Umbono WeBhayibheli
Ubekezela Kangakanani UNkulunkulu?
‘UNKULUNKULU, NAKUBA ETHANDA UKUBONISA ULAKA LWAKHE NOKWENZA AMANDLA AKHE AZIWE, WAZIBEKEZELELA NGOKUBHEKAKADE OKUKHULU IZITSHA ZOLAKA EZENZIWE ZAFANELWA UKUBHUJISWA.’—ROMA 9:22.
KUWO wonke umlando uNkulunkulu uye wabekezelela ububi obukhulu nokungalungi okusobala. Eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule, uJobe wakhala: “Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na? Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo, nabantwana babo phambi kwamehlo abo. Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.” (Jobe 21:7-9) Abanye abathandi bobulungisa, njengomprofethi uJeremiya, baye bakhathazeka lapho kubonakala sengathi uNkulunkulu ubekezelela abantu ababi.—Jeremiya 12:1, 2.
Ucabangani wena? Ingabe kuyakuxaka ukuthi uNkulunkulu uvumela ububi? Ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu kufanele asheshe ababhubhise bonke ababi khona manje? Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngokulinganiselwa kokubekezela kukaNkulunkulu nezizathu zako.
Kungani UNkulunkulu Ebekezela?
Okokuqala, kufanele sibuze: Kungani nje ngempela uNkulunkulu, onezindinganiso eziphakeme kangaka zokulunga, ebekezelela ububi? (Duteronomi 32:4; Habakuki 1:13) Ingabe lokhu kusho ukuthi uyabamukela ububi? Phinde! Cabangela umzekeliso olandelayo: Ake sithi kunodokotela ohlinzayo ophula izimiso eziyinhloko zokuhlanzeka futhi ozizwisa ubuhlungu obukhulu iziguli zakhe. Uma esebenza esibhedlela, ingabe ubengeke axoshwe ngokushesha? Kodwa kunezinye izimo lapho kungase kudingeke ukuba kubekezelwe kakhudlwana. Ngokwesibonelo, ezimweni eziphuthuma kakhulu, mhlawumbe enkundleni yempi, ingabe bekungeke kudingeke ukuba kubekezelelwe odokotela abasebenza ezimweni eziyingozi, mhlawumbe besebenzisa ngisho nalokho ngokuvamile obekungabhekwa njengemishini namathuluzi okuhlinza asezingeni eliphansi?
Ngendlela efanayo, namuhla uNkulunkulu ubekezelele ngesineke izinto eziningi azithola zingamukeleki nhlobo. Nakuba ebuzonda ububi, ubuvumele buqhubeke okwesikhashana. Kunezizathu ezinhle zokuba enze kanjalo. Phakathi kokunye, lokhu kuvumela isikhathi sokuba izimpikiswano ezibucayi ezaphakanyiswa ukuhlubuka kukaSathane ensimini yase-Edene zixazululwe unomphela. Lezi yizimpikiswano ezihlobene nokulunga nokufaneleka kwendlela kaNkulunkulu yokubusa. Kanti futhi, ukukhuthazelela kwakhe ububi ngesineke kunikeza labo abahileleke ebubini isikhathi nethuba lokuba bashintshe.
UNkulunkulu Onesihe Nesineke
Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kuNkulunkulu. UNkulunkulu wayengababhubhisa kufanelekile ngaso leso sikhathi. Kunalokho, wazibonakalisa enesihe nesineke, ebavumela ngothando ukuba babe nezingane. Kodwa lezi zingane, kanye nawo wonke umkhaya wesintu ovela kuzo, zazalelwa esonweni.—Roma 5:12; 8:20-22.
UNkulunkulu wayehlose ukuhlenga umuntu esimweni sakhe esidabukisayo. (Genesise 3:15) Nokho, okwamanje, ngenxa yokuthi uyaqonda ukuthi ukungapheleli esakuzuza ku-Adamu kusithinta kanjani, ubonisa isineke nesihe esikhulu kakhulu. (IHubo 51:5; 103:13) “Uvame ubumnene” kanti ukulungele futhi uzimisele ‘ukwenza ukuthethelela kube kukhulu.’—IHubo 86:5, 15; Isaya 55:6, 7.
Ukulinganiselwa Kokubekezela KukaNkulunkulu
Nokho, bekungaba ukuntula uthando nokungacabangeli ngoNkulunkulu ukuvumela ububi buqhubeke kuze kube phakade. Akekho ubaba onothando obengabubekezelela unomphela ububi obenziwa enye yezingane zakhe kwamanye amalungu omkhaya iwaziswa ubuhlungu obukhulu ngamabomu. Ngakho ukubekezelela kukaNkulunkulu isono kuyohlala kuhambisana nezinye izimfanelo ezinjengothando, ukuhlakanipha nobulungisa. (Eksodusi 34:6, 7) Uma injongo yokubhekakade kwakhe isifeziwe, ukubekezelela kwakhe ububi kuyophela.—Roma 9:22.
Umphostoli uPawulu wakubonisa ngokucacile lokhu. Ngesinye isikhathi wathi: “Ezizukulwaneni ezidlule [uNkulunkulu] wavumela zonke izizwe ukuba ziqhubeke zihamba ezindleleni zazo.” (IzEnzo 14:16) Ngesinye isikhathi uPawulu wakhuluma ngendlela ‘uNkulunkulu aye wangazinaka ngayo izikhathi zokungazi okunjalo’ kwabantu abaye bangalalela imithetho nezimiso zakhe. UPawulu waqhubeka: “Manje [uNkulunkulu] utshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke.” Ngani? “Ngoba umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo ngokulunga umhlaba owakhiwe.”—IzEnzo 17:30, 31.
Zuza Manje Ekubekezeleni KukaNkulunkulu
Ngakho-ke, ngokuqinisekile akekho umuntu okufanele acabange ukuthi angayishaya indiva imithetho kaNkulunkulu abese amane acele intethelelo kaNkulunkulu uma efuna ukubalekela imiphumela yezenzo zakhe. (Joshuwa 24:19) Abaningi kwa-Israyeli wasendulo babecabanga ukuthi bangakwenza lokho. Babengeke bashintshe. Balahlekelwa injongo yokubekezela nesineke sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akazange abubekezelele unomphela ububi babo.—Isaya 1:16-20.
IBhayibheli libonisa ukuthi ukuze umuntu agweme isahlulelo sikaNkulunkulu sokugcina, kumelwe “aphenduke”—okungukuthi, adabuke lapho eqaphela isimo sakhe sokungapheleli nesono phambi kukaNkulunkulu abese elahla ububi ngobuqotho. (IzEnzo 3:19-21) Khona-ke, ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu, uJehova uNkulunkulu uyomthethelela. (IzEnzo 2:38; Efesu 1:6, 7) Ngesikhathi sakhe esifanele, uNkulunkulu uyoqeda yonke imiphumela ebanga usizi yesono sika-Adamu. Kuyoba khona “izulu elisha nomhlaba omusha” lapho engeke esakubekezelela “ukuba khona . . . kwezinto ezikhalela ukubhujiswa.” (IsAmbulo 21:1-5; Roma 9:22, Phillips) Yeka umphumela omangalisayo wokubekezela kukaNkulunkulu okungavamile, kodwa okunomkhawulo!
[Isithombe ekhasini 23]
UNkulunkulu wavumela u-Adamu no-Eva ukuba babe nenzalo