Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Imishado Engenaluthando Umshado wami wawusuphelelwe yinjongo. Kwakubonakala sengathi mina nomyeni wami sasingathandani kodwa sasimane nje sibekezelelana. Ngezinye izikhathi ngangicabanga nokufaka isehlukaniso. Kodwa ngenxa yochungechunge oluthi “Ingabe Singawusindisa Umshado Wethu?” (January 8, 2001), uthando lwethu seluvuselelekile.
E. R., Spain
Ngingowesifazane ongumKristu, kodwa kulo nyaka odlule umshado wami ubugcwele usizi. Ngenxa yokuthi mina nomyeni wami sasizwisane ubuhlungu kakhulu, kwakubonakala kungenakwenzeka ukuvuselela ubuhlobo bethu. Kodwa lapho ngifunda lezi zihloko, kwaba njengokungathi uJehova wayethi, ‘Ningadikibali!’ Ngashukumiseleka ukuba ngithathe izinyathelo eziqondile ukuze ngivuselele uthando olufudumele esake saba nalo. Kakade sengiyabona ukuthi umyeni wami uyasabela. Ngizozifunda ngiphindelela lezi zihloko.
N. H., Japan
Ngisanda kubhapathizwa muva nje futhi umkami ongakholwa ubelokhu engiphikisa. Izihloko zenu zingisize ukuba ngibone indlela engingawuphumelelisa ngayo umshado wami. Zafika ngesikhathi.
W. S., Australia
Njengoba nginomshado ojabulisayo, ngaqala ukufunda lezi zihloko nginombono wokuthi zizoba usizo lapho ngisiza abanye. Kodwa zisuka nje, lolu chungechunge lwaluqukethe amaphuzu awusizo angaqinisa isibopho sami somshado.
M. D., Italy
Udade ongumKristu ebandleni lethu wangitshela ukuthi babexabene nomyeni wakhe ongakholwa futhi sebehlala ngokwahlukana. Kamuva wangitshela ukuthi isimo sesingcono kakhulu. Wayethathe lezi zihloko “wazishwabadela,” futhi zamsiza kakhulu ekuxazululeni inkinga. Wathi amaphuzu aphathelene nokukhulumisana ayewusizo ngokukhethekile. Sebebuyelene nomyeni wakhe.
N. S., Canada
Ukudlalisa Onodoli Isihloko esithi “Ubani Okhulumayo?” (January 8, 2001) sangidida. Ingabe lena akuyona indlela uSathane ayisebenzisa ekukhohliseni u-Eva? Ukukhohlisa nobuqili akufanele kube yingxenye yokuphila komKristu.
B. H., United States
Kungakhathaliseki ukuthi uSathane wamkhohlisa kanjani u-Eva, akunakwenzeka ukuthi kwakuwuhlobo lweqiniso lokukhuluma unganyakazisi izindebe, njengoba lelo khono lihilela ukuphefumula ngendlela ekhethekile namasu okukhuluma kanti uSathane uyisidalwa somoya. ImiBhalo ayimelene nokusebenzisa ikhono lokudlalisa unodoli njengendlela yokuzijabulisa. Kodwa-ke, bekuyoba okungalungile ukusebenzisa leli khono ekukhohliseni umuntu ngobuqili noma ekukhuthazeni imikhuba yokusebenzelana nemimoya, njengoba kungenzeka abanye babenza ezikhathini zeBhayibheli. (Isaya 8:19)—ED.
Nami ngiyakujabulela ukusebenzisa ubuciko bokudlalisa unodoli futhi ngiye ngakwenza emibuthanweni eminingi yobuKristu. Njengoba isihloko sabonisa, indlebe yomuntu ayikwazi ukuthungatha ukuthi umsindo uvela ngakuphi ngempela. Kodwa okumangalisayo ukuthi ngeke usikhohlise kanjalo isilwane. Uma ngikhuluma nenja yami ngisebenzisa unodoli, ayibheki unodoli, kodwa ibheka mina. UJehova wapha izilwane izindlebe ezibukhali.
L. R., United States
Inja Engenaboya Nginesimiso engisisebenzisayo—njalo ngiqale ngifunde izihloko engingazithakazeleli. Njengoba ngingazithandi neze izinja, isihloko sokuqala engasifunda kumagazini ka-January 8, 2001 sasithi “Wake Wayibona I-Xoloitzcuintli?” Lapho ngiqeda ukufunda lesi sihloko, ngase ngifuna ukuba nenye yalezo zinja! Kodwa-ke, ngazikhuza. Kumelwe ngivume ukuthi ngemva kweminyaka engu-40 ngifunda omagazini benu, angikaze ngidumazeke. Ngokuvamile ngigcina sengijabulela zona kanye izihloko ebengicabanga ukuthi ngeke ngizithande.
D. W., United States