Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isehlukaniso Izihloko zenu ezazikhuluma ngesithi “Isehlukaniso—Umphumela Waso Kubantu” (February 8, 1992) zingishukumisele ukuba ngibhale. Ngo-1988, ngahlukanisa ngemva kweminyaka emine ngishade nesithandwa sami sasesikoleni esiphakeme. Ngangiyozama ukusindisa umshado wami ukuba ngangikwazi lokho engikwaziyo manje. Isehlukaniso siyakulimaza ngokwezimali. Futhi nakuba amadoda ashadile exhaphaza abesifazane abahlukanisile, amadoda angashadile awabafuni abesifazane abanezingane. Bangase baphole nawe, kodwa ngeke bakushade. Ngokuqinisekile ngithemba ukuthi lesihloko siyosindisa okungenani umshado owodwa; angikwazanga ukusindisa owami.
T. R., United States
Iphuzu lenu lokuthi kunemiphumela ebuhlungu esahlukanisweni, ngisho nalapho kunezizathu ezithethelelekayo, liyiqiniso. Ngezinye izikhathi ngizizwa ngihlaselwa imizwelo. Ukuhamba kwesikhathi, isimiso semisebenzi engokomoya, nomusa kaJehova wothando kuye kwanciphisa ukuvama namandla alemizwelo enzima.
M. H., United States
Intsha Iyabuza Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kubonisa Ukuphila Engqondweni Ukuba Msulwa?” (March 22, 1992) Njengoba abaningi bengihleka usulu ngokulondoloza ubumsulwa bami, ngaqala ukuba nokungabaza ngalendaba. Kodwa lesihloko sangivula amehlo. Sengiye nganquma ukulondoloza inhlala-kahle yami engokomzimba nengokomzwelo, futhi okubaluleke kakhulu, ubuhlobo bami obuhle noNkulunkulu.
A. R., Brazil
Ngasazisa isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingafaneleki?” (October 22, 1991) Safika ngesikhathi lapho ngangizizwa ngikhathazeke ngempela ngokungafaneleki emaqenjini. Ngakwazi ukuphendula osemusha owathi, ‘Uma ungagqokile izicathulo ezifanele zethenisi, awufaneleki,’ ngoba anginayo imali yokuthenga zonke izingubo ezisesitayeleni. Isihloko senu singisizile ukuba ngibone ukuthi angingedwa.
K. M. S., United States
Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?” (January 22, 1992) Ngisho nakuba ngingeyena osemusha futhi ngingempofu ngempela, lesihloko singisizile. Mina nomyeni wami siye sabhekana nobunzima obungokwezimali. Ithemba lalingekho kangangokuba ngazizwa ngingakwazi ukunyakaza. Ukwaziswa kwangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi ukucabanga kwami okuphambene kwakumane kwenza izinto zibe zimbi kakhulu. Manje sengikwazi kangcono ukubekezela.
K. J., United States
AmaInca Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Ukuhlola Ukuchuma KwamaInca.” (January 22, 1992) Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi ukufunda ngezimpucuko zaseNingizimu Melika zangaphambi kwesikhathi sikaColumbus bekulokhu kungithakazelisa. Isihloko senu besithakazelisa kakhulu, sinenjongo, futhi sihlukile kwezinye engike ngazifunda. Loluhlobo lokwaziswa luyasisiza ukuba sandise ulwazi lwethu ngezifundo ezinhlobonhlobo ngendlela engokoqobo nejabulisayo.
D. A. S., Argentina
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla.” (February 22, 1992) Umngane wami omkhulu uhlala ekhononda ngesisindo sakhe. Unesisindo nje [samakhilogremu acishe abe ngu-45], futhi mina ngisiphinda kabili isisindo sakhe! Ngakho kungenza ngibe namahloni ngempela ngokukhuluphala kwami. Ngiye ngazama zonke izindlela zokuzincisha ukudla kodwa ngahluleka. Ngiye ngaba nenhlonipho encane kakhulu ngami uqobo ngenxa yokuba mkhulu kangaka. Isihloko senu singisizile ukuba ngakhe kimina inhlonipho eyengeziwe ngami ngokwami.
P. M., United States
Cishe sekuyiminyaka emibili manje ngikhululekile ekulawulweni ibulimia eqhubekayo. Ukuhlolwa kwansuku zonke umyeni wami, futhi nokuthandaza njalo kuJehova, kwaba umthombo wamandla okululama kwami. Enye into eyasiza kwakuwukugcina ukudla okunempilo njengezithelo nemifino ekhishini lami esikhundleni sokudla okungenamsoco. Iyamangalisa indlela ipentshisi eliqala ngayo ukuzwakala linoshukela lapho usuyekile ukudla ukudla okungenamsoco!
S. G., United States