathi owomile.” Futhi “kwaba njalo.” Ukulandisa kuyanezela: “UNkulunkulu wabiza umhlabathi owomile ngokuthi uMhlaba, kodwa amanzi aqoqene ndawonye wawabiza ngokuthi iziLwandle. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.” (Genesise 1:9, 10) Kusiza ngani ukuba khona kwezilwandle?

Ngezindlela eziningi ezimangalisayo, amanzi ezilwandle aklanyelwe ukusekela ukuphila. Ngokwesibonelo, amanzi akwazi ukugcina ukushisa. Ngakho, izilwandle zinjengenqolobane enkulu egcina ukushisa, okwenza ubusika bungabandi ngokwedlulele.

Amanzi asekela ukuphila nangenye futhi indlela. Akwazi ukuncibilikisa kalula ezinye izinto, ngaphezu kwanoma iluphi olunye uketshezi. Njengoba izinqubo zokuphila zenzeka ngenxa yokulumbana kwamakhemikhali, kudingeka amanzi ukuze ancibilikise lawo makhemikhali alumbanayo futhi ama-molecule awo ahlangane. Izingxube eziningi zamakhemikhali ezitholakala ezintweni eziphilayo zinamanzi. Incwadi ethi The Sea ithi: “Zonke izinhlobo zokuphila zidinga amanzi—okumelwe avele olwandle ngokuyisisekelo, ngisho [namanzi] ezitshalo nezilwane eziphila endaweni eyinhlabathi.”

Izilwandle zomhlaba zinanendima ebalulekile ekuhlanzeni umoya. Uhlaza oluntanta ezilwandle lumunca i-carbon dioxide bese lukhipha i-oxygen. Ngokomunye umcwaningi, “amaphesenti angu-70 e-oxygen enezelwa emoyeni unyaka ngamunye avela ohlazeni oluntanta olwandle.”

Izilwandle zingakhiqiza nemithi yemvelo yokwelapha izifo. Sekungamakhulu eminyaka kusetshenziswa izinto ezikhishwe ezinhlanzini ekwelapheni. I-cod-liver oil isinesikhathi eside isetshenziswa. Muva nje, kuye kwasetshenziswa amakhemikhali avela ezinhlanzini nakwezinye izilwane zasolwandle ekwelapheni ufuba nasekulweni namagciwane nomdlavuza.

Kuye kwazanywa ukuthola ukuthi ungakanani umcebo otholakala ezimpahleni nasezinkonzweni ezihlobene nolwandle. Nakuba kungenakwenziwa ziphetho ezinembile, abacwaningi baye balinganisela ukuthi cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zezinkonzo zendawo eyimvelo emhlabeni wonke zivela olwandle. Lokhu kuqinisekisa ukuthi izilwandle zadalelwa injongo—ukunakekela nokusekela ukuphila. Yeka indlela lokhu okuvumelana kahle ngayo nalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “umcebo omningi wezilwandle”!—Duteronomi 33:19.

UJehova uyakhazinyuliswa njengoMklami Omkhulu noMenzi walo mcebo. UNehemiya washukumiseleka ukuba amdumise ngala mazwi: “Nguwe wedwa onguJehova; wena ngokwakho wenzé amazulu, . . . izilwandle nakho konke okukuzo; nguwe okulondayo konke.”—Nehemiya 9:6.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2004, September/October.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Amanzi, Umoya, Namagagasi

Amanzi nomoya kwakha amagagasi amakhulu azilahla emadwaleni kube nomsindo omkhulu, njengalawa aseCalifornia, e-United States. Amagagasi abelokhu eyisici esimangalisayo solwandle, ebukisa ngamandla awo amakhulu. Futhi asikhumbuza ngokwethusayo amandla amangalisayo oMdali. UJehova ‘unyathela phezu kwamagagasi aphakeme olwandle.’ “Unyakazise ulwandle ngamandla akhe, nangokuqonda kwakhe uphihlize umhlaseli waba yizicucu.” (Jobe 9:8; 26:12) Ngempela, “ngaphezu kwemisindo yamanzi amaningi, amadlambi olwandle amakhulu ngokubabazekayo, uJehova mkhulu ngokubabazekayo endaweni ephakeme.”—IHubo 93:4.

Imifanekiso Yesihlabathi

Ngezinye izikhathi ngalé kogu lolwandle kuba nemifanekiso ehlaba umxhwele yesihlabathi, njengalezi zindunduma ezisogwini lwaseNamibia, e-Afrika eseningizimu. Ngokuyinhloko ngumoya owenza isihlabathi sime ngale ndlela ephawulekayo. Nakuba ezinye izindunduma zingase zibonakale zizincane, ezinye ziyafika emamitheni angu-400 ukuphakama. Isihlabathi esiningi kangako sisenza siyiqonde inkulumo eseBhayibhelini ethi ‘isihlabathi esisogwini lolwandle.’ Ibhekisela entweni ongenakuyibala, into okunzima ukuyilinganisa. (Genesise 22:17) Usenza sikhexe uMdali, owaklama inqaba ewubuciko kangaka yesihlabathi eduze kolwandle olugubhayo.

[Isithombe ekhasini 9]

Ukushona kwelanga ogwini, eBight of Biafra, eCameroon

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela