Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Induduzo Kwabagulayo Ngineminyaka engu-22 ubudala, futhi ngiye ngaphathwa umdlavuza owohlozayo ingxenye enkulu yokuphila kwami. Ngazijabulela izihloko eziwuchungechunge ezithi “Induduzo Kwabagulayo.” (January 22, 2001) Kwakungeve kududuza ukwazi ukuthi uJehova uyayiqonda imizwa yokukhungatheka nentukuthelo engiba nayo! Ngiyayiqonda indlela uWilliam noRose Meiners abazizwa ngayo nababhekana ngayo nesimo sabo. UJehova uyakwazi ukusekela abamthandayo!
A.C.C., Chile
Izicisha-mlilo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Umlilo! Yisiphi Isicisha-mlilo Okufanele Usisebenzise?” (January 22, 2001) Ngicela nithumele amakhophi angu-130 alo magazini ukuze siwanikeze ngamunye wezisebenzi zethu aye nawo ekhaya.
D. F., United States
Ngiyabonga ngokuzikhandla kwenu kulesi sihloko. Awukho omunye umagazini onamakhasi angu-32 onokwaziswa okuhlukahlukene kangaka okuwusizo. Kodwa ngingathanda ukuphawula ukuthi lapho nakhuluma khona ngesicisha-mlilo ‘esinempuphu’ ngicabanga ukuthi nanisho isicisha-mlilo “esinekhemikhali eyomile.” Izicisha-mlilo eziyimpuphu, ezinenkanyezi ephuzi enohlamvu D, zingasetshenziselwa umlilo wezinto ezisansimbi kuphela, kanti izicisha-mlilo ezinekhemikhali eyomile zingasetshenziselwa ukucisha umlilo wohlobo ABC noma BC.
J. H., United States
Siyabonga ngokucacisa iphuzu. Kwamanye amazwe elithi “izicisha-mlilo eziyimpuphu” lihlanganisa nalokho okwaziwa ngokuthi izicisha-mlilo ezinekhemikhali eyomile e-United States. Njengoba i-“Phaphama!” iwumagazini womhlaba wonke, ukuhlukana kwamagama kuyolokhu kuba khona ngezikhathi ezithile.—ED.
Ngisemncane Kakhulu Ukuba Ngingaphola? Ngasijabulela ngempela isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Abazali Bami Becabanga Ukuthi Ngisemncane Kakhulu Ukuba Ngingaphola?” (January 22, 2001) Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi ngiye ngaphetha ngokuthi angikawulungeli umshado noma ukunakekela umkhaya. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngicabangisise ngaphambi kokuba ngiphole futhi ngisebenzise ukuqonda uma ngolunye usuku nginquma ukuphola nokushada.
A.M.H., United States
Njengoba ngineminyaka engu-15 kuphela ubudala, ukucindezela kwasesikoleni kokuba ngiphole kuyangikhathaza kakhulu. Kuyangikhuthaza ukwazi ukuthi nginokusekelwa okuvela eBhayibhelini nakwamanye amaKristu. Lokhu kuyangisiza ukuba ngime ngiqinile!
L. M., Canada
Ngangisiqonda kahle isithombe sabasha ababili abakhuluma ocingweni ngoba ngangibona ukuthi nakimi kuya lapho. Kwadingeka ngiyeke ukuzihlanganisa nomuntu oyedwa ngoba ngiyazi ukuthi angikakulungeli ukuphola. Izihloko ezinjengalezi ziyangikhuthaza ukuba nginamathele esinqumweni sami sokulinda.
M.R.C., United States
Ngineminyaka engu-14 ubudala. Lesi sihloko sangisiza ngempela ukuba ngiqonde ukuthi kuyingozi kangakanani ukuphola usengangami, ngoba angikawulungeli neze umshado. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone isidingo sokuthuthukisa ubuhlobo bami noJehova manje kunokuphishekela ezothando.
A. P., Canada
Ungathi lesi sihloko sasibhalelwe mina. Ngangicabanga ukuthi abazali bami baqine kakhulu futhi abayiqondi imizwa yami. Manje ngiyaqonda ukuthi benza konke abangakwenza ukuze bangisize futhi bangivikele. Sengijahe ukufunda izihloko zesikhathi esizayo ‘Zentsha Iyabuza’!
H. E., Romania