Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 8/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amadoda Nabafazi—Ingabe Bakhuluma Ngendlela Ehlukile Ngempela?
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 8/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukukhulumisana Namuhla ngithole umagazini ka-January 22, 1994 oqukethe uchungechunge oluthi “Ukukhulumisana Emshadweni.” Cishe lolu uchungechunge oluhle kakhulu kwengake ngalufunda. Sekuwunyaka nengxenye sishadile nomyeni wami. Sinobuhlobo obuhle kakhulu futhi sijabule ngempela, nakuba ngezinye izikhathi kwenzeka singakhulumisani. I-Phaphama! yanikeza ukuqonda okuhle ngembangela yalokhu. Njengoba ngiqala ukufunda lezizihloko okwesithathu, ake ngibonge uJehova kanye nani ngokunyathelisa ukwaziswa okunjena okufike ngesikhathi.

C. M., United States

Umyeni wami uqhubeka kahle njengomdala ongumKristu nomshumayeli wesikhathi esigcwele. Nokho, siye saba negebe lokukhulumisana selokhu sashada futhi siye sabhekana nezikhathi ezinzima. Lezizihloko zasibonisa ngokusobala izimbangela zalenkinga. Siyaqiniseka ukuthi zizosisiza ukuba sithuthukise ubuhlobo bethu.

C. A., Japan

Njengoba ngangifunda ukusabela “kukaZodwa,” ngaqaphela ukuthi kwakufana ncamashí nemizwa yami. Kungashiwo okufanayo ngomyeni wami ‘noSipho.’ Lesisihloko sisiza ekusingatheni imbangela, kunokuba nje sisingathe imiphumela. Futhi ngahlatshwa umxhwele indlela ethakazelisayo lezizihloko ezayibeka ngayo lendaba ebalulekile.

E. F., Italy

Ngisho noma okwamanje ngineminyaka engu-17 kuphela ubudala futhi ngingafuni ukushada kuze kudlule iminyaka ethile, ngakujabulela kakhulu lokhu kuhlaziywa kwesizathu esenza ukuba abantu baziphathe ngendlela abaziphatha ngayo. Ngihlela ukusilondoloza lesisihloko ukuze ngisifunde ngezikhathi ezithile phakathi neminyaka embalwa ezayo. Ngiyosidinga ikakhulukazi lapho sengikulungele ukushada!

N. B., United States

Ubaba ufana ngempela ‘noSipho.’ Kodwa manje ngiyaqonda ukuthi kuyilungelo lakhe ukuzithulela futhi angangikhulumisi. Nakuba lesisihloko sasikhanyisela, ngicabanga ukuthi uzosisebenzisa ukuze aqinisekise ukuthi lokho akwenzayo kulungile.

A. B., United States

Lezizihloko zazama ukusiza abafundi ukuba baqonde isizathu sokuba abesilisa nabesifazane bathambekele ekubeni bazizwe noma baziphathe ngezindlela ezithile. Nokho, sasingaqondile ukubonisa ukuthi abesilisa noma abesifazane banelungelo ngandlela-thile lokuziphatha ngendlela yokungakhulumi noma engafanele. ImiBhalo ikhuthaza obaba ukuba bagweme ‘ukuthukuthelisa abantwana babo.’ (Kolose 3:21) Lokhu kuyakulahla ukuthula ngokungenangqondo isikhathi eside lapho abantwana befuna futhi bedinga ukuqondisa kwabazali.—ED.

Ngiyaqiniseka ukuthi ziyathutheleka izincwadi ezinokukhulumela okuhle ngalezizihloko. Sizani nifake nokwami ukukhulumela. Esihlokweni esikhuluma ‘ngoSipho’ ‘noZodwa,’ naningafaka igama lami nelomkami esikhundleni salamagama. Yeka indlela engifisa sengathi ngabe ngayiqonda ngayo imizwa yomkami! Ngangifana nsé ‘noSipho,’ ngizama ukuhlangabezana nezidingo zakhe ngaphandle kokwenza ngendlela engingafuna ukuba izidingo zami zaneliswe ngayo. Manje umkami weminyaka engu-20 usehlukene nami. Mhlawumbe inhliziyo yomkami iyothintwa ilezizihloko, futhi singazama ukwakha umshado wethu kabusha.

J. K., United States

Imibuzo YeBhayibheli Yeka indlela engalijabulela ngayo ikhasi elithi “Ingabe Wake Wazibuza?” kumagazini ka-January 8, 1994. Ngenza amakhophi alelokhasi futhi ngawathumela kubangane, kumalungu omkhaya, nakwabanye abathakazelayo. Ngabakhuthaza ukuba babheke yonke imiBhalo futhi babhale phansi noma yimiphi imibuzo abangaba nayo. Kuyindlela enhle kakhulu yokuqala ingxoxo yeBhayibheli nabantu abanjalo. Sizani niqhubeke nilinyathelisa lelikhasi!

M. S., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela