Ingabe Ingane Yakho Iphephile?
Ngokwe-U.S. National Highway Traffic Safety Administration (NHTSA), izingozi zezimoto ziyimbangela eyinhloko yokufa kwezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-14 ubudala. I-NHTSA ithi: “Izingane ezingaphezu kuka-50% ezifa ezingozini zisuke zingaboshiwe [ngamabhande okuphepha]. Ngaphezu kwalokho, izingane ezine kwezinhlanu zisuke zingaboshiwe kahle.”
I-NHTSA inikeza amacebiso okuphepha nezixwayiso eziningana kulabo abahamba nezingane lapho beshayela. Nakuba imithetho ihlukahluka ngokwamazwe, ngisho nangokwezifundazwe, lezi ziqondiso zingasiza abazali abaningi nabanakekeli bezingane uma bezicabangela. Siza uhlole imithetho yendawo yakini bese wenza konke okusemandleni ukuvikela laba bagibeli abayigugu!
AMACEBISO OKUPHEPHA
Indawo ephephile yazo zonke izingane yisihlalo esingemuva.
1 Izinsana kufanele zifakwe esihlalweni sezingane esibheke emuva esihlalweni esingemuva semoto.
2 Umntwana ononyaka okungenani owodwa ubudala futhi onesisindo esingengaphansi kwamakhilogremu angu-9 angase abekwe esihlalweni esibheke phambili.
3 Uma esenesisindo esingamakhilogremu angu-18, umntwana angasebenzisa “isihlalo esiphakamayo,” esiboshwe ngelinye lamabhande emoto abamba ukhalo namahlombe.
4 Uma esenesisindo esingamakhilogremu angu-36 nobude obungaba amamitha angu-1,4, umntwana usengaqala ukubopha ibhande lokuphepha labantu abadala.
IZIXWAYISO
Izingane akufanele zihlale esihlalweni esiphambili kuze kube yilapho sezineminyaka okungenani engu-13 ubudala. Ama-air bag aphambili angazilimaza kabi izingane ezincane nezinsana.
Uma kusetshenziswa isihlalo esiphakamayo, ibhande elibamba ukhalo kuphela ngeke livikele ngokwanele uma isihlalo esiphakamayo singenaso isivikelo sokungqubuzeka.
Ungacabangi ukuthi ibhande lamahlombe kuphela lizoyivikela ingane encane; uma imoto ishayisa, ibhande lingase lisike ingane entanyeni, ilimale kabi noma ife ngisho nokufa.
Landela iziyalezo ngokucophelela lapho ufaka futhi usebenzisa izihlalo zabantwana zasemotweni. Ngokwe-NHTSA, “ngisho nesihlalo ‘esiphephe kunazo zonke’ singase singayivikeli ingane yakho uma singasetshenziswa kahle.”
[Isithombe ekhasini 31]
Indlela efanele yokufaka isihlalo sengane ihlanganisa nokubopha ibhande lokuphepha liqine