Ingoma Yothando Yenyendle
NJENGOBA ingamamilimitha angu-50 noma ngaphansi ubude, inyendle ingase inganakeki. Kodwa ingoma yale nyendle idonsa ukunakekela kwezigidi zabantu emhlabeni wonke. Lesi sinambuzane esincane sicula kanjani, futhi ngayiphi injongo?
Ngokuthakazelisayo, phakathi kwezinhlobo zenyendle ezibalelwa ku-2 400, ezingamaduna kuphela eziculayo. Kunokucula ngamaphimbo azo, izinyendle ezingamaduna zenza umculo ngezimpiko zazo. Enye inqolobane yolwazi iyachaza ukuthi izinyendle ezingamaduna zenza umsindo ngokuhhudlanisa ingxenye ethile yephiko elingaphambili ezintini ezingu-50 kuya kwezingu-250 zelinye iphiko elingaphambili. Ukuphakama komsindo kuya ngokuthi kushaywa izinti ezingaki ngomzuzwana. Lokho kungqangqazela kugcwalisa umoya ngengoma evelele yenyendle.
Kodwa ngokuqinisekile inyendle eyiduna ayiculi nje ukuze ijabulise izilaleli zayo ezingabantu! Cha, akunjalo neze! Lo mculi usuke ehlose ukukhanga isibukeli esingaba umngane. Incwadi ethi Exploring the Secrets of Nature iyachaza: “Lapho ifuna umngane, inyendle eyiduna, enekhono kwezokuxhumana, icula izingoma ezintathu ezingafani: eyodwa eyokuziveza ukuthi isikhona, eyesibili eyokweshela kanti enye eyokuxosha izimbangi ezingafuneki.” Ezinye izinyendle ziyaqhubeka zicula ukuze ziziveze ukuthi sezikhona kuze kube yilapho inyendle yensikazi ibonisa isithakazelo. Lapho izwa ingoma “ngezindlebe” ezisemilenzeni yayo engaphambili, inyendle yensikazi ayaneliswa ukuvuma inyendle ekude. Njengoba eyensikazi isondela emthonjeni womculo, inyendle eyiduna izoqala ukucula ngokuvevezela okunganqamuki, ingoma yothando. Lo mculo oculelwa eyensikazi uyiyengela kumngane wayo, bese lezi zinyendle ezimbili ziyakhwelana.
EMpumalanga Asia, abanye abantu bafuya izinyendle zamaduna ukuze bajabulele ingoma yazo. Abanye bakhetha ukujabulela umculo onjalo wezinyendle zisendaweni yazo yemvelo. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, ingoma yenyendle encane ijabulisa izilaleli ezingabantu embulungeni yonke futhi ilethe udumo kuMklami wayo.