Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuba Mncane Ngasithanda kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngimncane Kangaka?” (September 22, 2000) Ngingowesifazane oneminyaka engu-32 ubudala, kodwa selokhu kwathi nhló ngimncane futhi nginamahloni ngendlela engibukeka ngayo. Ngiye ngagconwa kukho konke ukuphila kwami, ngibizwa ngamagama anjengokuthi uThilukamentshisi noma uMicondoyenyoni. Lokhu kuye kwangenza ngacindezeleka. Ngiyalithanda iphuzu lenu lokuthi kufanele sifune abantu abasazisa ngenxa yalokho esiyikho ngaphakathi. AmaKristu akufanele agcone abanye ngenxa yezici zemizimba yabo.
W. L., United States
Ukushintsha Izakhi Zofuzo Izolo ebusuku ngifunde uchungechunge lwezihloko ezithi “Ingabe Isayensi Iyokwakha Umphakathi Ophelele?” (September 22, 2000) Ngiye nalo magazini emsebenzini futhi kwaphumela engxoxweni emnandi nomphathi wami, ongudokotela. Imifanekiso ikushukumise ngempela ukucabanga nokwazisa. Siyabonga ngesikhathi, ukuzikhandla nokucatshangelwa ngokucophelela okusobala komfanekiso ngamunye.
N. M., United States
Siyabonga ngokuchaza indaba elukhuni ngendlela eqondwa yibo bonke abantu. Ngiyazibuza ukuthi lapho ososayensi benquma ukuthi ubani ongazala nokuthi ubani “ongakufanelekele,” bayazicabangela yini izimfanelo ezinjengothando, isihe nokwazisa izinto ezingokomoya? Ukuba injulabuchopho noma ukuba nempilo engcono akumenzi ngempela umuntu abe ngcono. Kodwa ngaba nombuzo. Kungani ukuba yinxele kuthiwa yisifo?
J. C., United States
Le nkulumo okubuzwa ngayo yayicashunwe encwadini ethi “The Biotech Century.” Igama elithi “isifo” lalikubacaphuni, okubonisa ukuthi umlobi wayelisebenzisa ngokubhuqa. Le nkulumo iqokomisa ezinye zezinselele zezindinganiso ezilethwa ukushintsha izakhi zofuzo. Kunengozi yokuthi uma sebenamandla okushintsha izakhi zofuzo, abanye bangase bathi izici ezinjengebala lesikhumba noma ukuba yinxele azifiseleki.—ED.
Nakuba isayensi ingesona isifundo engisithandayo, lezi zihloko zangithinta inhliziyo. Ama-eugenics awumkhankaso wabantu abangaphelele abaphishekela ukuphelela. Uma bebengakufinyelela lokho abakucabangayo, bebeyobheka abagulayo nabakhubazekile “njengabangelutho.” Beluyophela uzwela ngabanjalo. Ngokuphambene, uNkulunkulu uthembisa ukuphelelisa umuntu phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:4, 5) Kodwa lokho uyokwenza ngaphandle kokusiphuca inkululeko yethu yokuzikhethela.
S. O., Japan
Umkhathi Ngiyabonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Umkhathi—Ingabe Wazivelela?” (October 8, 2000) Ngingumfundi we-biology osonyakeni wokuqala, futhi lezi zihloko zifundeka njengencwadi—kodwa zibhalwe ngomqondo woMdali ohlakaniphile kunokuba zibhalwe ngenkolelo yokuziphendukela kwemvelo. Yeka ukuthi kuqabula kanjani ukubona lokhu kwaziswa kubekwe ngendlela eyiqiniso nenengqondo!
K. L., United States
Indaba Yokuphila Sangikhuthaza kakhulu isihloko esithi “Into Engiyikhathalela Kakhulu—Ukuhlala Ngithembekile,” (October 8, 2000) esiyindaba elandiswa u-Alexei Davidjuk. U-Alexei wachaza ukuthi umuntu ayemethembe iminyaka eminingi wakhaphela abafowabo abangokomoya. Kwenzeka into efanayo kimi eminyakeni eminingi edlule lapho uhulumeni evimbele umsebenzi wethu wobuKristu. “Abadala” ababili banikeza amaphoyisa omshoshaphansi imininingwane yomsebenzi wethu. Ngenxa yalokho, saboshwa futhi sahlonywa imibuzo. Omunye walabo bafowethu-mbumbulu usashona. Omunye waxoshwa ebandleni. Nokho, esikhathini esingeside esidlule wabuyiselwa. Yeka indlela engibonga ngayo ngokuthi manje sengingambingelela lo mfowethu ngaphandle kokuba nomuzwa wenzondo! Umoya kaJehova kuphela ongenza leyo nto yenzeke.
D. G., Germany