Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuphila Okumatasa Uchungechunge oluthi “Ukubhekana Nokuphila Kwanamuhla Okumatasa” (February 8, 2001) lwaveza umnyombo wezinkinga zomphakathi wanamuhla. Ngakhangwa umbuzo othi “Ingabe okuza kuqala kuwe yizinto noma abantu?” Sizani niqhubeke nisinyathelisela izihloko ezinhle kangaka!
Y. K., Japan
Lezi zihloko zangisiza ukuba ngihlele izinto eziza kuqala futhi ngihlaziye imisebenzi yami. Nginganakile, ngase ngibanjwe ugibe olwalungenza ngihlale ngikhathele, ngikhathazekile futhi ngikhandlekile ngokwengqondo. Manje sengishintsha imikhuba yami futhi nginaka okubaluleke ngempela. Ngiyabonga ngokungisiza ukuba ngenze ukuphila kwami kube lula!
L.D.C., Guatemala
Isimiso Somzimba Sokuzivikela Ezifweni Ngathatha umagazini ka-February 8, 2001, onesihloko esithi “Abalindi Abavikela Impilo Yakho,” ngawunika udokotela osebenza emkhakheni wokunqandwa kwezifo. Wasijabulela isithombe esisekhasini 15, esibonisa amangqamuzana amhlophe egazi ehlasela amagciwane. Wasikhulisa wasifaka efulemini, futhi usesisebenzisela ukuchazela abantu ngesimiso somzimba sokuzivikela ezifweni.
H. K., Japan
Sengineminyaka engu-30 ngifunda i-Phaphama!, futhi ngikwazisa kakhulu ukwaziswa kwayo okufika ngesikhathi. Isihloko esithi “Abalindi Abavikela Impilo Yakho” sangihlaba umxhwele kakhulu ngoba sangisiza ngaqonda indlela emangalisayo esisebenza ngayo isimiso sokuzivikela ezifweni uJehova asifake emizimbeni yethu.
L. G., Mexico
Ngingudokotela, futhi ngafunda ngokuzivikela komzimba ezifweni lapho ngisafundela ubudokotela. Kwakunzima ukuyiqonda incazelo yencwadi yesikole echaza lesi simiso, kodwa lesi sihloko sasisihle kakhulu. Sifingqa indaba ngendlela okulula ukuyiqonda. Kunothisha owake wathi uma sitadisha ngesimiso somzimba sokuzivikela ezifweni, asinazizathu ezinengqondo zokuphika ukuthi senziwe uNkulunkulu. Ngibheke phambili kwezinye izihloko ezinhle ezikhuluma ngomzimba womuntu.
N. K., Japan
Ama-tsunami Ngineminyaka engu-12 ubudala, futhi ngibafunda bonke omagazini benu. Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Amagagasi Abulalayo—Izinganekwane Namaqiniso.” (February 8, 2001) Ayangithakazelisa la magagasi, futhi ngayijabulela indlela enabonisa ngayo ngomfanekiso ukuthi anamandla kangakanani.
K. S., United States
Ubuthi Bemisebe Yangihlaba umxhwele incazelo elula yesihloko esithi “Ubuthi Bemisebe—Imbangela Yokukhathazeka.” (February 22, 2001) Bengazi ukuthi izinto ezinjenge-strontium 90 ziyingozi kakhulu, kodwa bengingazi ukuthi zithinta umuntu kusukela esemncane. Ukuqonda izindaba ezinjalo eziyinkimbinkimbi kuyasiza kakhulu ngoba kusiza abantu baqaphele ukuthi umuntu uyaludinga ngempela usizo loMdali Omkhulu ukuze athole amakhambi. Siyabonga kakhulu ngokuqhubeka nikhathalela abafundi benu ngokuzenza zibe lula izihloko ezinzima kangaka ukuze wonke umuntu azuze kuzo.
M. Z., Italy
Intsha Iyabuza Ngaqala ukufunda umagazini i-Phaphama! kusukela ngesikhathi usabizwa ngokuthi i-Consolation. Nakuba sengimdala manje, ngiyakujabulela ukufunda izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” Ngokucabanga ngezinye zezimo ezishiwoyo ngombono womuntu omdala, ngizuza okuningi futhi ngithola neseluleko esihle. Lolu chungechunge lufundisa ngisho nabantu abadala njengami.
R. S., United States