Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Umkhathi Ngalujabulela kakhulu uchungechunge oluthi “Umkhathi—Ingabe Wazivelela?” (October 8, 2000) Kwakuthakazelisa ukubona indlela uJehova uNkulunkulu adala ngayo yonke into ngokuhleleka okungaka. Lesi sihloko sibonisa ngokucacile ukuthi saba khona ngenxa yokudalwa hhayi ngokuziphendukela kwemvelo.
E. V., United States
Ukuphepha Kwezindiza Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukwenza Ukuhamba Ngezindiza Kuphephe Kakhudlwana.” (September 22, 2000) Kodwa ngaqaphela ukuthi igumbi labashayeli elisesithombeni akulona ele-Boeing 747 njengoba kushiwo kodwa ele-Boeing 777.
M. R., Czechia
Asikwazanga ukuthola izithombe zomshini wokulingisa i-Boeing 747. Yingakho isihloko sathi umshini we-747 ‘ufana nalona obonisiwe.’—ED.
Ukuthenga Amasheya Ngiyabonga ngesihloko esinokulinganisela esithi “Ingabe Kuwukuhlakanipha Ukutshala Imali Ngokuthenga Amasheya?” (October 8, 2000) Okuhlangenwe nakho kuye kwangifundisa ukuba ngiwaqaphele amacebiso asolisayo okuthenga amasheya. Ngokuvamile aletha ukulahlekelwa okukhulu. Ngaphambi kokuthenga amasheya, kuwukuhlakanipha ukubheka sonke isimo semakethe yamasheya.
N. B., Germany
Angivumi ukuthi ukutshala imali ngokuthenga amasheya akukona ukuthembela ‘eNhlanhleni.’ (Isaya 65:11) Ukufaka imali yakho esimisweni esiguquguquka njalo esisebenza ngendlela engahleliwe kuwukugembula.
P. B., United States
Kuyiqiniso ukuthi ukutshala imali ngokuthenga amasheya kungaba nengozi enkulu. Kanti futhi, njengakuwo wonke amabhizinisi, kunezici ezingahleliwe ezihilelekile. Kodwa-ke, akunembile ukuthi ukuhweba ngamasheya kuwukugembula. Ukugembula kuhilela ukwenana ngemali ngaphandle kokwenana ngempahla engokoqobo. Nokho, amasheya amelela isabelo esingokoqobo umuntu anaso ebhizinisini. Ngakho ukuhweba ngamasheya kungabhekwa njengokuthenga nokudayisa impahla esemthethweni.—ED.
Ukudingiselwa ESiberia Kwangiqinisa kakhulu ukwethembeka kukaStepan nabanye abafowethu abangamaKristu abathembekile okukhulunywa ngabo endabeni ka-Alexei Davidjuk ethi “Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile.” (October 8, 2000) Sangithinta inhliziyo isizathu esanikezwa sokungathembeki komzalwane othile—“ukuthi wayeka ukufunda nokukholelwa eBhayibhelini.” La magama anginikeza amandla avuselelwe okuba ngiqhubeke ngitadisha imiBhalo Engcwele njalo.
A. V., Georgia
Imidlalo Eyingozi Muva nje nginikezwe ithuba lokuyondiza nge-hang glider. Lokhu kwakuheha kakhulu, kodwa ngangifuna ukwazi ukuthi iBhayibheli lithini ngale ndaba. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngathola impendulo esihlokweni senu esithi “‘Imidlalo Eyingozi’—Ingabe Kufanele Uyizame?” (October 8, 2000) Ngokuqinisekile ukundiza nge-hang glider kubonakala kuvusa amadlingozi. Kodwa ubuhlobo bami noJehova bubaluleke kakhulu ukuba ngingafaka ukuphila kwami engozini ngindize ngayo.
M.M.S., Brazil
Naveza ukuthi uSathane walinga uJesu “ngokunokwenzeka embonweni.” Ingabe ukulingwa kwakhe akwenzekanga ngokoqobo?
C.G.H., United States
Kunezici eziningana zokulandisa kweBhayibheli eziyinkinga uma zithathwa ngokoqobo. Ngokwesibonelo, ayikho intaba ephakeme ngokwanele ukuba uSathane angabonisa uJesu “yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” Futhi cishe kwakungenakwenzeka ukuba uJesu avumele uSathane ukuba amthathe ngokoqobo ‘aye naye emzini ongcwele’ noma ambeke “phezu kombhoshongo wethempeli.” (Mathewu 4:5-8) Kusobala-ke ukuthi kwakuhileleke umbono wohlobo oluthile. Kungakhathaliseki ukuthi wavela kanjani, ukulinga kukaSathane uKristu kwakungokoqobo. Ukwenqaba kukaJesu ukuvumela ukulingwa okunjalo kwabonisa ubuqotho bakhe obungenakwephulwa.—ED.