Ubani Oyokondla Umhlaba?
INGABE isintu siyoke siqale ukuvikela izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo esikhundleni sokuzicekela phansi? Isazi sezinto eziphilayo, uJohn Tuxill, sithi lokho kuyodinga “ukushintsha okukhulu kwezinkambiso.” Kodwa unezela ukuthi ukushintsha okunjalo “kungenzeka kuphela uma kuba khona ushintsho olukhulu ekuqapheleni kwabantu izinzuzo zezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, isifiso sokushintsha imikhuba ekhona nokuzimisela kwabo ukuzama izindlela ezintsha.”
Abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi ushintsho olukhulu kanjalo luyoba khona. Futhi abaningi bayaphikisana nesiphetho sikaTuxill. Kunososayensi bezemvelo abanomuzwa wokuthi indima yezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo ayikaqondwa kahle futhi mhlawumbe abanye ozakwabo benza ihaba. Noma kunjalo, njengoba ososayensi bephikisana ngale ndaba, kubonakala kufaneleka ukuqaphela inhlaba-mkhosi evela kwabanye abangochwepheshe kulo mkhakha. Babonakala bekhathazekile, hhayi nje ngenxa yokuphela kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo kuphela kodwa nangenxa yomhawu nokungacabangeli ikusasa abakubona kuyimbangela. Phawula lokhu okushiwo abalobi abahlukahlukene.
“Eminyakeni eyikhulu nje edlule, amakhulu ezigidi zabalimi, ababegcwele yonke indawo kule planethi, babelawula imbewu yabo. . . . Namuhla kuye kwakhiqizwa imbewu eningi, yashintshwa izakhi, futhi yagunyazwa yizinkampani emhlabeni wonke futhi yagcinwa njengempahla yokucwaninga. . . . Ngokugxila ezintweni eziletha inzuzo ngokushesha, imboni ye-biotech isongela ukubhubhisa lona kanye igugu lezakhi lezizukulwane ngolunye usuku elingase libe usizo kakhulu njengendlela entsha yokumelana nezifo noma amagciwane amasha amelana nemithi.”—Umlobi wesayensi uJeremy Rifkin.
“Umbono wezindaba, ophindaphindwa njalo, uwukuthi okubaluleke ngempela kumelwe kube ukudayisa, ukuhweba okukhululekile nomnotho womhlaba wonke. Lapho ezezindaba zibuswa umnotho nezithakazelo zezinkampani ezinkulu, lo mbono wezomnotho ufana nemfundiso yenkolo engenakuphikiswa futhi awuvamile ukubekelwa inselele.”—Isazi sesayensi yezakhi zofuzo uDavid Suzuki.
Encwadini yakhe ethi Seeds of Change—The Living Treasure, umlobi uKenny Ausubel uphawula ubuzenzisi emazweni asethuthukile lapho “ohulumeni bawo nezinkampani bezwakalisa ukudabuka ngengozi esondelayo embulungeni yonke yokuqothulwa ‘kwefa elivamile’ lezakhi zofuzo lomuntu.” Uphawula ukuthi nabo basongela izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo ngokuthuthukisa ukusetshenziswa kwamasu anamuhla okulima nokutshala izilimo zohlobo olulodwa.
Kungakhathaliseki ukuthi uvalo lwezazi zemvelo luyafaneleka noma cha, ungase ukuthole kunzima ukuzizwa uqiniseka ngekusasa lale planethi. Ingaba khona isikhathi eside kangakanani lapho isintu sibonakala sibuswa ubugovu? Njengoba befuna izimpendulo bengazitholi, abantu abaningi bathemba ukuthi isayensi iyosisiza.
Ingabe Isayensi Nobuchwepheshe Bungasisindisa?
IRoyal Society of Edinburgh muva nje izwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukuthuthuka kwezesayensi manje sekushesha kakhulu futhi kuchwepheshe kakhulu kangangokuthi ososayensi basengozini yokungaziqondi ngokugcwele izimpawu zale ntuthuko. “Isayensi inikeza ukuqonda okuncane, okungamancozu ngemvelo,” kubhala uDavid Suzuki. “Cishe asazi lutho ngokwakheka kwezinhlobo zokuphila kwaseMhlabeni, ingasaphathwa eyokuthi kuhlobene kanjani nokuthi kuncike kanjani kokunye.”
Njengoba umagazini i-Science wachaza, “izingozi noma izinzuzo zama-GEO [Genetically Engineered Organisms (izinto ezishintshwe izakhi)] aziqinisekile futhi azifani. . . . Ikhono lethu lokubikezela imiphumela yohlobo olusha ezintweni eziphilayo, kuhlanganise nama-GEO, alinembile.”
Okuningi ‘okuyintuthuko’ kuye kwaba mbaxa-mbili. Kunobuhle obuthile, kodwa futhi kubonisa ukuntula kwesintu ukuhlakanipha, kanye nobugovu baso ikakhulukazi. (Jeremiya 10:23) Ngokwesibonelo, nakuba ukwanda kokukhiqizwa kokusanhlamvu kwakhiqiza inala eyondla abantu abaningi, kwaba nengxenye futhi ekulahlekeni kwezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo. Ngokuthuthukisa ukusetshenziswa kwezibulala-zinambuzane namanye amasu okulima abizayo, ukwanda kokukhiqizwa kokusanhlamvu ekugcineni kwazuzisa “abalimi bezitshalo bezinkampani kanye nalabo abaphambili emazweni asathuthuka kodwa kwalahlekisela abantu abavamile,” kubhala uDkt. Mae-Wan Ho. Lo mkhuba uyaqhubeka njengoba ezolimo ezisekelwe kuyi-biotechnology ziba ibhizinisi elikhulu nelinamandla futhi zizosilethela ikusasa lapho ukutholakala kokudla kuyoxhomeka khona kakhulu kuyisayensi.
Kodwa lezi zinkinga akufanele zisenze sidangale. Ngempela, zimane nje zibonisa iphuzu elibalulekile. IBhayibheli lisisiza ukuba sibone ukuthi akufanele silindele lukhulu kubantu abangaphelele abaphethe le planethi nezinto zayo manje. Okwamanje, ukwehluleka nokungaqondisi kahle kumane nje kuyingxenye yesimo somuntu. Ngakho, iHubo 146:3 liyaluleka: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” Kodwa singathembela ngokugcwele kuJehova. (IzAga 3:5, 6) Unesifiso kanye namandla okusisiza.—Isaya 40:25, 26.
Ngokushesha—Umhlaba Oqhakazile Nochumayo
Ngaphambi kokulungisa indlu emahliphihliphi, kungase kudingeke ukhiphe udoti. Ngokufanayo, uJehova uNkulunkulu uzoqale asuse bonke ububi emhlabeni, kuhlanganise nalabo ababheka iplanethi yethu, izinto zayo zemvelo ngisho nabantu njengezinto nje zokuxhashazwa ukuze kutholakale umnotho womuntu siqu nowezinkampani. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 11:18) Kodwa uJehova uyobalondoloza bephila bonke abamthandayo nabalwela ukwenza intando yakhe.—1 Johane 2:15-17.
Ngemva kwalokho, umhlaba nenqwaba yezinto zawo eziphilayo, kuhlanganise nabantu abalalelayo, uyobuswa uhulumeni omiswe uNkulunkulu—uMbuso KaMesiya. (Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 6:10) Futhi yeka ukuthi umhlaba uyokhiqiza kangakanani ngaphansi kwalokho kubusa okuhlakaniphile! IHubo 72:16 lithi: “Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.” Yebo, ukudla ngeke kusaba imbangela yempikiswano nokukhathazeka. Kunalokho, kuyovikeleka futhi kube yinala.
Ngakho njengoba isimiso samanje singena shí esigayegayeni sokuphelelwa yithemba nokungaqiniseki, labo abathemba uJehova bangabheka phambili ekusaseni eliqhakazile khona lapha emhlabeni. Leli themba litholakala ‘ezindabeni ezinhle zombuso,’ oFakazi BakaJehova abazihlanganyela ngenjabulo nabo bonke abafuna izwe elingcono nelinokulunga. (Mathew 24:14) Ngenxa yaleli themba eliqinisekile—nokunakekela kukaJehova abantu bakhe njengobaba—ngisho namanje, ‘singahlala silondekile, sigcineke, singabi naluvalo ngokubi.’—IzAga 1:33.
[Isithombe ekhasini 10]
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ukudla kuyovikeleka futhi kube yinala
[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]
FAO Photo/K. Dunn
[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]
Tourism Authority of Thailand