Inzondo Ewumqedazwe Wembulunga Yonke
KUNESILO esikhulu esibhidlangile—isilo esibizwa ngokuthi inzondo. Sigcwele kuyo yonke imbulunga.
EBalkans kunesifundazwe esibhekene nemiphumela yomkhankaso wamuva wokuqothulwa kohlanga. Ubutha osebunamakhulu eminyaka buye baholela ekubulaweni kwenqwaba yabantu, ukudlwengulwa, ukudingiswa, ukushiswa nokuphangwa kwempahla emizini nasemadolobheni, ukucekelwa phansi kwezitshalo nemfuyo, okuye kwabanga indlala. Amabhomu agqitshwayo nawo asadlangile.
EMpumalanga Timor, eNingizimu-mpumalanga Asia, abantu abangu-700 000 ababethukile kwadingeka babaleke ngoba besaba ukubulawa, ukushaywa, ukudutshulwa ngonya nokususwa ngenkani emizini yabo. Bashiya izwe elalicekelwe phansi amabutho aphangayo. “Ngizizwa nginjengesilwane esizingelwayo,” kukhala omunye wezisulu.
EMoscow isakhiwo sokuhlala sabhidlizwa ukuqhuma okukhulu kwebhomu lamaphekula. Izidumbu zabantu abangu-94 abangenacala—abanye babo okwakuyizingane—zazisakazeke yonke indawo ngenxa yokuqhuma. Bangaphezu kuka-150 abalimala. Ngemva kwalesi senzakalo esishaqisayo, abantu bayabuza, ‘Ubani ozolandela?’
ELos Angeles, eCalifornia, umuntu othile onobandlululo wadubula eqenjini lezingane zasenkulisa ezingamaJuda futhi kamuva wabulala umthuthi weposi wasePhilippines.
Inzondo ingachazwa kahle ngokuthi umqedazwe wembulunga yonke. Cishe nsuku zonke, imibiko yezindaba yembula lokho okwenzekayo lapho ubutha bobuzwe, bobuhlanga, noma benkolo buhlangana nokungabi namthetho. Sibona ukuhlukana kwezizwe, imiphakathi nemikhaya. Sibona amazwe ehileleke ekuqothulweni kohlanga okukhulu. Sibona izenzo zonya ezingachazeki ezibhebhezelwa ukuthi nje abanye abantu “bahlukile.”
Uma lesi silo esibizwa ngokuthi inzondo siyoke sivalelwe, kufanele siqonde umsuka walobu budlova obunenzondo kanje. Ingabe inzondo iyisici sofuzo kubantu? Ingabe iwumkhumba ofundwayo? Ingabe inzondo ingaqedwa?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Kemal Jufri/Sipa Press