Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Umbala Ngiyabonga ngesihloko esithi “Nezela Umbala Othile Ekuphileni Kwakho.” (October 8, 1990) Isiqondiso esanikwa lapho sasisihle kakhulu futhi sangisiza kakhulu ekukhetheni kwami izingubo. Nginobunzima ekuvumelaniseni imibala, futhi bengithambekele ekugqokeni umbala omnyama nomhlophe kuphela. Manje izinto zizokwehluka!
D. M. D., Brazil
Isimiso Sokuzivikela Somzimba Ngibhala ukuze ngizwakalise ukwazisa ngezihloko zenu ezikhuluma ngesimiso sokuzivikela somzimba. (November 22, 1990) Ngafunda isayensi yokuzivikela komzimba esikhathini eside esidlule njengengxenye yezimfuneko zezifundo zami zokuthola iziqu. Ngifisa sengathi ngabe uprofesa wami wayechaza ngokucacile nangokukhanyayo njengoba nenzile. Isifundo sokuvuselela ngempela! Ngiyabonga ngokuchaza isimiso sokuzivikela komzimba ngamafuphi.
O. O. O., United States
Ngifuna nje ukunihalalisela ngesihloko sesayensi esihle kunazo zonke engake ngazifunda esikhuluma ngesimiso sokuzivikela somzimba. Ngajabulela ikakhulukazi esithi “Ukuvikelwa Okungokomoya Ekuwohlokeni Kokuziphatha.” Yeka ukukhanyiselwa!
R. K., United States
Imisebenzi Yangemva Kwesikole Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngajabula ngokuthola isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Umsebenzi Wangemva Kwesikole Uyongisiza Ukuba Ngikhule?” (November 22, 1990) Ngathatha lomsebenzi ngesikhathi sokuphumula sasehlobo kulonyaka, njengoba ngangifuna ukufunda ngokuphila kwabantu abadala. Kwadingeka ngisebenzelane nomqashi ozidlayo, izinkinga ezingajabulisi nezisebenzi engikanye nazo, nokunye. Ukuba ngangifunde lesihloko kusengaphambili, ngicabanga ukuthi bengiyokhetha ukufunda ngokuphila ngendlela engebuhlungu kangaka. Ngijabula kakhulu ngokuthi niyaziqonda izidingo zentsha.
T. F., eJapane
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Ngiye ngalwisana nebulimia (ukudla kakhulu ungasuthi) iminyaka eyisikhombisa. Ngatshela umama, wathi kwakumane nje kuyisimo engangizophuma kuso njengoba ngikhula. Ezinyangeni eziyisithupha kamuva ngangingakaphumi kuso. Ngakho-ke ngatshela abesifazane abambalwa abangamaKristu, futhi bangihlola ngezikhathi ezithile. Kuye kwangenza kanye kusukela lapho. Ukuba nabanye abantu abakusekelayo kuwusizo olukhulu, kodwa isisusa sangempela siwukwesaba ukudumaza uMngane wami, uJehova. Ngiye ngafunda izincwadi eziningi ngalendaba, kodwa izihloko zenu (December 22, 1990) zazikhanya kahle futhi zishaya emhloleni ngalokhu kuphazamiseka.
E. S., United States
Ngesikhathi ngineminyaka engu-13 ubudala, ngaba nomkhuba wokudla bese ngihlanza. Esikhathini esingaphansi kwehora, ngangidla isilinganiso sokudla ngokuvamile okungasuthisa abantu abayishumi. Ngosizo lukameluleki oqeqeshiwe oyisazi sokuphazamiseka kwemikhuba yokudla, ngenza izinguquko. Manje nginguFakazi kaJehova obhapathiziwe. Ngibonga kakhulu ngokusinikeza izihloko ezicwaningwe kahle kangaka futhi ezilinganiselwe ngokuqondene nezinkinga eziyinkimbinkimbi kanje.
N. I., eJapane
Ubuzalwane Bomhlaba Wonke Ekuqaleni kukaNovember, uthisha wami wasicela ukuba sibhale indatshana ngendaba ethi “Ingabe enye impucuko kufanele ibhekwe njengenkulu kunenye?” Izihloko ezikhuluma ngobuzalwane bomhlaba wonke (December 8, 1990) zafika ngesikhathi esifanele! Uthisha wami wangibuza ukuthi ngakutholaphi ukwaziswa kwami, ngamnika izihloko zePhaphama! Ngathola isilinganiso samamaki angu-18 (kwangu-20) ngalendatshana!
L. Q., France
Iglaucoma Umamezala wayezongibona futhi wangitshela ukuthi wayebona imibala eluhlaza okwesibhakabhaka nephuzi kanye nesiyingi sokukhanya ebusweni babantu. Ngathola isihloko esithi “Iglaucoma—Isela Lokubona Eliwumshoshaphansi!” (May 8, 1988, isiNgisi) Ngenxa yalokhu kwaziswa, kwenziwa ukuxilonga okusheshayo, futhi umamezala manje usezokwelashwa. Yeka indlela engiyibonga ngayo iPhaphama!
G. S., ENgilandi