Ukuhlolisisa Izinwele Zakho
INCWADI ethile iyaphawula: “Kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki nokuthi anjani amasiko akho, izinwele zembula okuthile ngomnikazi wazo.” Yingakho nje abantu abaningi bethanda ukugcina izinwele zabo zinempilo futhi zizinhle.
I-Phaphama! yabuza abalungisi bezinwele abane imibuzo ethile evamile ngokwakheka nokunakekelwa kwezinwele. Kwatholakala ukuthi kuningi okuhilelekile ezinweleni kunalokhu ozibona ziyikho.
Ukukhula Kwezinwele Nokuqothuka Kwazo
UMBUZO: Zakhiwa yini izinwele?
IMPENDULO: Izinwele zine-keratin, iprotheni enemicu. Unwele ngalunye lukhula embotsheni esekhanda ebizwa ngokuthi i-follicle. Phansi kuyi-follicle ngayinye kukhona i-papilla, enegazi eliningi. I-papilla ikhiqiza amangqamuzana ezinwele enyuka aphume ngembobo abese eqina eba unwele.
UMBUZO: Kunenkolelo edumile yokuthi izinwele zikhula masinyane uma uzigunda. Ingabe kuyiqiniso?
IMPENDULO: Cha. Abanye abantu bacabanga ukuthi izinwele zondliwa umzimba, njengoba nje amagatsha esihlahla ondliwa isiqu. Kodwa uma izinwele sezimilile esikhunjeni, seziyinto efile. Ngakho-ke, ukugunda izinwele akuyithinti indlela ezikhula ngayo.
UMBUZO: Kungani izinwele ziba mpunga?
IMPENDULO: Ulwelwesi olungaphakathi lwezinwele lunesakhi esinikeza izinwele umbala wazo. Uma amangqamuzana alesi sakhi esinikeza umbala efa, izinwele ziba mpunga; kuyingxenye yenqubo yokuguga. Ukuba nezinwele ezimpunga usemncane kungase kubangelwe ufuzo noma ukugula. Kodwa kuyinganekwane ukuthi izinwele kungavele kuse sezimpunga. Isakhi sombala singaphansi kwesikhumba sekhanda. Ngakho, kudingeka isikhathi ukuze izinwele ezimpunga zikhule (cishe ngamasentimitha angu-1,25 ngenyanga) bese zivela.
UMBUZO: Kubangelwa yini ukuqothuka kwezinwele?
IMPENDULO: Ukuqothuka kwezinwele kuyingxenye yomjikelezo ongokwemvelo wezinwele. Ngokwesilinganiso, kuwo wonke umuntu kuphuma izinwele ezingu-50 kuya kwezingu-80 nsuku zonke. Kodwa impandla kwabesilisa inomsuka wofuzo futhi kubonakala sengathi ibangwa ukungasebenzi kahle kwama-hormone, okubangela ukuba izinwele ziqothuke unomphela. Ukuqothuka kwezinwele okungavamile kubizwa ngokuthi i-alopecia.a
UMBUZO: Abanye bathi izinwele zibonisa impilo yomuntu. Nike nakuphawula lokhu?
IMPENDULO: Yebo. Ngaphansi kwesikhumba sekhanda kunegazi elondla izinwele. Ngakho izinwele ezinempilo zingase zibonise igazi elinempilo. Nokho, umuntu odla ukudla okungenamsoco noma ozitika ngophuzo oludakayo angase athole ukuthi izinwele zakhe aziqinile futhi ziqothuka kalula, ngoba igazi lakhe alikwazi ukuzondla kahle izinwele zakhe. Ukuqothuka kwezinwele noma ukuba buthakathaka kwazo kungase kube nawuphawu lokugula noma ukukhulelwa.
Ukugcina Isikhumba Sakho Nezinwele Kunempilo
UMBUZO: Ake nichaze ukuthi zigezwa kanjani izinwele nesikhumba sekhanda.
IMPENDULO: Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi abantu abaningi abanenkinga yesikhumba sekhanda esomile basigeza njalo ngokweqile. Yiqiniso, amafutha asezinweleni zakho abangela ukungcola nodoti esikhunjeni futhi angase avale imigudu yamafutha eholela kuma-follicle. Ngakho kuyadingeka ukuba izinwele uzigeze njalo. Kodwa la mafutha angokwemvelo avikela isikhumba sakho emagciwaneni ayingozi futhi abamba umswakama odingekayo. Uma uzigeza njalo ngokweqile, uncisha isikhumba sekhanda lakho lesi sivikelo futhi ubangela izinkinga ezinjengesikhumba sekhanda esomile. Ochwepheshe abaningi batusa ukuba ugeze izinwele uma isikhumba sekhanda lakho noma izinwele zingcolile. Abantu abanezinwele ezinamafutha kufanele bazigeze kaningi kunalabo abanezinwele ezivamile noma ezomile.
Uma ugeza izinwele, hlikihla isikhumba sekhanda lakho. Lokhu kususa amangqamuzana afile ekhanda futhi kwenza igazi ligeleze kahle, londle izinwele zakho. Khumbula ukuzihlambulula kahle! Uma ungazihlambululi izandla ngemva kokuzigeza ngensipho, isikhumba sakho singoma futhi siklayeke. Ngokufanayo, uma ungayihlambululi kahle insipho yokugeza izinwele, isikhumba sekhanda singase some futhi sebuze.
UMBUZO: Ungenzenjani uma unesikhumba sekhanda esomile?
IMPENDULO: Phuza amanzi amaningi futhi udle ukudla okunomsoco. Lokhu kondla isikhumba sakho ngamanzi futhi kondle imithambo yegazi. Sebenzisa insipho yokugeza izinwele ekahle, futhi uhlikihle isikhumba sekhanda lakho njalo. Abanye abantu basebenzisa imithi egcotshwa ezinweleni ukuze yenezele umswakama esikhunjeni.
Ukulungisa Izinwele Zakho
UMBUZO: Yini okufanele umuntu ayikhumbule uma eya kumuntu olungisa izinwele?
IMPENDULO: Uma ufuna ukushintsha indlela yokulungisa izinwele, woza nesithombe sesitayela osithandayo futhi mhlawumbe nesesitayela ongasithandi. Zisho ngokucacile izifiso zakho nesikhathi ofuna ukusichitha ulungisa izinwele usuku ngalunye, ngoba ezinye izitayela zezinwele zidinga ukunakwa kakhulu kunezinye. Khumbula ukuthi ngokuvamile kudingeka uye kabili noma kathathu kumlungisi wezinwele ngaphambi kokuba azi izinwele zakho futhi nizwane naye. Ngakho, ungasheshi umlahle umlungisi wakho wezinwele!
Lokho Okwembulwa Izinwele Zakho
Ukunakekela izinwele nokuzilungisa kuyindlela yokuziveza ubuwena. Izinwele ziye zagundwa, zaxhunywa, zelulwa, zenziwa zashwileka, zadaywa futhi zalungiswa ngezindlela ezihlukahlukene ukuze zihambisane nemfashini, izinkolelo zenkolo ngisho nemibono yomphakathi neyezombangazwe. Hlolisisa izinwele zakho. Zembulani ngawe? Izinwele ezinempilo ezilungiswe kahle zihlobisa umnikazi wazo futhi abanye bayazazisa.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “I-alopecia—Ukugcina Ukuqothuka Kwezinwele Kuyimfihlo,” kuyi-Phaphama! ka-April 22, 1991.
[Izithombe ekhasini 26]
Ukudla ukudla okunomsoco nokuphuza amanzi amaningi kungasiza ekwelapheni isikhumba sekhanda esomile
[Isithombe ekhasini 26]
Izinwele ezimpunga ziyingxenye evamile yokuguga
[Isithombe ekhasini 26]
Ukugeza izinwele njalo kungancisha isikhumba sakho amafutha ayisivikelo