Ukubuka Okwezwe
Izingane Ezincane Nomculo Oshaqisayo
I-Chicago Tribune ibika ukuthi izingane ezincane ezineminyaka engu-7 noma engu-8 ubudala zilalela umculo onenhlamba, izosha ezikhuluma ingcaca ngobulili nobudlova. “Kuqala, izingane zasenkulisa kuya kwezifunda esikoleni samabanga aphakathi ‘zazinomculo wazo wezingane,’” kodwa “namuhla izingane ezifunda esikoleni sabaqalayo sezilalela iziteshi zomsakazo ezilalelwa abazali bazo noma izingane zakubo ezindala.” Yize izinkampani zomculo e-United States kudingeka zifake amalebula esixwayiso kuma-compact disc anezosha ezinobudlova noma ezikhuluma ingcaca ngobulili ukuze izingane zingawatholi, umculo onjalo ungalalelwa kalula emishinini yokulalela umculo ezitolo eziwuthengisayo. UDiane Levin, uchwepheshe wamasiko ezokuxhumana nezingane eWheelock College eBoston, waxwayisa: “Siya ngokuya siba buthuntu njengoba izinto ziya ziba zimbi kakhulu.”
“USanta” Columbus?
I-Times yaseLondon ibika ukuthi “iVatican icindezelwa ukuba ibize uChristopher Columbus ngokuthi usanta.” Izazi ezihlola izinqolobane zokwaziswa zaseVatican zithi akuyona iNkosi uFerdinand neNdlovukazi u-Isabella yaseSpain abaxhasa uhambo lukaColumbus kodwa kwakunguPapa Innocent VIII owamthuma emkhankasweni oyimfihlo wokuyoxhasa iziMpi Zenkolo futhi “azuze abantu beze ebuKristwini.” Incwadi eyabhalwa uPapa Pius IX ngo-1851, ngokwengxenye ithi: “Kuzoboniswa ngokungananazi ukuthi uColumbus wenza icebo lakhe elihlakaniphile egqugquzelwa futhi esizwa yilo papa osesihlalweni.” UPapa owalandela, uLeo XIII, wachaza lo mhloli wamazwe ngokuthi “indoda yeSonto.” Nokho, lapho uColumbus ebuyela eSpain ngo-1493, ilungelo lalokho akuthola ladluliselwa enkosini yaseSpain nguPapa Alexander VI womndeni wakwaBorgia eSpain, owayelandele u-Innocent VIII.
Ukugwema Isikweletu
Inhlangano eqaphelisa abathengi e-United Kingdom “iqale umkhankaso omkhulu othi Ungavumeli ukuthenga ngesikweletu kukufake ezikweletini, ukuze ixwayise abantu ngezingozi zesikweletu eseqile,” kubika i-Newstream.com. Ngokwe-Office of Fair Trading (OFT), inani lokuthenga ngesikweletu liye lakhuphuka ngamaphesenti angaphezu kuka-60 eminyakeni emine edlule. Ngaphezu kwalokho, umuntu ovamile manje unesikweletu esingu-R29 000 esisemahlombe akhe. I-OFT isikisela ukuba wenze lokhu okulandelayo ngaphambi kokuba ukwelete: “Zibuze ngobuqotho ukuthi ungakwazi yini ukusikhokhela.” Okwesibili, bheka ezindaweni eziningana. Abantu abaningi bafuna intengo engcono kakhulu uma bethenga izimpahla kodwa bamukela noma imaphi amanani enzalo ashiwo umthengisi. Qhathanisa amanani ozowakhokha ngonyaka ebhange noma ezinkampanini zamakhadi esikweletu ukuze ubone ukuthi ngeke yini uthole inzalo ephansi yesikweleti. Okwesithathu, uma ucindezelwa yisikweletu, funa usizo.
Ukukhiqiza Kabusha Okuwukuhlakanipha
Iqembu labalimi lakha umsele ongamakhilomitha angu-8 eduze kweTrujillo, enyakatho yePeru, lisebenzisa amabhodlela epulasitiki alahlwayo. Ngokwephephandaba laseLima i-Comercio, abalimi abangu-81 bathola indawo engenalutho base befuna umthombo wamanzi, kodwa babengenayo imali yokuthenga ipayipi elalidingeka ukuze badonsele amanzi endaweni yabo. Omunye wabalimi wasikisela enye indlela ukuze baxazulule le nkinga. Bathenga amabhodlela epulasitiki alahliwe futhi bachitha izinsuku ezingu-14 bewasika ngaphambili nangemuva futhi baxhuma angu-39 000 benza ipayipi elilodwa elide. Lo msele uzoletha amanzi kuze kube yilapho kumbiwa umthombo.
Imibungu Iyafunda Futhi Inenkumbulo
Abengosi yezindaba i-Reuters babika ukuthi “akukona nje kuphela ukuthi izinsana ziyafunda lapho zisesesibelethweni kodwa futhi zinenkumbulo yesikhashana yemizuzu eyishumi, kanye nenkumbulo yesikhathi eside, yamahora angu-24.” Abacwaningi abangamaDashi e-University Hospital eMaastricht basebenzisa ukungqangqazela nemisindo ukuze bashukumise “imibungu engu-25 enamasonto aphakathi kuka-37 no-40 esesibelethweni” base “bephawula ukusabela kwayo ngomshini we-ultrasound.” Ngemva kokuba kwenziwe ukuhlola kokuqala, yaphinde yashukunyiswa ngemva kwemizuzu engu-10 nangemva kwamahora angu-24. “Uma umntwana enyakazisa isandla noma unyawo phakathi nomzuzwana owodwa eshukunyisiwe, kwakubhekwa njengokusabela okuhle,” kusho i-Reuters, kodwa “lapho ingane ingasabeli ngemva kokushukunyiswa izikhathi ezine zilandelana, kusho ukuthi ingane iyayikhumbula le nto eyishukumisayo.” Ososayensi bathola ukuthi lapho lokhu kuhlolwa kuphindwa, imibungu yayikujwayela futhi ingabe isasabela kukho, okubonisa ukuthi yayikukhumbula.
Abesifazane Nesifo Senhliziyo
I-Toronto Star ibika ukuthi “isifo senhliziyo besilokhu sibhekwa njengesifo samadoda, nakuba inani elifanayo labesilisa nabesifazane libulawa yiso minyaka yonke.” Leli phephandaba lithi isifo senhliziyo kwabesifazane sivame ukuxilongwa sekwephuzile. Izimpawu zesifo senhliziyo—esiyimbangela yokufa ehamba phambili eNyakatho Melika—ziyahluka kwabesilisa nabesifazane. “Nakuba amadoda evame ukuzwa ubuhlungu obukhulu besifuba obungadlulela nasentanyeni, emhlane nasemahlombe, abesifazane bavame ukuba nobuhlungu bemihlathi, iphika nesicanucanu,” kusho i-Star. Izimpawu zivame ukubonakala kwabesifazane asebevile eminyakeni engu-55 ubudala, lapho izinga le-estrogen selinciphile. “Uma ingasekho nhlobo, siyawafica ngokushesha amadoda ekuphathweni isifo senhliziyo,” kusho uDkt. Stephanie Brister, udokotela ohlinza inhliziyo eToronto General Hospital.
Umdlavuza Wamaphaphu Kwabesifazane BaseBrithani
“Ngokokuqala ngqá abantu ababulawa umdlavuza wamaphaphu sebedlula abantu ababulawa umdlavuza wamabele kwabesifazane baseBrithani, okuwenza ube umdlavuza obulala abesifazane kakhulu,” kubika i-Daily Telegraph yaseLondon. Abesifazane ababulawa yilesi sifo manje yilabo abaqala ukubhema emashumini amane eminyaka adlule ngesikhathi lo mkhuba wawusakhangiswa njengosiza ekunciphiseni umzimba. UMkhankaso Wokucwaninga Ngomdlavuza eBrithani uthi kule minyaka engu-20 edlule, ukubulawa kwabesifazane umdlavuza wamabele kwehla ngamaphesenti amahlanu, kuyilapho ukubulawa umdlavuza wamaphaphu kwakhuphuka ngamaphesenti angu-36. Phakathi nesikhathi esifanayo, inani labesilisa ababulawa umdlavuza wamaphaphu lehla ngamaphesenti angu-31, libonisa ukuncipha kwezinga lokubhema kwabesilisa. UProfesa Gordon McVie, umqondisi-jikelele womkhankaso, uphawula ukuthi naphezu kwezixwayiso, “maningi amantombazane aqala lo mkhuba kunabafana.”
Ukudla Okungonakele Ngaphandle Kwesiqandisi
Ukugcina ukudla okonakalayo kubanda futhi kungonakele ngaphandle kosizo lwesiqandisi sikagesi kuyinselele. Nokho, indlela elula neyongayo esunguliwe ibonakala iphumelela kakhulu enyakatho yeNigeria enemvula encane. Ihilela ukufaka ibhodwe lobumba kwelinye bese ugcwalisa isikhala esiphakathi kwawo ngenhlabathi emanzi. Ukudla kufakwa ebhodweni elincane, bese ibhodwe limbozwa ngendwangu emanzi. “Umoya ofudumele ongaphandle udonsela umswakama phezu kwebhodwe elingaphandle, lapho ufike uhwamuke khona,” kusho umagazini i-New Scientist. “Umhwamuko uhamba nokushisa, ngakho le nqubo yokomisa yenza ukuba ukushisa kulokhu kuphuma ebhodweni, uma nje inhlabathi nendwangu kugcinwa kumanzi.” Uma kusetshenziswa le ndlela, utamatisi nopelepele kungahlala kungonakele amasonto angaphezu kwamathathu futhi ama-eggplant angahlala cishe inyanga. Umsunguli wendlela “yebhodwe ebhodweni,” uMohammed Bah Abba, uthi abalimi manje sebengadayisa izilimo lapho zidingeka, futhi amadodakazi abo, ngokuvamile ahlala ekhaya usuku ngalunye ukuze adayise ukudla, asengaya esikoleni.
Izinhlobo Ezimbili Zezilwane Ziyaphela Njalo Ngesonto Emhlabeni
Umhlaba ulahlekelwa yizinhlobo ezimbili zezilwane zasepulazini njalo ngesonto, kanti izinhlobo ezingu-1 350 zisengozini yokuqothulwa, kubika iphephandaba lase-Italy i-Corriere della Sera. Abacwaningi be-Food and Agriculture Organization (FAO) ye-UN bachitha iminyaka eyishumi behlola izilwane zasekhaya ezincelisayo nezinyoni ezingu-6 500 emazweni angu-170. NgokukaDkt. Keith Hammond, umphathi we-Animal Genetic Resources Group ye-FAO, “uma kungenziwa lutho, ingxenye yesithathu yezinhlobo zezilwane iyobe ingasekho eminyakeni engu-20 ezayo.” Umbiko ovela eRoma wengosi yezindaba i-Reuters uchaza ukuthi ukulandwa kwezilwane emazweni asethuthukile kuye kwayibhebhethekisa le nkinga. Izilwane ezivela kwamanye amazwe zingase zikhwelane nezilwane zendawo, zibangele izilwane zendawo ukuba ziphele. UDkt. Hammond uyaphawula: “Kodwa inkinga iwukuthi lezi zilwane ngokuyinhloko zizwana kahle nezimo zezwe ezivela kulo futhi kunzima ukubhekana nezimo ezivame ukuba zimbi zasemazweni asathuthuka.”