Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/11 kk. 10-11
  • Indlela Yokugwema Izingozi Zomgwaqo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokugwema Izingozi Zomgwaqo
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ijubane Elisemthethweni, Ukubopha Ibhande Nokubhala Imiyalezo Ngomakhalekhukhwini
  • Izimo Zomgwaqo Nokugcina Imoto Isesimweni Esifanele
  • Ukuphuza Bese Ushayela
  • Ingabe Uphephile Ezingozini Zezimoto?
    I-Phaphama!—2002
  • Hlakulela Imikhuba Yokushayela Ngokuphepha
    I-Phaphama!—1988
  • Bopha Ibhande Ukuze Ulondeke
    I-Phaphama!—1998
  • Ingabe Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 7/11 kk. 10-11

Indlela Yokugwema Izingozi Zomgwaqo

UMSINDO wamasondo emoto ebhulekayo, owokushayisa kwayo, owokuphihlika kwamafasitela, owokubangalasa kwabantu . . . Cishe le misindo ijwayelekile kunoma ubani owake wahileleka engozini yemoto. I-Population Reference Bureau ibika ukuthi emhlabeni kabanzi “abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-1,2 bayafa ezingozini zomgwaqo unyaka ngamunye futhi abalinganiselwa ezigidini ezingu-50 bayalimala.”

Noma kunjalo, ukunaka ezokuphepha nokusebenzisa ukwahlulela okuhle kungakusiza ugweme izingozi eziningi. Ake sibone ukuthi kanjani.

Ijubane Elisemthethweni, Ukubopha Ibhande Nokubhala Imiyalezo Ngomakhalekhukhwini

Kweminye imigwaqo ijubane elisemthethweni lingase libonakale liphansi kakhulu. Kodwa ukweqa ijubane ngokuvamile kwenza umehluko ongatheni esikhathini osithathayo lapho uya endaweni ethile. Ngokwesibonelo, ohambweni oluyibanga elingamakhilomitha angu-80, ukukhuphula isivinini sisuka emakhilomitheni ayikhulu ngehora kuya kwangu-130 kungakongela imizuzu engaphansi kwengu-9. Ingabe kuyafaneleka ukuzifaka engozini ukuze wonge isikhathi esiwubala kangako?

Amabhande ezihlalo enzelwe ukukuphephisa. Inhlangano kahulumeni e-United States yaphetha ngokuthi amabhande ezihlalo zemoto asindisa ukuphila kwabantu abangu-72 000 phakathi no-2005 kuya ku-2009 kulelo zwe nje kuphela. Ingabe isikhwama somoya (air bag) sithatha indawo yebhande? Cha. Lesi sikhwama sisebenzisana nebhande lesihlalo ukuze uvikeleke kakhudlwana. Uma ungalibophi ibhande, isikhwama somoya ngeke sikusize kangako futhi singaba ngisho nayingozi. Ngakho-ke, zijwayeze ukubopha ibhande futhi ucele ohamba nabo emotweni ukuba benze okufanayo. Okunye okumelwe kuqashelwe: Ungalokothi uzame ukufunda noma ukubhala umyalezo kumakhalekhukhwini lapho ushayela.

Izimo Zomgwaqo Nokugcina Imoto Isesimweni Esifanele

Amasondo awabambeleli kahle emgwaqweni uma kumanzi, kunothuli, isihlabathi noma amatshe awuhlwayi. Ngokunciphisa ijubane, cishe imoto ngeke ishelele lapho unyathela amabhuleki. Uma uhlale ushayela emigwaqweni eneqhwa, cabangela ukuthenga amasondo aklanyelwe ukuhamba eqhweni. La masondo anamazenga ajulile futhi abambelela kangcono.

Izimpambana-mgwaqo ziyingozi kubo bonke abashayeli. Omunye uchwepheshe utusa lokhu: Uma irobhothi liba bomvu, linda kancane ngaphambi kokuba ungene empambanweni yomgwaqo. Ngokulinda imizuzwana embalwa nje, ungagwema ukushayiswa imoto edlule irobhothi libomvu.

Ukugcina imoto isesimweni esihle kuyinto yokuqala ebalulekile ekugwemeni izingozi. Ake ucabange nje ukuthi kungenzekani uma amabhuleki engase angasebenzi ngenkathi ushayela. Ukuze bavikele izinkinga zenjini, abanye abanini zimoto bahlela ukuba imoto yabo ihlale ihlolwa umuntu owazi kahle lo msebenzi. Ngakolunye uhlangathi, abanye abanezimoto bakhetha ukuzenzela eminye yale misebenzi. Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha ukwenza kuphi, qiniseka ukuthi imoto yakho iyahlolwa futhi ilungiswe ngendlela edingekayo.

Ukuphuza Bese Ushayela

Abashayeli abashayela kahle nangokuphepha bangase bazifake engozini ngokushayela bephuze utshwala. Ngo-2008, bangaphezu kuka-37 000 abantu abafa ezingozini zezimoto e-United States. Ingxenye eyodwa kwezintathu kulaba yafa ezingozini ezazihilela abashayeli ababekade bephuza. Ngisho nobuncane nje utshwala bungaliphazamisa ikhono lakho lokushayela. Abanye banquma ukungaphuzi nhlobo uma bezoshayela.

Ukulalela imithetho yomgwaqo, ukubopha ibhande, ukugcina imoto isesimweni esihle nokugwema ukushayela ngemva kokuphuza utshwala kungavikela impilo yakho kanye neyabanye. Lokhu kusikisela kungakusiza ugweme izingozi lapho ushayela kodwa kuphela uma ukusebenzisa.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]

UNGASHAYELI UMA WOZELA

“Abantu kumelwe bakhumbule ukuthi ukushayela wozela kuyefana nokushayela udakiwe.” Lawo mazwi ashiwo yisikhulu se-U.S. National Sleep Foundation abonisa ingozi yokushayela uphethwe ubuthongo. Izimpawu ezilandelayo zibonisa ukuthi akuphephile ukuba ushayele.a

● Uma ukuthola kunzima ukubheka, ucwayiza njalo noma usindwa amehlo

● Uma ukuthola kunzima ukuphakamisa ikhanda ubheke phambili

● Uma uzamula njalo

● Uma ungawakhumbuli amakhilomitha ambalwa osanda kuwahamba

● Uma udlula indlela obekumelwe uyithathe noma ungaziboni ezinye izimpawu

● Uma usuka emzileni ohamba kuwo, usondela ngokweqile emotweni engaphambi kwakho noma uhamba onqenqemeni oluphakathi nomgwaqo

Uma unalezi zimpawu, nika omunye ashayele noma ume eceleni komgwaqo uthathe isihlwathi. Kungcono ukubambezeleka kunokuzifaka wena nabanye engozini!

[Umbhalo waphansi]

a Lolu hlu lwakhishwa i-National Sleep Foundation.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela